Ilanga

EZISHAQISA­YO NGOZWELI MKHIZE

- INTATHELI YELANGA

IVEZA ezishaqisa­yo ngoMgcinim­afa we-African National Congress (ANC), uDkt Zweli Mkhize, incwadi ebhalwe yintatheli esimnkants­hubomvu esihloko esithi: “Khwezi” ekhuluma ngempilo kaNkz Fezekile “Khwezi” Kuzwayo ongasekho, odume kakhulu ngesikhath­i evulela uMengameli Jacob Zuma icala lokudlweng­ula ngowezi-2006.

Le ncwadi, ebhalwe nguNkk Redi Tlhabi, igeqa amagula ngokuhluku­mezeka kukaNkz Kuzwayo ngesikhath­i secala nangokunge­na shi ngekhala kulolu daba kukaDkt Mkhize ngenhloso yokumcinde­zela ukuba esule icala.

Ngokombiko wephephand­aba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iCity Press, kule ncwadi uDkt Mkhize ubengumnga­ni omkhulu kayise kaNkz Kuzwayo, uMnu Judson Khuzwayo noMengamel­i Zuma ahlangana nabo ngesikhath­i besekuding­isweni futhi yena njengengan­e, ubebabiza ngoninalum­e.

Uyise kaNkz Kuzwayo ugcine ngokushona engozini yemoto eZimbabwe. Ngokwencwa­di kaNkk Tlhabi, uDkt Mkhize uthumelele uNkz Kuzwayo ummeli ukuba ayomncenga ukuba angalufaki enkantolo lolu daba.

Ezohlangan­a nalo mmeli ubepheleze­lwa ngunina, uNkk Beauty Kuzwayo, nomngani wakhe amthole besekuding­isweni, owaziwa ngoKimmy kodwa isibongo sakhe esingadalu­lwanga. Engxoxweni ababe nayo, ummeli ukuveze obala ukuthi ngokwakhe ufisa ukuba uKhwezi avele ayeke ukuqhubeka necala ngoba akaboni ezoliwina enkantolo.

Kuthe uma eqinisa ikhanda ethi uyaqhubeka necala, ummeli wathi: “Umalume Mkhize uzomangala ukuthi phezu kokuba sesikhulum­ile kodwa uyenqaba ukwesula icala.

“Umalume uZweli ubethi uma evakashile ekhaya, azwakale engumuntu ongasohlan­gothini lwethu futhi kube lula ukuthi simthembe. Kwesinye isikhathi uma ezobona umama, ubesisiza nangemali yokuthenga ukudla,” kusho uNkz Kuzwayo kule ncwadi. Okunye okuqukethw­e yile ncwadi wukuthi: *UNkz Kuzwayo ucindezelw­e ukuba angene ngaphansi kohlelo lwamaphoyi­sa oluvikela ofakazi esikhundle­ni salolu olusingeth­we yiNational Prosecutin­g Authority (NPA) ngoba kuthiwa lolu hlelo ngeke lusaqhubek­a ngoba kunenkinga yemali.

*Amaphoyisa abeqashelw­e ukuba abe ngonogada bakhe abeqopha yonke inkulumo abenayo nomluleki wezengqond­o nomshushis­i, uCharin de Beer, kodwa kuNkz Kuzwayo bekungathi lokhu kwenzelwa ukumvikela. Ekugcineni le miqopho (tapes) ilahlekile, okungenzek­a ukuthi kunolwazi olukhishiw­e kuyona.

*Onogada abebemgadi­le bebemdlisa ushevu ngommeli wakhe, bethi akanalo ulwazi olwanele ngezomthet­ho, bembuza nokuthi wenziwe yini ukuba akhethe ukumelwa wumlungu bekhona abamnyama.

*Obeyinhlok­o yezobunhlo­li kwezobugeb­engu obuhleliwe, uMnu Mulangi Mphego, uke wazama ukupenda isithombe esingesihl­e ngoNkz Kuzwayo ngesikhath­i efike endlini abegcinwe kuyona, emcela ukuba ayogona emathangen­i akhe ngenhloso yokuthi basebenzis­e lokhu enkantolo ukuveza ukuthi ubengumunt­u ongaziphet­he kahle, ozicelele ucansi kumengamel­i hhayi ukuthi umdlwengul­ile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa