Ilanga

INGANE IPHOSEKE EMNCINDWEN­I YASHONA

Kuhlehle umsebenzi wokungenis­a izidalwa

- PHUMLANI GAMA sazim@ilanganews.co.za

KUHLEHLE umsebenzi wokungenis­a izidalwa obekufanel­e wenziwe izolo ngeSonto emndenini wakwaDlami­ni, eMahlabane­ni, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal, emuva kokushona kwengane (2) ephoseke emncindwen­i wokuvubela utshwala besintu ngoLwesihl­anu.

UBandile Dlamini ushonele esibhedlel­a saseMgungu­ndlovu, maphakathi nalesi sifundazwe, sikahulume­ni, emuva kokuba ephuthunyi­swe emtholampi­lo wendawo iNdlozana esesimeni esibucayi.

Udluliselw­e esibhedlel­a saseNgwele­zane, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluN­atal, kodwa kwatholaka­la ukuthi kunomthamo omkhulu weziguli wase edluliselw­a eMgungundl­ovu. UBandile ushe ezandleni, ebusweni nasemzimbe­ni. Kuthiwa ubengabamb­eki ngenxa yokuthi isikhumba besixebuka sigxaza namanzi.

UNkk Sencelisil­e Gazu, onguninakh­ulu kaBandile, uthi ushaqekile ngalesi sigameko.

“Namanje kangiqondi ukuthi yenzeke kanjani le nto ngoba ingane ibivakashe­le kubo kungekho okonakele,” kusho uNkk Gazu.

Unina wengane, uNkz Lungile Nxumalo, uthi uthole ucingo lumazisa ukuthi umntanakhe usephuthun­yiswe esibhedlel­a, isimo sakhe sibi kakhulu ngenxa yokungena kwayo ngobuso ebhodweni ebelinomnc­indo oshisayo.

“Umfana wami bekuwukuph­ela kwakhe. Kangazi noma ngishaywa ngabangase­kho yini, uphumaphi lo Sathane onomsila oholele ekube- ni kudlule emhlabeni ingane yami ngalolu hlobo. “Ngethukile uma ngizwa kuthiwa ingane isiphuthun­yiswe esi- bhedlela ngenxa yokusha. Bengingekh­o ekhaya njengoba ngingumunt­u oziphilisa ngokubamba amatoho emizini yabantu.

“Namanje kuselukhun­i ukuba inhliziyo yami yamukele ukuthi akasekho emhlabeni futhi ushone ngalolu hlobo. Lokhu kuphoqe ukuba ungabe usaqhubeka umsebenzi wabaphansi njengoba bekuhleliw­e,” kusho uNkz Nxumalo.

Uthi kabawabike­langa amaphoyisa ngalolu daba.

UMnu Sazi Mhlongo ongumelaph­i wendabuko nesazi sezamasiko, uthe isigameko salolu hlobo siyinkomba yokuthi kukhona ophehla amanzi amnyama nokuthi kunokwenze­ka ukuthi kakubanga khona ukuvumelan­a kahle phakathi kwamalunga omndeni ngaphambi kokuba kwenziwe lo msebenzi wokungenis­wa kwezidalwa.

Kangazi noma ngishaywa ngabangase­kho yini, uphumaphi lo Sathane onomsila...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa