INTSHA YE-ANC ITHI ICALA LIMAYELANA NENGQUNQHUTHELA ENGOZIBANDLELA
SINGASE sidale olunye uqhekeko isinqumo ecaleni le-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal esikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesibili esichitha ubuholi baleli qembu njengento engekho. Lobu buholi bulidlulisela phambili leli cala.
Inkantolo inqume ukuthi ingqungquthela yaleli qembu ebimhla ziyisi-5-8 kuLwezi (November) wezi-2015 ibingekho emthethweni. Kule ngqungquthela kukhethwe uMnu Sihle Zikalala njengosihlalo we-ANC KwaZulu-Natal ehlula uMnu Senzo Mchunu.
Emuva kwalokho kukhale imbazo emalungeni amaningi aleli qembu abekuhulumeni - obekuthiwa ahambisana noMnu Mchunu. Ngemuva kwesinqumo senkantolo, ubuholi besifundazwe bumemezele ukuthi buzolidlulisela phambili leli cala kanti isigungu esiphezulu sikazwelonke kuleli qembu, lisigxekile lesi simemezelo.
Okhulumela i-ANC, uMnu Zizi Kodwa, uthe i-ANC KwaZu-u-Natal bekungamele isheshe imemezele ukudlulisa icala ingakakhulumi nesigungu esiphezulu.
“Bekumele banike isigungu esiphezulu ithuba lokuba sihlangane, sidingide isinqumo senkantolo ngaphambi kokuba bamemezele ukudlulisa icala. Lokhu kugwema ukukhuluma okwehlu- kene emalungeni eqembu,” kusho uMnu Kodwa okubeke kwacaca ukuthi isinqumo senkantolo kasichazi ukuthi kukhona onqobile noma ohluliwe.
Kuleli cala isinqumo sivune abeseka uMnu Mchunu osephumele obala ngokuthi weseka uMnu Cyril Ramaphosa esikhu-ndleni sokuhola i-ANC engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ezoba ngoZibandlela (December) nonyaka.
Izinhlaka ezingaphansi kwe-ANC KwaZulu Natal okubalwa i-ANC Youth League (ANCYL), i-ANC Women’s League (ANCWL), uMkhonto Wesizwe Veterans nobuholi bezifunda zaleli qembu, esigcawini sabezindaba zisho ngazwilinye ukuthi ziyahambisana nesi- nqumo sokudlulisa leli cala.
Zithe ziyabuseka ngokugcwele ubuholi bukaMnu Zikalala. UMnu Kwazi Mshengu ongusihlalo we-ANCYL KwaZulu-Natal, uthe bayaxakeka ngokushiwo yisigungu esiphezulu se-ANC ekubeni singakaze siphawule lutho ngesikhathi kuqhubeka icala.
“Leli cala belibhekene nobuholi besifundazwe kusukela liqala, ubuholi obuphezulu kabuzange bubekhona nangolulodwa usuku enkantolo ukuzokhombisa ukuseseka. Kungani uma sekumele kuthathwe isinqumo sokudlulisa icala bese bungenelela ekubeni bebuthule?‚"kusho uMnu Mshengu.
Uthe kabalwi nesigungu esiphezulu kodwa bazoxhumana naso basichazele ngesinqumo sokudlulisa icala. UMnu Mshengu usole uMnu Mchunu ngokuba ngowokuqala ukuphakamisa ukuba kusondezwe ingqungquthela.
“Umuntu okumele achaze kabanzi nguMnu Mchunu ngoba nguyena ophakamise kuqala futhi wakwamukela ukuphakanyiswa kwegama lakhe engqungqutheleni, wenza konke okukhombisa ukuhambisana nayo.
“Kuyaxaka ukuthi sekuzokhalwa ngokuthi ingqungquthela isheshe yahlala ekubeni ngesikhathi iqhubeka akekho obone lokho,” kusho yena. UMnu Thanduxolo Sabelo ongunobhala weANCYL KwaZulu, uthe leli cala kalibhekene nobuholi besifundazwe kodwa limayelana nengqungquthela yokukhetha ubuholi ezoba ngoZibandlela.
“Uma becabanga ukuthi ngaleli cala bazama ukusihlakaza mabashintshe indlela yokwenza ngoba siyisifundazwe kasijiki, amagatsha ethu asekhulumile ukuthi sizokweseka uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma.
Kuzomele bakhumbule ukuthi ngamagatsha aqoka abaholi ngakho ukulwa nobuholi besifundazwe ngeke kubasize ngalutho,” kusho yena.
Kulindeleke ukuba isigungu esiphezulu se-ANC sibe nomhlangano ngesonto elizayo ukudingida isinqumo senkantolo.