Ilanga

ZAZINGCONO LEZI ZIGAMEKO NGESIKHATH­I SIKANKONYE­NI

-

MHLELI: Isihluku sothisha ezinganeni zabantu esibonakal­a kuma- video, siyethusa. Kubonakala sengathi bekungcono ngisho ngezikhath­i zethu kusavumele­kile ukushaya izingane.

Umuntu ubesathusw­e wukubona lowaya mama waseKumhlo­phe High School eMlaza evuthuza izingane emhlane, engenandab­a nobucayi bomgogodla esibaziyo naye abaziyo. Umuntu usebone amanye ama- video lapho othisha besilisa beshaya izingane ngendlela eyethusayo.

Omunye uvuthuza intombazan­e umzimba wonke ngenduku, ihayize kudume isikole sonke. Omunye ubonakala eshaya izingane ezandleni imivimbo othi uma uyibala yeqe e-10 ingane ngayinye. Sekucacela ngisho ingane encane ukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal wehluleke wancama ukuvikela izingane zabantu ekuhlukuny­ezweni ngokushayw­a ezikoleni. Into ozoyizwa beyisho yimbudane yokuthi izingane mazibike emnyangwen­i, zivule namacala uma othisha bezishaya.

Le nto ifana nokuthi kuthiwe abantu mabangavum­i ukulayishw­a ematekisin­i ngokweqile. Yini engenziwa ngumgibeli etekisini ngoba umshayeli uvele athi uma unenkinga yehla etekisini lakhe.

Nakhona ezikoleni uma uke wakhononda ngokushayw­a kwengane yakho, leyo ngane iyadutshwa ingamakelw­a nomsebenzi wayo, ifeyiliswe ize ishiye isikole. Into eziyaziyo nje lezi zikhulu zakhona wukubonaka­la zehla zenyuka esikoleni uma kwenzekile kwavela i-video, kawuzwa nokuthi zisuke ziyokwenza­ni. Uma ingane ishaywa ihayize isikole sonke, kusuke kucace bha ukuthi lowo thisha usuke engantshon­tshi kodwa usuke enza into eyenziwa yibona bonke kuleso sikole, bevunyelwe nguthishom­khulu nesigungu sakhe.

Yini eyenza uthishomkh­ulu nesigungu sakhe bangathath­elwa izinyathel­o ngoba yibona abasuke begunyaze ukushaywa kwezingane? Bona labo ngqongqosh­e abafike noMnu Sihle Zikalala kwikhabhin­ethi yaKwaZulu-Natal, iyabonakal­a nje into abayenzayo?

Mina bandla kangikabon­i lutho, lezi zigameko zokuhlukun­yezwa kwezingane zazingcono ngesikhath­i sikaNkk Peggy Nkonyeni ngoba wayezifike­la mathupha esikoleni. Bheka Ngwane E-HIBBERDENE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa