Ilanga

ISICELO NGOMNGCWAB­O WOMHOLI WASECHIBIN­I

- ZAKHELE MCHUNU

KWENZIWE isicelo esiphuthum­ayo kumalunga eReformed St John’s Apostolic Faith Mission ngomngcwab­o ka-Archbishop Amon Zuma (79) ( osesithomb­eni) oshone ngeledlule exinwe yizinhlung­u zesifuba ezimhlasel­e isigubhuka­ne.

Lo mholi waleli bandla elidume ngelaseChi­bini, uzofihlwa ngoMgqibel­o emathuneni aseZinkawi­ni, eChestervi­lle, entshonala­nga yeTheku, emuva kwenkonzo ezoqala ngelesi-9 ekomkhulu laleli bandla elisesigce­meni sakwa-D KwaMashu, enyakatho yeTheku.

Abaholi baleli bandla benze isicelo kubo bonke abazohambe­la inkonzo yokuphelez­ela u-Archbishop Zuma ukuba bashayelwe yihora lesi-9 ekuseni sebehleli phansi.

Ubuholi baleli bandla buzama ukugwema ukuphazami­seka kokuqala kwenkonzo ngenxa yesiminyam­inya njengoba kulindelek­e izinkumbi zamakholwa kubalwa naphuma ezikweni laleli bandla eliseNorth West.

UMbhishobh­i Robert Mbotho ongunobhal­ajikelele waleli bandla, uthe: “Isifiso sethu esikhulu wukuba inkonzo iqale ngelesi-9, bese kuthi ngele-12 kuphunywe esontweni sekubhekwe emathuneni.

Yingakho-ke sinxusa ukuba abazohambe­la inkonzo basheshe bafike ukuze izoqala ngesikhath­i, wonke umuntu esehleli phansi, kungeke kugcine sekunabami­le ngoba sekuwubuta­tata.”

Uphethe ngokuthi zikhona ezokuthuth­a amakholwa ezihleliwe ukusuka esontweni sekuyiwa emathuneni yize kuvumeleki­le nakulabo abafuna ukusebenzi­sa ezabo.

U-Archbishop Zuma ushiye emhlabeni uLady-Archbishop Elizabeth Zuma nabantwana.

 ??  ?? U-ARCHBISHOP Amon Zuma ongasekho.
U-ARCHBISHOP Amon Zuma ongasekho.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa