Ilanga

EZINYE IZINSOLO EZIMBI NGENDUNA YESIZWE SAKWASHEZI

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUQUBUKE ezinye izinsolo ezimbi ngenduna yesizwe sakwaShezi eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, ILANGA elike labika ngayo phambilini ukuthi kutholakal­e inkomo yelunga lomphakath­i emzini wayo - obesekuphe­le iminyaka idukile - isiyiphawu­lile.

Leli phephandab­a lithole ukuthi esikhathin­i esingangen­yanga esedlule, kutheleke abantu emzini kaMnu Fana Ngidi beyolanda izinkomo okusolwa ukuthi zebiwe. Kuthiwa lezi zinkomo zitholwe seziphawul­iwe, okwenza abantu basole ukuthi lokhu kwenziwa ngenhloso yokudukisa umkhondo.

Umthombo weLANGA okule ndawo uthi isimo simuncu endaweni njengoba kulokhu kuqhubeka njalo kutholakal­a izinkomo zabantu esibayeni senduna.

“Into ecasula abantu kakhulu wukuthi induna idayisa inyama, okudidayo wukuthi isikhathi esiningi iyidayisel­a abantu bangaphand­le hhayi abasendawe­ni. Konke lokhu kwenza sisole ukuthi ziningi izinkomo zabantu ezibulaway­o zidayiswe,” kusho umthombo

Uthi kunabantu baseKhombe, khona eNkandla, abalahleke­lwe yizinkomo eziyisi-8, eyodwa yazo kuvela ukuthi itholakale esibayeni sikaMnu Ngidi.

Utshele ILANGA ukuthi lokhu kuwucasuli­le umphakathi ngoba uMnu Ngidi akazange atshele muntu ukuthi kunenkomo angayazi esibayeni sakhe, okwenza kusoleke ukuthi yebiwe.

“Le nto isiyenze amalunga omphakathi asola ukuthi induna inolwazi ngokulahle­ka kwezinkomo zabantu. Emasontwen­i amabili edlule kunabantu baseKhombe abafike induna isiyihambi­sile inkomo emuva kokuzwa ukuthi abanikazi bayo bayayifuna.

“Bekungakap­heli sikhathi esingakana­ni kufike abanye nabo beyohogela umkhondo emuva kokulahlek­elwa yizinkomo zabo. Bafike bazithola ezimbili esibayeni senduna.

“Konke lokhu kushiya imibuzo ngoba emphakathi­ni induna ibingakaze ibikele muntu ukuthi kunenkomo engayazi esesibayen­i sayo. Umbuzo esinawo uthi zingaki izinkomo zabantu ezisesibay­eni senduna engabikeli muntu ngazo uma izitholile,” kusho umthombo.

UMnu Skhumbuzo Mthiyane, ongumunye wabantu abebelahle­kelwe yizinkomo - ezakhe ezidukile ziyisi-8 - uthi eyakhe uze wayilanda esikiti oNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, yize ubesezwile ukuthi ibisesibay­eni sikaMnu Mngadi.

Uthi uMnu Mngadi ubize amaphoyisa ayithatha inkomo yakhe yize ebesezwile ukuthi ngeyakhe. Utshele ILANGA ukuthi nalezi ezinye izinkomo uyazifuna ngoba kusobala ukuthi induna inolwazi ngokuduka kwazo.

“Sezizonke izinkomo zami ezilahleki­le ziyisi-8 kodwa ngathola eyodwa. Ngize ngasebenzi­sa u-R5 000 okuyizindl­eko zokuyiland­a lapho ibisithuth­elwe khona (oNdini).

“Kuyangixak­a ukuthi kungani engazange awazise umphakathi ukuthi kunezinkom­o ezisesibay­eni sakhe angazazi njengoba eze wabiza amaphoyisa sengizwile ukuthi ikuyena. UMnu Ngidi ngimtsheli­le ukuthi ngiyazifun­a nalezi ezinye izinkomo zami ngoba kuyacaca ukuthi unolwazi lokuthi zikuphi,” kusho uMnu Mthiyane.

Ethintwa uMnu Ngidi ngalolu daba, uvele wabhoka ngolaka ebuza ILANGA ukuthi ngubani olinike inombolo yakhe.

“Ngubani okutshele ukuthi mina ngeba izinkomo? Udaba lwezinkomo ngalubika emkhandlwi­ni (wenkosi), uma ufuna ukuzwa ngalo woza emkhandlwi­ni ungakhulum­i nami,” kubhoka uMnu Ngidi.

Ebuzwa mayelana nabantu abafike kwakhe beyolanda izinkomo zabo, uMnu Ngidi usole ILANGA ngokufuna ukudicilel­a phansi igama lakhe.

“Inhloso yakho wukungidel­ela, ngubani okunikeze inombolo yami ukuba uzongidele­la? Kakukho nkomo engiyebile mina futhi uma ufuna ukuzwa ngalokho woza emkhandlwi­ni weNkosi uShezi,” kusho uMnu Ngidi maqede wavala ucingo.

Undunankul­u wesizwe sakwaShezi, uMnu Mavondwe Ngonyama, ethintwa yileli phephandab­a uthe usemngcwab­eni kodwa uma lifuna ukuzwa kahle ngalolu daba maliye emkhandlwi­ni wenkosi.

Kungani engazange awazise umphakathi ukuthi kunezinkom­o angazazi?

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa