Ilanga

USUTHU LUKHALA NGOTOKOLOS­HE BE-ARROWS

Luthelwe ngehlazo ngaBafana Bes'thende

- SENZO SOKHELA

ABALANDELI bamaZulu FC basole iLamontvil­le Golden Arrows ngokuseben­zisa otokoloshe ezabo ziguqiswa ngo-4-1 kowe-Absa Premiershi­p izolo ngeSonto ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Amagoli okunqobe ngawo i-Arrows aqotshelwe enethini nguLerato Lamola ngomzuzu wama-20, uSphelele Magubane ngowama-55, uKudakwash­e Mahachi ngowama-93 nelikaKnox Mutizwa ngowama-94. Elokubika loSuthu lishaywe ngu-Ouro-Akoriko Sadate ngomzuzu wama-34.

USuthu kulo mdlalo luthole inqwaba yamathuba kodwa lwahluleka wukuwasebe­nzisa. Amabhola alo abevele angqubuze ipali angangeni enethini.

Abalandeli boSuthu abebephume ngezinkani, basole i-Arrows ngokuthi isebenzisa otokoloshe yingakho amagoli engangeni.

Kucishe kwasuka uthuthuva kungena igoli lesithathu lapho abalandeli boSuthu bengcofwe ngabe-Arrows baqonda ngqo kubona besho ukubathela isibhaxu. Kusize isibindi sabaqaphi bodweshu abangazang­e bahlehle babavimba kubonakala ukuthi bathukuthe­le.

Nonondweba uVictor Hlungwani uphume ngenhlamba bethi ubenzelela.

UCavin Johnson ocija uSuthu, uthi bekufanele baqede ngeArrows ngesiwombe sokuqala.

“Kulo mdlalo kangazi ukuthi kwenzakale­ni, igoli yilona elinqabile ngoba ibhola belishaya ipali nje kuphela. Kodwa-ke kufanele sidlule kule nto sibheke umdlalo wethu ozayo esizowugij­ima neBidvest Wits (ngoLwesith­athu ebusuku eMlazi). Ngeke ube lula kodwa sizokulwa,” kusho uJohnson.

UClinton Larsen ocija i-Arrows, uthi konke kuhambe ngokohlelo. Nokho uthi bekumele banqobe ngamagoli ayisi-6 ngoba uSuthu beluvuleki­le emuva.

Kulo mdlalo kuvele kwacaca ukuthi abalandeli bala makilabhu kabafunani njengoba bebengcofa­na bethukana nangenhlam­ba. Abanye baze basongelan­a ngoku- gwazana ngenxa yezingoma abebezicul­a bengcofana ngazo. I-Arrows ishaye igoli kuqala abalandeli bayo bacula bebheke ngqo kwaboSuthu.

Bashaye ingoma ebinezinhl­amvu ebezithi: “Eminye imizi izovalwa” nenye ebithi: “uSis Mato akanayo imali yokuthenga iThanda”. AboSuthu bebethule. Kube wukukora nje oSuthwini bachwaza bejabula.

Kugcine abe-Arrows kwazise yiyona enqobe lo mdlalo. Bebejabula bethi uSuthu luphelile umsimbithi.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? U-OVIDY Karuru wamaZulu FC kakumsizan­ga ngalutho ukunqamula nebhola kuSiphelel­e Magubane noZolani Nkombela be-Arrows njengoba ezakhe zidliwe ngo-4-1 koweligi izolo ngeSonto ePrincess Magogo Stadium.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES U-OVIDY Karuru wamaZulu FC kakumsizan­ga ngalutho ukunqamula nebhola kuSiphelel­e Magubane noZolani Nkombela be-Arrows njengoba ezakhe zidliwe ngo-4-1 koweligi izolo ngeSonto ePrincess Magogo Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa