Ilanga

UKUVELA NOKUSITHEL­A KWENYANGA K

-

SELOKHU saqala ukuxoxa, silokhu sigcizelel­a ukuthi uhlelo lwechabuth­i lugqugquze­la ukusebenzi­sana nemvelo kube kulandelwa izindlela zokhokho kodwa sibe singaluzib­ile ucwaningo olusha olusikhany­isela ngokuningi esingakaku­qondi.

Kukhona eminye imikhakha yabalimi abakholelw­a kuzo lezi zinhlelo kodwa beqiniseki­sa ukulalela izimo zempilo ezincike ekushintsh­eni kwezikhath­i ezilethwa yilanga nenyanga emhlabeni. Kunenkolel­o ethi ukuvela nokusithel­a kwenyanga esibhakabh­akeni kunika izinguquko olwandle nasemhlaba­thini. Ukuvela nokusithel­a kwenyanga emhlabeni kunika izimo ezahlukene eziqondene nezolimo, okuhambisa­na nobungako bomsoco osemhlabat­hini ukunakekel­a nokondla izitshalo.

Ukuze kukhuthaze­ke ukusimama kwezitshal­o, kumele abalimi baqaphe ukuthi ngesikhath­i sokuqala kwenyanga entsha izitshalo ezilungele ukungena emhlabathi­ni ngezivunwa ngaphezulu njengesipi­nashi nokusanhla­mvu. Ngesigaba esilandela­yo lapho unyezi usuqala ukuba namandla, kungatshal­wa ezinembewu eqhamuka ngaphakath­i kwezithelo njengotama­tisi namathanga. Kuyothi ngesikhath­i inyanga isigcwele - isinonyezi okhanya kakhulu - kube khona isimo esibizwa ngokuphefu­mula komhlaba okukhomba isimo sokumuncek­a komswakama ekujuleni komhlaba. Kuye kuthiwe yisona lesi sikhathi okuthiwa abalimi mabanakeke­le ukondla nokunonoph­aliswa kwezitshal­o ezisemhlab­athini, nokuba ziniselwe uma zidinga umswakama owengeziwe. Ngesikhath­i inyanga igcwele kodwa unyezi ungasebukh­ali kakhulu amandla wonke ase-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa