Sesidlwengulwe kabili isalukazi
Kuphela izinsuku sihleli nendle
SIBHEKENE nosizi isalukazi (80) saseMalangeni eMzinto, eningizimu yeKwaZulu-Natal, esike sadlwengulwa izikhawu ezimbili zilandelana - kuyimanje sishaywe wuhlangothi.
UNkz Nokuzola Zikhali (okungelona igama lakhe langempela ngenxa yokumvikela) ongasakwazi ngisho ukukhuluma kahle, ongakhumbuli ngisho nesigameko sokudlwengulwa kwakhe, uficwe elele njengoba engasakwazi nokwenzani.
Uhlala emzini wesihlobo sakhe kwazise izingane zakhe sezashona zonke, usele nomalokazana wakwakhe okuthiwa kababhekani. Kuthiwa abadlwenguli bathole ithuba lokumdlwengula njengoba enganakwe muntu.
ILANGA lithole ukuthi umdlwenguli ubanjwe oqotsheni egila lo mhlola wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
UNkz Zikhali, okuvela ukuthi kuke kuphele izinsuku ezingaphezu kwezimbili engadlile, kuthiwa indle nomchamo yinto ahlale elele phezu kwayo njengoba kwakuphenduka sekuyinto enzima kuyena.
Kuthiwa uze asizakale uma kukhona odlule wamqalaza ukuthi usaphila yini.
ILANGA likhulume noMnu Sphiwo Hadebe oyisihlobo sikaNkz Zikhali othe uhlala naye yize isikhathi esiningi esichitha engekho ekhaya ngenxa yomsebenzi.
Uthi uNkz Zikhali ufike kubo eyofuna indawo yokuhlala ngoba sezishone zonke izingane zakhe, esesele nomakoti wendodana yakhe angezwani naye. Uthi uhlaselwe wukugula wangakwazi ukuhamba.
“Ngenxa yokuthi lapha ekhaya kuhlale kungekho muntu, ehleli yedwa, umdlwenguli uthole ithuba lokumdlwengula kanti uzoba nebhadi abanjwe. Siyasola ukuthi lo muntu bese kuyinto ajwayele ukuyenza ngoba azi ukuthi ugogo uhlala yedwa,” kusho yena.
Uthi sebezame ezindaweni eziningi okunakekelwa kuzona abantu abadala ukuba bamthathe kodwa betshelwa ukuthi mabalinde.
Ngesikhathi ILANGA livakashele uNkz Zikhali, limfice esizwa ngowesifazane othandana noMnu Hadebe, oveze ukuthi isalukazi size sithole ukushintshwa inabukeni uma evakashele isoka lakhe.
Uthi abantu ababaqashayo ukuba bamgade - abakhokhelwa ngempesheni kaNkz Zikhali - bayawuyeka umsebenzi bakhale ngokuthi imali incane.
UNkk Sizakele Khoza, ongumalokazana kaNkz Zikhali ongumhlengikazi, uthe uyasazi isimo uninazala aphila ngaphansi kwaso kodwa kunzima ukuthi angamthatha ahlale naye ngenxa yokuthi uyamthuka ambize ngayo yonke inhlamba.
Uthi useke wamzamela ukuba ayohlala ekhaya labantu abadala kodwa bamchitha.