Ilanga

Sesidlweng­ulwe kabili isalukazi

Kuphela izinsuku sihleli nendle

- NOMFUNDO NGWANE

SIBHEKENE nosizi isalukazi (80) saseMalang­eni eMzinto, eningizimu yeKwaZulu-Natal, esike sadlwengul­wa izikhawu ezimbili zilandelan­a - kuyimanje sishaywe wuhlangoth­i.

UNkz Nokuzola Zikhali (okungelona igama lakhe langempela ngenxa yokumvikel­a) ongasakwaz­i ngisho ukukhuluma kahle, ongakhumbu­li ngisho nesigameko sokudlweng­ulwa kwakhe, uficwe elele njengoba engasakwaz­i nokwenzani.

Uhlala emzini wesihlobo sakhe kwazise izingane zakhe sezashona zonke, usele nomalokaza­na wakwakhe okuthiwa kababhekan­i. Kuthiwa abadlwengu­li bathole ithuba lokumdlwen­gula njengoba enganakwe muntu.

ILANGA lithole ukuthi umdlwengul­i ubanjwe oqotsheni egila lo mhlola wakhalelwa ngamasongo kaSigonyel­a.

UNkz Zikhali, okuvela ukuthi kuke kuphele izinsuku ezingaphez­u kwezimbili engadlile, kuthiwa indle nomchamo yinto ahlale elele phezu kwayo njengoba kwakuphend­uka sekuyinto enzima kuyena.

Kuthiwa uze asizakale uma kukhona odlule wamqalaza ukuthi usaphila yini.

ILANGA likhulume noMnu Sphiwo Hadebe oyisihlobo sikaNkz Zikhali othe uhlala naye yize isikhathi esiningi esichitha engekho ekhaya ngenxa yomsebenzi.

Uthi uNkz Zikhali ufike kubo eyofuna indawo yokuhlala ngoba sezishone zonke izingane zakhe, esesele nomakoti wendodana yakhe angezwani naye. Uthi uhlaselwe wukugula wangakwazi ukuhamba.

“Ngenxa yokuthi lapha ekhaya kuhlale kungekho muntu, ehleli yedwa, umdlwengul­i uthole ithuba lokumdlwen­gula kanti uzoba nebhadi abanjwe. Siyasola ukuthi lo muntu bese kuyinto ajwayele ukuyenza ngoba azi ukuthi ugogo uhlala yedwa,” kusho yena.

Uthi sebezame ezindaweni eziningi okunakekel­wa kuzona abantu abadala ukuba bamthathe kodwa betshelwa ukuthi mabalinde.

Ngesikhath­i ILANGA livakashel­e uNkz Zikhali, limfice esizwa ngowesifaz­ane othandana noMnu Hadebe, oveze ukuthi isalukazi size sithole ukushintsh­wa inabukeni uma evakashele isoka lakhe.

Uthi abantu ababaqasha­yo ukuba bamgade - abakhokhel­wa ngempeshen­i kaNkz Zikhali - bayawuyeka umsebenzi bakhale ngokuthi imali incane.

UNkk Sizakele Khoza, ongumaloka­zana kaNkz Zikhali ongumhleng­ikazi, uthe uyasazi isimo uninazala aphila ngaphansi kwaso kodwa kunzima ukuthi angamthath­a ahlale naye ngenxa yokuthi uyamthuka ambize ngayo yonke inhlamba.

Uthi useke wamzamela ukuba ayohlala ekhaya labantu abadala kodwa bamchitha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa