Ubhacile umfundi obanjwe noshevu
Kuthiwa uwuhlupho esikoleni
USEKUBHACENI eSwaziland umfundi (17) owenza uGrade 7 eMngceleni Primary School eNgonyameni, eNgwavuma, enyakathompumalanga yeKwaZulu-Natal, okuthiwa ubanjwe noshevu okusolwa ukuthi ubehlose ukubhubhisa ngawo abanye abafundi ngeledlule.
Kuthiwa lo mfundi - esingeke simdalule - uvele uwuhlupho ngisho nakothisha, ikakhulukazi abesifazane, okuye kuthi uma befundisa abathwebule izithombe ngomakhalekhukhwini.
Uma ebuzwa ukuthi ukwenzelani lokho aphendule ngokuthi akekho onegunya lokumbuza ngoba yizithandwa zakhe lezi, ufuna ukuzibona nalapho esephumile esikoleni.
Kakukhona okokuqala ebanjwa egila imikhuba lo mfundi njengoba emasontweni amathathu adlule kuthiwa ubanjwe ephethe isidladla sengwe. Kubikwa ukuthi ushaye ngaso omunye umfundi wesifazane ogule wabangwa nezibi.
Ngokuthola kweLANGA, kusize ukuthi abazali bale ntombazanyana baphuthume kubelaphi bendabuko. NgoLwesine udaba lwalo mfundi luhlalelwe esigcawini senduna yendawo, uMnu Ellias Shongwe, okuyilapho kuvele ukuthi ushevu usufana noshokoledi ngendlela othengiswa ngayo ezikhungweni zokuhola impesheni.
Kuvele ukuthi abawuthengisayo kabanankinga ngisho nokuwuthengisela izingane ezincane. Ngesikhathi kudingidwa lolu daba ngoLwesine, uNkz Khanyisile Mathenjwa, ongunina walo mfu- ndi, unyukelwe wushukela wathi kudlalwa ngengane yakhe.
Usongele neLANGA wathi lizowukhomba umuzi onotshwala uma kwenzeka libhala lolu daba.
“Mina kangisazi ngizothini, konke okubi kukhonjwa enganeni yami. Kazi wadlani kabani u...... (esho emgagula ngegama). Lona uma eke wakhuluma kubangani bakhe ngalolu daba (ebhekise entathelini), uma efuna ukubona ingane kaMkhathali alubhale, uzongibona kahle.
“Kangiyena owokudlala phela mina. Kwayena lo muntu eningikhulumisa udaba lwakhe kangimazi, ngizwa kuthiwa useSwazini futhi nje kangifuni ukuphinde ngibizelwe ukuzokhuluma izindaba namacala ngegama lomntanami,” kusho uNkz Mathenjwa.
Ekhuluma egameni lobukhosi bakwaMngomezulu, uMnu Hlulizizwe Mngomezulu, uthe ibakhathaza kakhulu indaba yalo shevu othengiswa bume emiholweni ngoba miningi imiphefumulo esiphumile ngenxa yawo.
“Iyasikhathaza indaba yalaba bantu abathengisa ushevu emiholweni, bahamba bememezela ukuthi wumuthi wokubulala amagu- ndwane kanti yithuluzi lokuqeda abantu. Mayelana nokwenzeke kulesiya sikole, siyakugxeka ukuba othisha nothishanhloko bathule nesigameko esibucayi ngalolu hlobo.
“Nakubazali siyacela ukuba bayale izingane emakhaya ngoba akukho okungenziwa ngothisha uma ingane iluhlaza futhi ingafundisiwe kubo inhlonipho. Okwalo mfana-ke, uyabona nje ukuthi indaba isala ekhaya kubazali.
“Kakuwona umqondo omuhle ukuba umzali abhoke ngolaka uma kusolwa ingane yakhe. Lo mfana kumele ngabe usesiqedile isikole kodwa ngenxa yobudlwe-mbe nokuvunwa ngabazali, impilo yakhe imile. Nasemphakathini makuphele lo mkhuba wokunikeza abantwana imithi kuthiwe ngeyokuqomisa izintombi,” kusho uMnu Mngomezulu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Mlotshwa, uthe kuyichilo ukuthi umfundi angangena noshevu esikoleni.
Uthe bazoxhumana nesikole ukuze bathole imininingwane ephelele ngalolu daba emuva kwalokho babuye nezimpendulo eziphelele.
“Besingakayitholi imibiko ephelele ngalolu daba. Kakukapheli zinyanga zingaki ILANGA libike ngabafundi baseNjakazane Primary School abasinde kukubi esibhedlela ngemuva kokuba bedle ukudla okunoshevu. Nakhona lapho kusolwe wona lona othengwa emholweni,” kusho uMnu Mlotshwa.