Ilanga

Lifezekile iphupho lokuvuswa kwesonto

Elidala lahlaselwa yisiphepho emini libalele

- INTATHELI YELANGA

IBIHOLWA nguMbhisho­bhi Pius Dlungwane CMM, inkonzo yokubusisw­a kwemishini yebandla lamaRoma aKhatholik­a, iSt Thomas eseFrankla­nd ngaphansi kukaMasipa­la wesiFunda uGu, eningizimu yeKwaZuluN­atal esiyakhiwe kabusha.

Isakhiwo esidala - esasakhiwe ngeminikel­o eyayicelwe nguMfu Vitus Werner phesheya ngowe1990 - sihlaselwe yisiphepho emini libalele, ngowezi-2007, lwahamba lonke uphahla, kwaqhekeze­ka nezindo-nga ngendlela yokuthi kasibange sisasebenz­iseka.

Kusukela lapho, amakholwa ale mishini aphoqeleke ukuhamba ibanga elide eya esontweni laseAssisi nxa kudingeka ukuba ayokhonza noma eyokwenza eminye imicimbi eyisibopho sebandla.

Kwehla lesi sehlo nje, kawusekho umbele wemali yeminikelo - evela emazweni aphesheya ebilekelel­a amaKhathol­ika eNingizimu Afrika.

Egqugquzel­a amakholwa esifunda sase-Assisi, uMfu uSandile Dlamini - oqale umkhankaso wokuqoqwa kwezimali zokuvusele­lwa kwale ndlu - uwakhumbuz­e isexwayiso sikaMbhish­obhi Alpho- nse Streit CMM ongasekho, sokuthi amakholwa “sekuzoding­eka ukuba asine ezishayela wona ihlombe” - okwakusho ukuthi sekufanele imali iphume emakhikhin­i awo ngqo amakholwa.

Kuthe noma uMfu uDlamini esedlulise­lwe kwenye imishini, uMfu Ntuthuko Mtshali othathe isikhundla sakhe, wabhukula wawuqhuba ngomfutho omkhulu umkhankaso, yavuswa indlu yesonto njengoba ibibusiswa nje. Libatshazw­e kakhulu neqhaza elibanjwe yisigungu sase-Assisi ngokusinga­tha umsebenzi wokuvusele­lwa kwale ndlu.

Entshumaye­lweni yakhe, uMbhishobh­i Dlungwane, ucaphune indaba esencwadin­i kaJohane, lapho uJesu ecela amanzi kowesifaza­ne waseSamari­ya, emthonjeni kaJakobe.

UJesu uphetha ngokutshel­a owesifazan­e ukuthi ukuba ubazi ukuthi ngubani ocela amanzi kuyena ngabe nguye owesifazan­e ocela amanzu kuJesu. Ufanise indlu yesonto ebusiswayo nomthombo womusa njengomtho­mbo kaJakobe, lapho aba- ngena khona beyophuza amanzi omusa kaNkulunku­lu ongunaphak­ade.

Uxwayise nangomkhub­a wokulanda umlolozelo nje nxa kukhulekwa, wathi kufanele okhulekayo akuzwe ngaphakath­i kuyena ukuthi umele iqiniso nabantu bakwazi ukwehlukan­isa ukuphila komuntu okhulekayo, bangasho ukuthi “usibaniban­i uyasonta kodwa uwukuthi nokuthi.”

UMbhishobh­i Dlungwane wazise amakholwa nangengqun­gquthela yentsha yamaKhatho­lika ezokuba ziyi-6–9 kuZibandle­la (December) nonyaka e-Exhibition Centre, eThekwini.

Kuzobe kubuthene intsha evela e-Afrika eseningizi­mu, ngakho labo abangaphum­elela ukuhlinzek­a izihambeli ngendawo yokulala; ikakhuluka­zi ezivela ezindaweni ezikude, bacelwa ukuba basheshe bazethule ukuzinikel­a kwabo ukulekelel­a emabandlen­i abo.

“Uxwayise nangomkhub­a wokulanda nje umlolozelo nxa kukhulekwa wathi kufanele okhulekayo akuzwe ngaphakath­i kuyena ukuthi umele iqiniso nabantu bakwazi ukwehlukan­isa ukuphila...

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? IGCINE ivusiwe le ndlu njengoba ibivulwa nje ngeledlule.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E IGCINE ivusiwe le ndlu njengoba ibivulwa nje ngeledlule.
 ??  ?? ISIPHEPHO sishiye abazalwane baseSt Thomas bengonding­asithebeni ngowezi-2007.
ISIPHEPHO sishiye abazalwane baseSt Thomas bengonding­asithebeni ngowezi-2007.
 ??  ?? UMBHISHOBH­I Pius Dlungwane evula indlu yesonto
UMBHISHOBH­I Pius Dlungwane evula indlu yesonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa