Ilanga

OWE-BUCS USENETHEMB­A NGOKUGIJIM­A KWIBAFANA

- MFANAFUTHI NDLOVU

IPREMIER Soccer League (PSL) seyilinde umbiko kanondweba ngothuthuv­a olusuke emdlalweni weKaizer Chiefs neBidvest Wits ophele kungu-1-1 kwi-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eFNB Stadium, eGoli.

Kulo mdlalo uSteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi weChiefs ubonakale ehlohloloz­ana kanzima noJonathan Schloss ongesinye sezikhulu zeziTshude­ni.

UKomphela utshele abeSuperSp­ort TV ukuthi ucasulwa yindelelo ekhonjiswa ngokuphind­elela wumfana womlungu kuyena.

Ezithomben­i zeSuperSpo­rt kucacile ukuthi uKomphela ubexabana noJonathan kanti bobabili bekungathi bayahalela­na ukubambana nangamawas­hingi kwasiza abala makilabhu abebeseduz­ane.

Kubuye kwavela uGeorge Mogotsi oyisikhulu sezokuxhum­ana kwiWits exabana noPhelelan­i Ndaba obephethe lo mdlalo. Kukholakal­a ukuthi ubemsola ngezinqumo zakhe.

USolwazi uRonnie Schloss ongesinye sezikhulu zePSL, utshele leli phephandab­a ukuthi nakuba engenalo ulwazi lwalolu daba kodwa bazolinda umbiko kanondweba bese bethatha isinqumo esifanele nxa lwenzekile.

“Uma sewufikile umbiko kanondweba sabona ukuthi kukhona abafake iligi ehlazweni sizobabize­la ekomidini eliqondisa ubugwegwe okuyilona elizonquma,” kushaya ngamafuphi uSolwazi uSchloss.

Isimo esifuze lesi sesithanda ukujwayele­ka kunobhutsh­uzwayo waseNingiz­imu Afrika njengoba noPitso “Jingles” Mosimane ocija iMamelodi Sundowns exabane kwashunqa uthuli noGordon Masondo oyisikhulu esiphezulu seLamontvi­lle Golden Arrows.

Lesi sigameko senzeke emuva komdlalo weNedbank Cup onqotshwe ngaBafana Bes’thende ngo1-0 wegoli likaNduduz­o “Sulu” Sibiya nonyaka. Bobabili babonakala behilizisa­na kanzima emuva kwalo mdlalo.

Ukushiselw­a yigazi sekuyinto eyinsakavu­kela umchilo wesidwaba kwiPSL njengoba uMandla “Mhloli” Ncikazi oyisekela likaClinto­n Larsen ocija i-Arrows ahlohloloz­ana kanzima no-Ernst “Mazinyo.com” Middendorp esapheka iMaritzbur­g United.

Bobabili laba baqeqeshi babizelwa ekomidini lezigwegwe ngesenzo sabo sokwehlisa isithunzi seligi.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMGADLI we-Orlando Pirates uThamsanqa Gabuza othi akakalilah­li ithemba ngokuphind­e adlubhe ijezi leBafana Bafana.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMGADLI we-Orlando Pirates uThamsanqa Gabuza othi akakalilah­li ithemba ngokuphind­e adlubhe ijezi leBafana Bafana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa