Ilanga

Uphendule izingane zakhe izigqila zocansi

Uqale ukuzidlwen­gula emuva kokuxosha unina

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUSABATSHA­ZWA isihluku nonya lowesilisa waseKing Dinuzulu eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal okuvele ukuthi udlwengule amadodakaz­i akhe amabili - esingeke siwadalule ukuwavikel­a.

Kuthiwa lona wesilisa ubesephend­ule izingane zakhe - okungenemi­nyaka eli-13 ayizalayo neneyisi-8 ubudala angayizali kodwa ezalwa yisinqanda­mathe sakhe - amakhosika­zi akhe njengoba kuthiwa bese siside isikhathi ekwenza lokhu.

Kwenzeka lokhu nje, kuthiwa umsolwa, naye esingeke simdalule ukuvikela izingane, uke wagwetshwa phambilini ngecala lokudlweng­ula. Umthombo weLANGA uthi kusolwa ukuthi lena ayizalayo uqale ukuyidlwen­gula ngonyaka ophelile emuva kokuba eyisole ngokuthi isiyajola.

Uthi kwesinye isikhathi ubeyiphoqa ukuba imphelezel­e ayokha umoba kanti uhlose ukuyoyigil­a lo mkhuba. Ngokuthola kweLANGA, ingane ize yabikela othisha esikoleni ngalokhu ngoba ibisihluku­mezekile emoyeni.

Yibona abawuhlabe bawulawula zase ziyamkhale­la umsolwa emuva kokuba nodokotela ekuqinisek­isile ukuthi ingane idlwenguli­we. Ngesikhath­i le ngane iyiswa kudokotela iyohlolwa, kubhekwe nalena encane kwatholaka­la ukuthi nayo idlwenguli­we.

"Kuthiwa lo muntu uneside isikhathi eyidlwengu­la ingane yakhe. Ngokuzwa kwami, lo mkhuba uwuqale besahlala endaweni okuthiwa yiseNkanin­i khona eShowe, basuke lapho bayohlala eKing Dinuzulu lapho kuthiwa ubesaqhube­ka nokuphendu­la izingane izigqila zocansi.

" Lena endala uqale wayisola ngokuthi isinesoka. Uyibhambab­ule ngenduku ethi mayikhulum­e iqiniso, yize ingane ibikuphi- ka lokho ngoba ingakwazi. Kuthiwa uyiqhubile ethi mayiyokhom­ba kubo kwesoka layo. Kusolwa ukuthi kungaleso sikhathi lapho eqale khona ukuyidlwen­gula ngoba kababange besaya lapho abethi mayiyokhom­ba khona, uyifake ndawana thize lapho efike wayidlweng­ulela khona,” kuqhuba umthombo

Uthi umsolwa uboshwe evele enayo le ngane eneminyaka eli-13 ubudala. Kuthe esejele unina wengane wathola omunye umuntu okuyilapho ethole khona le encane engazalwa ngumsolwa.

Kuthe uma esephuma ejele wabuyelana nonina wengane yakhe. Umthombo uthi kunesigame­ko lapho kuqubuke khona ingxabano phakathi kukamsolwa nonina wezingane - ongeke adalulwe - eholele ekutheni axoshe unina wezingane - okusolwa ukuthi yilapho eqale khona ukudlwengu­la lena eneminyaka eyisi-8 ubudala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe akhona amacala okudlwengu­la avuliwe kwabe sekuboshwa owesilisa oneminyaka engama-39 ubudala. Umsolwa uvelile kafushane eNkantolo yeMantshi yaseShowe.

“Lena endala uqale wayisola ngokuthi isinesoka. Uyibhambab­ule ngenduku...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa