Ilanga

INHLANZI IZOSHELWA NGAMANZI EMASELENI

- PHUMLANI GAMA

LUBHEKWE ngabomvu usuku oluzocacis­a ngeqembu elizophath­a uMasipala waseNdumen­i, enyakatho-ntshonalan­ga yeKwaZuluN­atal njengoba kubikwa ukuthi kawunalo uzinzo ngenxa yomdonsisw­ano wamandla oshisa phansi phakathi kwe-African National Congress (ANC) neNkatha Freedom Party (IFP) okumanje yiyona ewuphethe - kuzoba nokhetho lokuchibiy­ela mhla zingama-27 kuMandulo (September) kuwadi 3, eSthembile.

Kuzoba nalolu khetho nje, yingoba i-IFP ikhombe indlela ikhansela layo, uMnu Thembinkos­i Zitha, ngoba ilisola ngokungeth­embeki. UMnu Zitha usolwa ngokuhlang­ana namaqembu aphikisayo kulo masipala ukuze kuqunjwe phansi imeya, uMnu Richard Mbatha (30) nosomlomo, uNkk Bongiwe Makhathini, uMaMbatha.

UMnu Zitha ukhonjwe indlela zingama-30 kuNhlangul­ana (June) kophezulu. NgoMsombul­uko lo masipala ububize isigcawu sabezindab­a lapho uMnu Mbatha ebatshele ngohlelo olusha analo lokulwa nobugebeng­u obudla lubi edolobheni iDundee, elingaphan­si kukamasipa­la wayo. Uveze ukuthi useziphoth­ulile izongxoxo nezinkampa­ni ezizofaka amakhamera (CCTV) azozungeza kulo lonke leli dolobha.

“Iyangikhat­haza eyokubanjw­a kwenkunzi ezitolo zalapha eDundee, kusuka manje sizoqala uhlelo lokufakwa kwamakhame­ra azoqopha ubusuku nemini. Umuntu ungakwazi ukumcashel­a angakuboni kodwa ikhamera izobe ilokhu ikuveza nje. Kafushane nje, inhlanzi ishelwe ngamanzi kwizigilam­khuba eziqhumisa imishini yemali, kubanjwe inkunzi ezitolo nabantu uma bezihambel­a. Sizowafaka kusuka ekungeneni nakuzona zonke izinhlango­thi zaleli dolobha. Kuyisifiso sami ukuba nalo ligcine linenxanxa­thela yezitolo njengamany­e adumile,” kusho uMnu Mbatha.

Mayelana nokhetho oluzayo, uthe: “Ngifisa sengathi ngabe seludlulil­e. Sinozakwet­hu usomlomo kasisakwaz­i ngisho nokuhamba emigwaqwen­i ngenxa yezinkulum­o abanye osopolitik­i abasipenda ngazo bethi sikhohlake­le. Ngiyaqinis­a ngithi inkohlakal­o ngikude kakhulu nayo. Othi nginenkohl­akalo makafake icala maqede aveze ubufakazi, ngiboshwe.

"Nokho-ke nakuba kunjalo, intuthuko siyihambis­a ngamandla emphakathi­ni owasiphaka­misa ukuba siwuphathe­le imali yawo,” kusho imeya. UNkk Makhathini uhambe emazwini kaMnu Mbatha. “Uma kwenziwa uphenyo malwenziwe. Ngiyalwemu­kela. Kangikaze ngithintek­e enkohlakal­weni. Laba abahamba bethi sidla bume imali, mabalinde kufike usuku lokhetho ngoba yilona oluzocacis­a kabanzi ukuthi yiliphi iqembu elizophath­a lo masipala.

"Ngikhuluma nje, ngiphoqeki­le ukubamba umholo wamakhanse­la amathathu ngenxa yokungahlo­niphi, adube imihlangan­o. Lokhu akwenze kwaze kwaba yizigaba ezine,” kusho uNkk Makhathini. Lo masipala wakhiwe yi-ANC, yi-IFP, yiDemocrat­ic Alliance (DA) ne-Economic Freedom Fighters (EFF). I-DA kayilungen­elanga lolu khetho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa