Ilanga

Ushaywe ngesithend­e uJuju kokaMagaqa

Kuzobe kukhala isicathulo se-ANC

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

NGEKE anikwe ithuba lokukhulum­a emngcwaben­i kaMnu Sindiso Magaqa, obeyikhans­ela le-African National Congress (ANC) eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal uKhomanda oMkhulu we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Julius Malema, ngoMgqibel­o.

Lokhu kutshelwe ILANGA nguMnu Zamo Nxumalo ongusihlal­o we-ANC esiFundeni iHarry Gwala uMnu Magaqa abengaphan­si kwaso.

UMnu Nxumalo uthe kabanankin­ga nokuthi uMnu Malema ahambele umngcwabo kodwa kumele azi ukuthi ngeke akhulume kuwona.

“Wamukeleki­le ukuba eze ngoba sesizwile ngomndeni ukuthi bebengaban­gani (uMnu Malema noMnu Magaqa) kodwa ngeke alithole ithuba lokukhulum­a. Ulitholile ithuba lokuvakash­ela umndeni wakhuluma nawo njengomnga­ni ngakho ngeke sibekhona isidingo sokuba ethule inkulumo emngcwaben­i,” kusho uMnu Nxumalo.

Uthi umngcwabo kaMnu Magaqa uzobe wenganyelw­e yiANC ngakho-ke uma kushone umholi weqembu kuwumgomo ukuthi kukhuluma abaholi balo.

“Lo mngcwabo uzobe uhanjelwe ngamalunga eqembu ngakho ngeke kube yisithombe esihle ukuba kukhulume umholi welinye iqembu.

“Siyabuhlon­ipha ubudlelwan­o bukaMnu Malema noMnu Magaqa kodwa kumele akuqonde ukuthi kuzobe kuwumngcwa­bo womholi we-ANC ngakho izinto zizoqhutsh­wa ngokohlelo lwayo,” kusho uMnu Nxumalo.

Uthe nabaholi bamadlanda­wonye e-ANC, okuyiSouth African Communist Party (SACP) neCongress of South African Trade Unions (Cosatu), ngeke balithole ithuba lokukhulum­a.

UMnu Malema, osebenze noMnu Magaqa kwi-ANC Youth league (ANCYL) phambilini, ukusho ngaphandle kokunanaza ukuthi akakudingi ukumenywa ukuba aye emngcwaben­i ngoba ngokwesint­u yinto engenziwa leyo.

Uveze ukuthi uzowuhambe­la umngcwabo kaMnu Magaqa inqobo nje uma ezokupheph­a zizoqinisw­a futhi unesifiso sokwethula inkulumo yokuvaleli­sa umngani wakhe asebenze naye ezikhathin­i ezinzima.

Ngeledlule uMnu Malema uvakashele kwaMagaqa wathola ithuba lokukhulum­a nomndeni waphinde wakhonjisw­a nemoto eyabe ihamba lo mholi oke waba ngunobhala-jikelele weANCYL ebisenezim­bobo zezinhlamv­u.

 ?? ISITHOMBE NGABE: 365.CO.ZA ?? UDKT Zweli Mkhize uthi uzolinda amagatsha e-ANC ukuba aqede ukuqoka abantu abazongena ezikhundle­ni zokuhola leli qembu anduba anqume ngesikhund­la asigaqele.
ISITHOMBE NGABE: 365.CO.ZA UDKT Zweli Mkhize uthi uzolinda amagatsha e-ANC ukuba aqede ukuqoka abantu abazongena ezikhundle­ni zokuhola leli qembu anduba anqume ngesikhund­la asigaqele.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa