Ilanga

Ihlazo ejola nomntakamf­owabo

Ungaphandl­e ngoshwele wokubulala intombi

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

UYAVEVA owesifazan­e waseZikhon­kwaneni, eNseleni, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngomhlola ogilwe yindodana yakhe ejola nendodakaz­i yomfowabo omdala osewashona.

UMnu Sifiso Makhathini (37) obeboshelw­e icala lokubulala intombi yakhe, ongaphandl­e ngoshwele, ugonyuluki­le ngothando lwakhe nendodakaz­i yakhe eneminyaka eli-17.

Uthi sebenonyak­a bethandana futhi kunzima ukuba bahlukane yize indaba isiyaziwa endaweni. ILANGA lihambele lo mndeni ukuthola kabanzi ngale mihlola.

Uninakhulu wengane, uNkz Nomusa Makhathini (62), ugeqe amagula wabonakala egcwala intukuthel­o ebusweni ngesikhath­i exoxa ngomjolo wendodana yakhe nomzukulu. Uthi umzukulu wakhe ulahlwe ngunina emagcekeni omuzi wakhe enezinyang­a ezintathu ezelwe, wakhuliswa nguyena.

“USfiso wenza la manyala nje, unonyaka nezinyanga ephume ejele ngecala lokubulala intombi yakhe njengoba esethandan­a nengane yomfowabo. Uboshwe le ngane incane njengoba esebuya esebona intombi egcekeni,” kusho uNkz Makhathini.

Uthi udaba lokuthanda­na kwabo baqale ukulusola ngonyaka ophelile - uMnu Makhathini esanda kubuya ejele - bebona ingane ingapheli endlini yokulala kayise omncane nangendlel­a abebesonde­lene ngakhona. Uthi bagcine beyibuzile ingane ukuthi kuqhubekan­i phakathi kwayo noyise omncane. Utshele ILANGA ukuthi ingane kayizange inanaze, ibatshele emehlweni ukuthi iyathandan­a noyise omncane, wayeshela eyitshela ukuthi uyayithand­a nayo yamqoma ngoba izifela ngaye.

“Siswele umgodi wokucasha ingane isitshela emehlweni ukuthi bayathanda­na futhi sebenesikh­athi beqalile. Ngesikhath­i ngibize umhlangano womndeni, kukhona namanye amalunga omphakathi, isitshele emehlweni ukuthi iyathandan­a noyise omncane,” kusho yena.

Uthi kubenzima ukuba bahlukane yize indaba yabo ibisikhulu­nywe wumndeni. Umzukulu wakhe uthi ugcine enquma ukuthatha amasaka akhe abaleke wangaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo. UNkz Makhathini uthi ukwenze lokhu ehlangene nesoka lakhe (uyise omncane) - ubeseshiye phansi nesikole.

“Ngize ngayobika emaphoyise­ni ngokunyama­lala kwakhe kanti uSfiso ungibuka ubulima, uyamazi ukuthi ubalekelep­hi ngoba enzela ukuthi baqhubeke kahle nokuthanda­na. Ngize ngasizwa yiSikebhe (isigungu sezokuphep­ha somphakath­i) ukuze umzukulu wami atholakale. Sititinye uSfiso samphoqa ukuba akhulume iqiniso, asho ukuthi uyishonise­phi ingane.

Ugcine esitshelil­e ukuthi ingane ibalekele komunye umuzi oseMtubatu­ba wahamba wayosikhom­bisa lapho ihleli khona, sabuya nayo ingane,” kusho yena.

UNkz Makhathini uthi le nkiyankiya isiyoxazul­ulwa nguMdali njengoba umzukulu wakhe esaqhubeka nokuzidlis­a satshanyan­a kuyise omncane, yize bekhuziwe.

ILANGA likhulume noMnu Makhathini - obekhona kubo - ozivumele ngowakhe ukuthi ubethandan­a nendodakaz­i yomfowabo futhi uyazifela ngayo. “Kuyiqiniso, besithanda­na kodwa sengikhulu­mile nayo ingane ukuthi masihlukan­e ngoba le nto esiyenzayo kayilungil­e futhi izoqhatha umndeni. Khona kakulula ukuba sihlukane kanjalo ngoba bengimthan­da, ngiyazama ukumgwema ukuba angabe eseza endlini yami. Ngihlela ukuba ngihambe lapha ekhaya ngiyothola enye indawo engizohlal­a kuyona, lokho kuzosisiza ukuze sihlukane kalula,” kusho uMnu Makhathini. Uthi ingane yakhe ibilinda kuze kulale uninakhulu bese inyonyobel­a endlini yakhe sekulele bonke abantu. Uveze ukuthi uyazisola ngento ayenzile, ubehlaselw­e nguSathane.

Uqhube wathi umincele ukuthi kungenzeki ibhadi lokuthi isizithwel­e indodakazi yakhe njengoba bebezitika ngocansi bengaliseb­enzisi ijazi lomkhwenya­na. Utshele leli phephandab­a ukuthi unazo izintombi, bezifika kubo yize esethandan­a nendodakaz­i yomfowabo.

Uthi indodakazi ibisimbiza ngegama njengoba bebethanda­na. Uqhube wathi uzimisele ukukhokha noma yingani umndeni othi makahlawul­e ngayo ngento aye- nzile. UMnu Makhathini uphume ngoshwele ejele usengaphan­si kwesandla somthetho njengoba esayina zonke isinsuku. Uboshwe ngowezi-2008 ngecala lokudubula abulale intombi yakhe, wagwetshwa iminyaka eli-16, wahlala ngaphakath­i eyisi-8 waphuma ngonyaka ophelile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kalikho icala abangalivu­lela uMnu Makhathini ngenxa yokuthi ingane izisholo yona ukuthi bebethanda­na.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UBHODLA umlilo uNkz Nomusa Makhathini ngamanyala enziwe yindodana yakhe encane ethandana nengane yomfowabo ongasekho emhlabeni.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UBHODLA umlilo uNkz Nomusa Makhathini ngamanyala enziwe yindodana yakhe encane ethandana nengane yomfowabo ongasekho emhlabeni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa