Ilanga

I-PSL ICHITHE UMDLALO WOSUTHU ONDINI

- PHILANI NCALANE

ICHITHIWE imizamo yamaZulu FC Reserves yokuyisa umdlalo weMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) phakathi kwale kilabhu nePlatinum Stars Reserves oLundi Regional Stadium, oNdini.

Lo mdlalo uzokuba ngeSonto enkundleni esilobe ingakadalu­lwa. USuthu beluzama ukuyisa lo mdlalo oLundi kodwa lwachithwa yiPremier Soccer League (PSL).

Ithimba lePSL elididiyel­a imidlalo yeMDC kukhona e linga gc u l ise k anga ngakho ngenkundla yasoNdini. Silobe lo mdlalo kusikazwa ukuthi ugijinyelw­e eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UQedi Dlamini oyiMenenja yoSuthu, ukuqinisek­isile ukuthi ibhuntshil­e imizamo yokuyisa lo mdlalo oNdini. Uthe basalinde umbiko wePSL oqukethe izinto engagculis­ekile ngazo ngenkundla bese bewudlulis­ela kumasipala wasoLundi.

Nokho-ke kuyaxaka ukuchithwa kwale nkundla njengoba inotshani obuhle futhi inezindlu zokushints­hela ezihleleki­le. Kukhona ngisho amanzi ashisayo kulezi zindlu.

Okudida kakhulu wukuthi iPSL iphasile ukuthi uSuthu lugijime umdlalo wokugcina weNational First Division (NFD) ngesizini edlule enkundleni ewubhuqu yaseCape Town lubhekene neCape Town FC.

Umdlalo ophakathi kweFree State Stars Reserves ne-Ajax Cape Town Reserves usuzokuba ngeSonto eGoble Park, eFree State.

Lo mdlalo bekuthiwa uzokuba ngoMgqibel­o.

Isiyonke imidlalo yeMDC kule mpelasonto iqhathwe kanje: NGOMGQIBEL­O: EWolfson Stadium: Chippa United Reserves vs SuperSport United Reserves 10h00.

EParow Park: Cape Town City FC Reserves vs Golden Arrows Reserves 12h00.

EDobsonvil­le Stadium: Kaizer Chiefs Reserves vs Baroka FC Reserves 12h00. NGESONTO EGoble Park: Free State Stars Reserves vs Ajax Cape Town Reserves 19h00.

E-Old Peter Mokaba: Polokwane City Reserves vs Bidvest Wits Reserves 10h00.

ERand Stadium: Orlando Pirates Reserves vs Bloemfonte­in Celtic Reserves 12h00.

EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United Reserves vs Mamelodi Sundowns Reserves 12h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa