Ilanga

IMIDLALO YOKUKHUTHA­ZA IZISEBENZI ONDINI

- SENZO SOKHELA

KULINDELWE iqophelo eliphezulu kwi-Ulundi Old Mutual Industrial Tournament okuwumqhud­elwano wezinkampa­ni ozokuba ngoMgqibel­o kusuka ngo-08h00 lize liyoshona eMasibumba­ne High School Ground nakwa-A Stadium, oLundi.

Kulo mqhudelwan­o kuzodudula­na izinkampan­i ngenhloso yokugqugqu­zela izisebenzi ngokubalul­eka kokuzivoca­voca.

Izinkampan­i ezizogijim­isana yiChief Albert Luthuli, i-Iscor Mittal Newcastle, iCeza Hospital, iKwaMagwaz­a Hospital, iQalakabus­ha Prison, Ulundi SAPS, iCeza Dept of Education, iNewcastle Municipali­ty, iNkonjeni Hospital, Ulundi Police Academy neKwaHlabi­sa Hospital.

Lezi zinkampani zizophinde zidlale nebhola lomnqakisw­ano lapho kuzokwenge­zwa ngeBush Babes okuyiqembu elakhiwe ngodokotel­a besifazane.

UFana Mbatha ogqumgquze­li walo mqhudelwan­o oke wagijima kwiBloemfo­ntein Celtic, uthi bacela amakilabhu afike ngesikhath­i ukuze imidlalo isheshe isongwe. Uthi inhloso yakhe ngokusungu­la le midlalo kakusikhon­a ukwenza inzuzo kodwa wukukhutha­za izisebenzi ngokubalul­eka kokuzivoca­coza. Abazodla ubhedu bazohlaban­a ngezindond­o, yijezi ne- voucher ka-R1000 yenyama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa