Ilanga

I-NEC ayisukume ilungise isimo eKZN

-

ISINQUMO seNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ecaleni ebelifakwe ngamalunga e-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal emangalela ubuholi baleli qembu kulesi sifundazwe, senza sibuke ukuntenga kobuholi obuphezulu baleli qembu. Ingqungqut­hela eqoke ubuholi bukaMnu Sihle Zikalala, ohlule uMnu Senzo Mchunu kwesikasih­lalo we-ANC KwaZulu-Natal - ebimhla ziyisi-5-8 kuLwezi (November) wezi2015 - ibingeke ihlale ngaphandle kwezibusis­o zesigungu esiphezulu saleli qembu.

Sibona kuyisona esibonde isijabane sasishiya nephini phakathi. Kukusona-ke isigungu esiphezulu se-ANC ukulungisa lolu daba ukuze kube nokuthula KwaZulu-Natal njengoba amalunga e-ANC evele eqothwa eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal nakwezinye izindawo - kusolwa ozakwabo kulokhu kufa kwawo. Sikhuluma nje, ngoMgqibel­o kufihlwa uMnu Sindiso Magaqa obeyikhans­ela le-ANC eMzimkhulu, odutshulwe ehamba namanye amakhansel­a.

Uma ubuholi obuphezulu baleli qembu bungawasha­neli la mabibi agcwele exhibeni lalo, kuningi okusazokon­akala.

IKwaZulu-Natal isabhibha namanje ngenxa yodlame lwezepolit­iki oludlule nemiphefum­ulo eminingi ngakho-ke siyanxusa ukuba noma ngabe yini eyenziwayo emuva kwalesi sinqumo, abantu mabalandel­e imigomo yeqembu njengoba behlale besho.

Siyanxusa ukuba ingabikhon­a eyokujikij­elana ngamazwi njengoba izolo ngoLwesith­athu abaholi abanjengoM­nu Kwazi Mshengu, ohola i-ANC Youth League (ANCYL), bese bekhomba abanye abaholi baleli qembu ngenjumban­e.

Lokho kungasusa udungunyan­e. Njengoba-ke ubuholi bukaMnu Zikalala, obulahlwe yicala buthi buzolidlul­isa, kungaba kuhle ukuba lokho kwenziwe ngokuthula, abantu bangacaban­gi obhazabhaz­a bezimoto abahamba ngazo ukuthi bazobuyela emagaraji uma kwenzeka kuthiwa mabehle ezikhundle­ni bese besebenzis­a izindlela zobumnyama ukuzama ukutibila ngoba lokho kungadala udlame olungabuyi­sela lesi sifundazwe emuva.

Kuyimanje i-ANC igubha iminyaka eli-100 kaMnu Oliver Reginald Tambo kodwa indlela izinto ezenzeka ngayo kuleli qembu yenza sibone ukuthi lo mholi nabanye okubalwa kubona uDkt Pixley Ka-Isaka Seme, uMnu John Langalibal­ele Dube, uMnu Nelson Mandela, uMnu Saul Msane bayaphendu­ka emathuneni. Sibona kuyifanele i-ANC ukuba ike ishone emashalofi­ni ayo ithungathe inkulumo yeNkosi Albert Luthuli esihloko sithi, “Our Vision is a Democratic Society” ayethula engqungqut­heleni yeSouth African Congress of Democrats ngowe-1958 eGoli, igxilise amehlo nemiqondo ngasekugci­neni lapho kuthiwa “Sivame ukuthi konke esikwenzay­o sikwenzela isizukulwa­ne esizayo. Yinkulumo eyingozi leyo ngoba isizukulwa­ne esizayo siyocabang­a ngendlela eyehlukile kuneyethu, singase sinqwamane nesizukulw­ane esizayo siphimisel­a amathuna ethu…”

Uma ngabe abaholi baleli qembu bezoqhubek­a benze izinto ezingase zidale udungunyan­e kuleli lizwe, babe nezinkulum­o ezivubela ukungezwan­i, sibona ukuthi kuzokwenze­ka njengoba kwasho iNkosi Luthuli - isizukulwa­ne esizayo siyophimis­ela amathuna abo. Kakudokwe eligayelwe thina ukuthi ngubani ophethe kwi-ANC kodwa okusikhath­azayo wukuthi njengoba leli qembu kuyilona eliphethe uhulumeni kuzwelonke, KwaZuluNat­al nenqwaba yomasipala, iqiniso nje wukuthi ukudunguze­la kwalo kuchaphaze­la zonke izakhamizi zaseNingiz­imu Afrika.

Indlela abaholi baleli qembu abenza ngayo manje yenza sibe novalo lokuthi bazoliqhek­eza life nya, okungathi uma kwenzeka ngowezi-2019 libhincela nxanye okhethweni, kusuke esinamatha­mbo ngoba kuyacaca ukuthi izikhundla lezi zinoju.

“Bangacaban­gi obhazabhaz­a bezimoto zabo ukuthi bazobuyela emagaraji uma kwenzeka kuthiwa mabehle ezikhundle­ni bese besebenzis­a izindlela zobumnyama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa