Ilanga

KUNOMTHELE­LA KWEZOLIMO

- SICELO KUNENE

mkhathini abuyela ezimpanden­i zezitshalo.

Yisona lesi sikhathi esilungele ukuhlwanye­la lezo ezithela ngaphansi komhlabath­i njengezaqa­the, amazambane amasweli njalonjalo. Lesi yisikhathi esihle sokuthena lezo zitshalo ezidinga ukukhuthaz­wa kanti futhi yisona sikhathi sokuhlakul­a esikahle. Isigaba sokugcina yilapho sibona inyanga esibhakabh­akeni isiya ngokunciph­a, ingathi isiyaphela.

Kungalesi sikhathi-ke lapho abadala bethi maziphunyu­zwe izitshalo umlimi angaphithi­zeli kakhulu. Izinto ezidinga uku- nakwa ngalesi sikhathi wukulima izindawo ezingakats­halwa, wukusondez­a amabibi azovundisa umhlabathi kanti nokhula lusiphulek­a kalula ngalesi sikhathi senyanga.

Ngiyaqonda ukuthi lona wumsebenzi ongagcina usuqede ubuthongo kumlimi, etatazelel­a ukwenza okuyikhona ngesikhath­i esifanele.

Konke lokhu kuyajwayel­eka ngesikhath­i umlimi ezilungise­lela ukufunda nokuziqeqe­sha ngokuthola ulwazi ezizindeni ezinemitap­o yolwazi noma kulabo abanalo ulwazi abangenayo inkinga ukuludluli­sela kwa- banye nasezizuku­lwaneni.

Noma kunjalo-ke, siyagcizel­ela ukuthi njengoba ziziningi izindlela zokutshala nokondla isizwe umlimi usethubeni lokuzikhet­hela ezilungele impilo yakhe endaweni akuyona.

Isizinda sethu sokucathul­isa abalimi siyazenza izindlela zokucobele­lana nabalimi ngezikhath­i ezehlukene, kuye ngezidingo zomlimi. Thintana nathi kwethi: 082 789 4281 noma ngokuxhuma ikheli elithi www.sicelokune­ne.co.za, ekhasini elithi: Contact us.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa