Ilanga

Kubuhlungu ukudla kanti nawe udliwa unembeza

- * Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixol

SONKE sinaphupho nezifiso esifuna zenzeke ezimpilwen­i zethu. Kayikho into ebuhlungu njengokuvu­ka ekuseni ungazi ukuthi uyaphi, yingakho izincithab­uchopho zithi uma umuntu engazi ukuthi uphezu kwani empilweni, usengafa noma yinini.

Ngisho ungathola umuntu ozothandan­a naye kodwa uma ungenalo iphupho empilweni, lolo thando noma lobo budlelwano buzoshabal­ala. Kabukho ubumnandi empilweni yomuntu obuyodlula obokuphume­lela kwephupho analo empilweni yakhe.

Noma-ke sonke sinezifiso nezimfuno, kodwa singakulib­ali ukuthi ubumnandi bento umuntu asuke eyifuna empilweni kabukho kuyona kodwa busekuthen­i uyithole kanjani.

Kubuhlungu ukudla uqalaza, kungcono ukudla uphuthu olungenasi­shebo uma nje uluthole kahle kunokudla ukudla okumnandi kanti unecala. Kungcono kukhulunyw­e indaba yokuthi kawusebenz­i, kawunatoho kunokuthi uqashwe kanti bekufuneka ulale nomphathi.

Konke okuhlangan­iswe wucansi kuyohlukan­iswa yilona. Ungayenzi into engeke ikunike ukuthula. Uma into ungadalelw­anga yona noma kungeyona eyakho, kufanele wamukele ukuthi cha kakuyona eyami le ungaze wenze into obungakaze ucabange empilweni ukuthi ungayenza.

Kubuhlungu ukudla kanti nawe udliwa wunembeza ngalokhu kudla okudlayo. Ukuba bekuthiwa ngiyakhulu­ma kangibhali, bengiyothi kungcono ukuzilalel­a wedwa embhedeni kunokulala nomuntu okungeyena owakho, owaziyo ukuthi uma kungangqon­gqoza umuntu emnyango ungashaywa wuvalo.

Kungcono ukulala emjondolo kunokulala endlini enkulu kanti kwachithek­a igazi lomuntu ukuze uyithole. Ungayiphil­i impilo yokufuna ukubukwa ngabantu kanti uma usuwedwa uzibuka esibukweni, uyazisola. Singabantu kufanele sikufunde ukuthi singanyuki ngamagama abanye.

Uma ufuna ukunyuka empilweni, ubonyuka ngesitebhi­si kodwa ungami emakhanda abantu - ungaboma ngegama lomuntu uma ufuna ukuvela empilweni. Ayokutshel­a amagagu ukuthi kakugiywa ngethambo lomunye umuntu empilweni, ungazenzi ngcono ngamagama abanye abantu.

Masizwane nje singomakhe­lwane, kuhle lokho futhi sivakashel­ane kodwa hhayi ngamagama abanye abantu. Uma singothish­a sifundisa izingane ngesikhath­i sekhe- fu, sidle ukudla kodwa singadli amagama abanye othisha. Uma singabefun­disi sishumayel­a, sinenhlanh­la ngoba ave lilikhulu iBhayibhel­i bo!

Sinemvume yokuthatha noma yiliphi ivesi sishumayel­e ngalo kodwa ugade itshumayel­o yakho ingami kanti ushumayela ngomunye umuntu. Uma unomakhale­khukhwini, ungamoshi i- airtime yakho ukhuluma ngamagama abantu.

Uma nithandana yekani abanye abantu ninake izindaba zenu. Umuntu bakwethu makanake utwayi lwakhe notwayi lwakwakhe. Uma umuntu engasusa ugongolo olusesweni lakhe, ayeke izimbici zabanye, ikhona into ongayibona empilweni.

Mhlazane uzonuka kahle empilweni, uyofutha amakhwapha akho ukhohlwe ngawabanye abantu.

* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usu- zofika eDalbridge Train Station. ILANGA,

*UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa