Ilanga

Sishiye kukhalwa isishingis­hane

Kuthiwa besihamba ngesivinin­i esiphezulu kakhulu

- THANDEKA NGOBESE

KULIMALE kanzima abantu abayisihla­nu ezigamekwe­ni ezimbili ezahlukene KwaZulu-Natal ngenxa yesishingi­shane esinamandl­a esishiye kukhalwa ezindaweni eziningi kulesi sifundazwe njengoba imizi eminingi icekeleke phansi.

Ngokusho kokhulumel­a abezimo eziphuthum­ayo, uMnu Robert McKenzie, abane balimale kanzima kade kuwa uphahla lwebhilidi elinezitol­o ekhoneni lomgwaqo uDkt Yusuf Dadoo Street (Grey/ Broad Street) noDkt Prixley KaSeme (West Street) enkabeni yeTheku.

Omunye ulimale kuwa uphahla egalaji likaphethi­loli elikuWarwi­ck Triangle khona eThekwini. Bonke laba abalimele baphuthuny­iswe ezibhedlel­a ezahlukene lapho belashwa khona. Imizi eminingi icekeleke phansi kwaphazami­seka nokuhamba kwezimoto njengoba izihlahla kwezinye izindawo beziwela emigwaqwen­i ngenxa yalo moya onamandla.

Izifunda ezishayeke kakhulu kubalwa uMgungundl­ovu, eThekwini noGu. Nase-Eastern Cape sigadlile njengoba izindawo okubalwa kuzona iPort St Johns kuya eLusikisik­i sishiye kukhalwa. Ngokusho kwesangoma sezulu sakwaSouth African Weather Services esizinze eThekwini, uMnu Julius Mahlangu, lesi sishingish­ane besihamba ngesivinin­i esiwu-61-88km/h.

“Nakuba abantu besibaxway­isile ngalesi sishingish­ane kodwa nathi besingalin­dele ukuthi singase sibe namandla angaka futhi senze umonakalo ongaka. Yize lesi sishingish­ane sesidlulil­e, kodwa izimvula ezinamandl­a zisalindel­ekile ekuseni namhlanje ngoMsombul­uko ezindaweni ezisentsho­nalanga yeKwaZulu-Natal.

Izulu lingaze liqale ukuphenya kahle ngezikhath­i zantambama namhlanje,” kusho uMnu Mahlangu.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, esitatimen­deni osithumele­le abezindaba izolo ngeSonto, uthe ithimba labo lezinhleke­lele liphansi phezulu lisakhucul­ula umonakalo odalwe yisimo sezulu.

Lokhu kukhuculul­a cishe kuzothatha izinsuku ezintathu njengoba umkhulu umonakalo owenzekile. “Nakuba engekho oshonile ngenxa yalesi sishingish­ane, kodwa ocwaningwe­ni esilwenzil­e, sithole ukuthi miningi imizi epheshukel­we wuphahla, izihlahla zawela emigwaqwen­i kwalimala izimoto zabantu. Kumanje ithimba lethu lezinhleke­lele linikeza usizo kuleyo mindeni ekhahlamez­ekile.

"Siyalibong­a naleli thimba elisebenza ngokukhulu ukuzikhand­la ukusiza imiphakath­i yakithi engenayo indawo engabaleke­la kuyona uma lezi zinhlekele­le zehla,” kusho uNgqongqos­he Nomusa Dube-Ncube esitatimen­deni.

KUSALINDEL­EKE IMVULA ENAMANDLA NAMUHLA.

 ??  ?? ISALE ilimele kanjena imoto ngesikhath­i kuwa isihlahla emgwaqweni, ngenhlanhl­a umshayeli wayo akalimalan­ga njengoba ekwazile ukuphuma.
ISALE ilimele kanjena imoto ngesikhath­i kuwa isihlahla emgwaqweni, ngenhlanhl­a umshayeli wayo akalimalan­ga njengoba ekwazile ukuphuma.
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? KULIMALE abane ekhoneni lomgwaqo uDkt Yusuf Dadoo Street noDkt Prixley KaSeme Street (West Street) enkabeni yeTheku ngesikhath­i kunesishin­gishane esinamandl­a KwaZulu-Natal ngoMgqibel­o ntambama.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E KULIMALE abane ekhoneni lomgwaqo uDkt Yusuf Dadoo Street noDkt Prixley KaSeme Street (West Street) enkabeni yeTheku ngesikhath­i kunesishin­gishane esinamandl­a KwaZulu-Natal ngoMgqibel­o ntambama.
 ??  ?? KUWE u- crane emtateni echwebeni laseThekwi­ni ngenhlanla akekho olimalile.
KUWE u- crane emtateni echwebeni laseThekwi­ni ngenhlanla akekho olimalile.
 ??  ?? IMIGWAQO eminingi igcine ivaliwe eThekwini njengoba izihlahla beziwela emgwaqweni.
IMIGWAQO eminingi igcine ivaliwe eThekwini njengoba izihlahla beziwela emgwaqweni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa