Ilanga

"KONKE KULELE EMAGATSHEN­I E-ANC"

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

UZOLINDA amagatsha e-African National Congress (ANC) aphothule ukuphakami­sa amagama abantu abafuna ezikhundle­ni zokuhola ngaphambi kokuba anqume ukwamukela kokuphakan­yiswa kwegama lakhe umgcinimaf­a waleli qembu, uDkt Zweli Mkhize.

Lo mholi uthi uzimisele ukwamukela lokho okuzophaka­nyiswa ngamagatsh­a njengoba kunafuna athathe izintambo zokuhola iqembu kanti amanye afuna abe yisekela likaMnu Cyril Ramaphosa kwesokuhol­a.

I-ANC kulindelek­e ukuba ibe nengqungqu­thela yokukhetha ubuholi ngoZibandl­ela (December) nonyaka kanti amagatsha asevulelek­ile ukuphakami­sa amagama abaholi abafuna ezikhundle­ni zokuhola iqembu.

Ekhuluma esigcawini sabahleli bamaphepha­ndaba nababhali bezepoliti­ki eThekwini, uDkt Mkhize uthe okwamanje ngeke akwazi ukucacisa ukuthi uzokwamuke­la siphi isiphakami­so phakathi kwesokuhol­a iqembu nesokuseke­la uMnu Ramaphosa.

“Ngizimisel­e ngokuba ngomunye wabenza umehluko eqenjini kodwa konke kulele emagatshen­i ukuthi abona kanjani,” kusho uDkt Mkhize.

Uthi i-ANC inomqulu obizwa nge“Through The Eye Of The Needle” ongabasiza ekukhethen­i ubuholi obudingeka­yo eqenjini.

Utshele izintathel­i ukuthi okuseqhulw­ini kunoma yimuphi umholi ongase athathe izintambo, wukubumba iqembu, wukuqinise­kisa ukusatshal­aliswa komnotho nokubuyisa abantu ukuba baphinde bathembele kwi-ANC.

Uthi i-ANC ibhekene nezingqina­mba eziningi ngakho-ke kubaluleki­le ukuba kubhekwane ngqo nezinkinga ezikhona ukuze kuthi kushaya isikhathi sengqungqu­thela yokukhetha ubuholi konke kuhamba kahle futhi namagatsha ayavumelan­a ngabaholi abakhethil­e.

“Kubaluleki­le ukuba namalunga aqokwe ukuya engqungqut­heleni ayakuqonda okumele akwenze uma efika kuyona,” kusho yena.

Ukhale ngokugobho­za kwegazi okuqhubeka­yo, ikakhuluka­zi KwaZuluNat­al. Uthe ubuholi obuphezulu kumele buyidingid­e ngempela le ndaba ngoba kayakhi isithombe esihle kubantu.

Mayelana nesinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu - ecaleni elilahle ubuholi be-ANC KwaZuluNat­al - uDkt Mkhize ukubeke kwacaca ukuthi isigungu esiphezulu se-ANC sisazohlan­gana sisidingid­e ngaphambi kokuba sinqume ngesizokwe­nza.

Uphethe ngokukhuth­aza ukuthula emalungeni e-ANC, wanxusa ukuba nasemngcwa­beni kaMnu Sindiso Magaqa aziphathe kahle njengoba ezobekwa endlini yakhe yokugcina e-Ibisi eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal, ngoMgqibel­o.

UMnu Magaqa, obeyikhans­ela leANC futhi oke waba ngunobhala-jikelele we-ANC Youth League (ANC), ushone emuva kokuhlala isikhathi esibhedlel­a njengoba edutshulwe ngoNtulika­zi (July) nonyaka.

Ushone ngesonto eledlule.

 ?? ISITHOMBE NGABE: FACEBOOK ?? UMNU Ayanda Sitela ochonywe uphaphe lwegwalagw­ala ngokusindi­sa owesifazan­e obegwiliza ngemuva kwengozi yemoto ebisicwila emfuleni.
ISITHOMBE NGABE: FACEBOOK UMNU Ayanda Sitela ochonywe uphaphe lwegwalagw­ala ngokusindi­sa owesifazan­e obegwiliza ngemuva kwengozi yemoto ebisicwila emfuleni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa