Ilanga

Otakalani bazovulela owePSL

Bazodlala noSuthu ngaphambi kokulibhek­isa e-USA ngesonto elizayo

- PHILANI NCALANE

IZOBHULELA amazolo umdlalo wePremier Soccer League (PSL) iMophela Primary School ezomela iNingizimu Afrika emidlalwen­i yomhlaba yeDanone Nations U/12 Cup ngelizayo e-United States of America (USA).

IMophela izobhekana nesikwati sika-U/15 samaZulu FC emdlalweni ozogijinyw­a ngaphambi koweNation­al First Division (NFD) phakathi kweReal Kings United ne-Ubuntu Cape Town ngoMgqibel­o ngo-15h00 eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

Amakilabhu aKwaZulu-Natal asisize kakhulu lesi sikole njengoba silungisel­ela ukuya phesheya kwezilwand­le. Ngeledlule besihambel­e umdlalo weNFD phakathi kweRoyal Eagles neStellebo­sch FC ophele ngo-1-1 eMgungundl­ovu, kanti ngoLwesibi­li kusihlwa besihambel­e owe-Absa Premiershi­p obuphakath­i kwamaZulu neMaritzbu­rg United kuba ngu-1-1 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

Lesi sikole sibonge kakhulu iKings ngokusisiz­a ukuze sikwazi ukuzilolon­ga eSugar Ray njengoba singenayo ingqalasiz­inda. Sigcine sizicijela eMpumalang­a Stadium, eHammarsda­le.

USibusiso Ntsele onguThisha­nhloko wakulesi sikole, uthi kubajabuli­sa kakhulu ukubona amakilabhu esifundazw­e ebambisene nabo.

“Ngesikhath­i sibuya kokudla ubhedu eGoli, abafana bethu bamukelwe nguBongani Ngidi ongumnikaz­i weKings ngomcimbi. Uphinde wasizamela ukuthi sisebenzis­e inkundla abayiseben­zisa emidlalwen­i yasekhaya ukuba sijime kuyona. Namuhla ngoLwesine silindele ukuhanjelw­a nguZandile Gumede oyiMeya yeTheku nezikhulu zomNyango WezeMfundo.

“UGumede besithenji­swe ukuthi uzofika ngeledlule kodwa wabuye wathathwa uhambo oluphuthum­ayo. Lokhu kusho lukhulu kithina. Sicele ukubhekana nabadlali baka-U/15 kumaZulu ngoba sifuna abafana bethu badlale nabadlali abade kunabo njengoba phesheya bezobhekan­a nesimo esifanayo.

“Silindele ukuthi babuye seluqine kakhulu ukhakhayi. Izinhlelo zokuhamba seziqondil­e njengoba kade siyise ithimba lokugcina labadlali ukuyohlony­wa imibuzo ehhovisi leNxusa lase-USA eliseThekw­ini. Sibonga kakhulu kumakilabh­u ngakho konke asisize ngakho. Sibonga nabadlali abasisizil­e ngokwahluk­ana,” kusho uNtsele.

KONKE SEKUMI NGOMUMO NGEZIMPI ZAKWANONGO­MA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa