Kubuhlungu ukudla kanti nawe udliwa unembeza
SONKE sinaphupho nezifiso esifuna zenzeke ezimpilweni zethu. Kayikho into ebuhlungu njengokuvuka ekuseni ungazi ukuthi uyaphi, yingakho izincithabuchopho zithi uma umuntu engazi ukuthi uphezu kwani empilweni, usengafa noma yinini.
Ngisho ungathola umuntu ozothandana naye kodwa uma ungenalo iphupho empilweni, lolo thando noma lobo budlelwano buzoshabalala. Kabukho ubumnandi empilweni yomuntu obuyodlula obokuphumelela kwephupho analo empilweni yakhe.
Noma-ke sonke sinezifiso nezimfuno, kodwa singakulibali ukuthi ubumnandi bento umuntu asuke eyifuna empilweni kabukho kuyona kodwa busekutheni uyithole kanjani.
Kubuhlungu ukudla uqalaza, kungcono ukudla uphuthu olungenasishebo uma nje uluthole kahle kunokudla ukudla okumnandi kanti unecala. Kungcono kukhulunywe indaba yokuthi kawusebenzi, kawunatoho kunokuthi uqashwe kanti bekufuneka ulale nomphathi.
Konke okuhlanganiswe wucansi kuyohlukaniswa yilona. Ungayenzi into engeke ikunike ukuthula. Uma into ungadalelwanga yona noma kungeyona eyakho, kufanele wamukele ukuthi cha kakuyona eyami le ungaze wenze into obungakaze ucabange empilweni ukuthi ungayenza.
Kubuhlungu ukudla kanti nawe udliwa wunembeza ngalokhu kudla okudlayo. Ukuba bekuthiwa ngiyakhuluma kangibhali, bengiyothi kungcono ukuzilalela wedwa embhedeni kunokulala nomuntu okungeyena owakho, owaziyo ukuthi uma kungangqongqoza umuntu emnyango ungashaywa wuvalo.
Kungcono ukulala emjondolo kunokulala endlini enkulu kanti kwachitheka igazi lomuntu ukuze uyithole. Ungayiphili impilo yokufuna ukubukwa ngabantu kanti uma usuwedwa uzibuka esibukweni, uyazisola. Singabantu kufanele sikufunde ukuthi singanyuki ngamagama abanye.
Uma ufuna ukunyuka empilweni, ubonyuka ngesitebhisi kodwa ungami emakhanda abantu - ungaboma ngegama lomuntu uma ufuna ukuvela empilweni. Ayokutshela amagagu ukuthi kakugiywa ngethambo lomunye umuntu empilweni, ungazenzi ngcono ngamagama abanye abantu.
Masizwane nje singomakhelwane, kuhle lokho futhi sivakashelane kodwa hhayi ngamagama abanye abantu. Uma singothisha sifundisa izingane ngesikhathi sekhe- fu, sidle ukudla kodwa singadli amagama abanye othisha. Uma singabefundisi sishumayela, sinenhlanhla ngoba ave lilikhulu iBhayibheli bo!
Sinemvume yokuthatha noma yiliphi ivesi sishumayele ngalo kodwa ugade itshumayelo yakho ingami kanti ushumayela ngomunye umuntu. Uma unomakhalekhukhwini, ungamoshi i- airtime yakho ukhuluma ngamagama abantu.
Uma nithandana yekani abanye abantu ninake izindaba zenu. Umuntu bakwethu makanake utwayi lwakhe notwayi lwakwakhe. Uma umuntu engasusa ugongolo olusesweni lakhe, ayeke izimbici zabanye, ikhona into ongayibona empilweni.
Mhlazane uzonuka kahle empilweni, uyofutha amakhwapha akho ukhohlwe ngawabanye abantu.
* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usu- zofika eDalbridge Train Station. ILANGA,
*UPastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando kwiLANGA