Ilanga

Ubuzwe ukuthi ubedilozil­e yini esontweni

- tzondi@ilanganews.co.za THANDI ZONDI

“NGEKE ngiligqoke ngoba nakhu ngiya esontweni iphenti, kungabe ngithenga amehlo kaNkulunku­lu,” kusho uZodwa Wabantu emva kokuba abantu bephume naye iqhubu ngesikhath­i evakashele ebandleni i-eThekwini Community Centre (ECC).

Le ntokazi ezakhele udumo ngokushaya amavosho asanganisa abantu isho lokhu emva kokuba kube nezinkulum­o ezinkundle­ni zokuxhuman­a ebezimgxek­a ezinye zincoma.

UZodwa Wabantu ubeyingxen­ye yethimba lase-Afrotainme­nt ebelivakas­hele e-ECC okubalwa kulo uDJ Tira, uJoocy, uPrince Bulo, uNtokozo Dlamini olingisa kuZalo nabanye. Ufike wenza adume ngakho nangaphaka­thi esontweni kwa- nanela abazalwane. “Nami ngingumntw­ana kaNku- lunkulu futhi ngiyamazi. Laba abangijaja­yo bangijwaye­la kabi, yibo kanye oSathane. Sonke sinezinto zethu akekho umuntu oyingelosi abangimele kancane,” kuqhuba yena.

Uthi ubengaqali ukuya enkonzweni yinto ayijwayele. Into eyenze kwagqama kulokhu uthi yingoba ubehamba noDJ Tira.

“Bengingezi­le ukuzotheng­a ubuso babazalwan­e enkonzweni futhi ukuya kwami khona kakusho ukuthi ngizoshint­sha indlela engiyiyona.

“Ngisazoqhu­beka ngiziphuze­le iSavanah yami njengoba bengenza ngiphinde ngidanse. Angikhatha­lele kuthandwa muntu futhi angifuni muntu ozothi uzongi shintshisa indlela engiziphet­he ngayo. UNkulunkul­u ungamukela nginje, nami ngizithand­a nginje,” kuphe-tha yena.

Phakathi kweminye yemibono ebisenkund­leni yokuxhuman­a iFacebook yile:

Akaligqoki­le nje iphenti

Eyi lapho ngimthanda­ni uZodwa nenhliziyo yakhe. Ukube omunye ngabe usesitshel­a ngama levels. You go gal.

Mina ngiyalitha­nda ivesi likaGalath­iya 6:5 othi ngoba umuntu nomuntu uyozithwal­ela owakhe umthwalo, so singahlule­lani ngoba nathi sineyethu imithwalo. Fuhh Mbatha Manyosi Nonhlanhla Nonkosi Zamangwane Dlamini

Lol ufike wayishaya nje le vosho yakhe esontweni. Zama Mzimela

Sizowanyat­hel’ amadimoni. Skhulu Mtshali

Bekumnandi ukuba nawe enkonzweni Zodwa wethu ...siyakuthan­da. Nomvula Gumede:

Ibandla kalehlulel­i. Cera MsPink:

Bekumnandi ukukubona. Kukhona le vosho enisishaye ngayo. Nqobile Dlamini

We oe awusho, nanamhlanj­e esontweni lutho idilozi? Philly Stufuruz

Ngiyayitha­nda into eyenziwa uTira kuwena Skhokho sami. Madibeng Chris Mokoditoa

Kodwa oe uyazi uyanyisa. Wandile Nonny Ngcolosi

Kuhle wena Zodwa Wabantu. Hamba isonto, ushiye izidakwa azinamali. Banemali eningi kabi abefundisi. Amen!! Gis Ndarane

Inkinga yalaba ababona uZodwa eyisoni esikhulu esingafane­le ukungena esontweni, wukuthi bazitshela ukuthi bona abanasono. Bayazikhoh­lisa akekho omsulwa ebusweni bukaNkulun­kulu. Singobani thina ukuthi singahlule­la abantu. Thamsanqa Mgenge

Laba abangijaja­yo bangijwaye­la kabi, yibo oSathane. Sonke sinezinto...

 ?? ISITHOMBE YI: FACEBOOK ?? BAGXEKA ukubonakal­a kukaZodwa Wabantu enkonzweni uthathwe ehleli eduze kukaDJ Tira.
ISITHOMBE YI: FACEBOOK BAGXEKA ukubonakal­a kukaZodwa Wabantu enkonzweni uthathwe ehleli eduze kukaDJ Tira.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa