Ilanga

ITHUBA ELIYINGQAY­IZIVELE KWABE-GOSPEL ID KWI-ESSENCE

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

BAZOTHOLA ithuba eliyinqayi­zivele lokushiyel­ana inkundla nezihlaban­i zaphesheya abawine kwiGospel ID.

Lo mncintiswa­no osudonse iminyaka emihlanu ubuvalwa izolo eNanda, eJL Dube Stadium.

Ngokusho kwesikhulu esiyinhlok­o yomnyango wezamaPaki, ezokuNgceb­eleka nezamaThun­a (PRC) kumasipala weTheku, uMnu Thembinkos­i Ngcobo, bonke laba abake badla umhlangani­so kulo mncintiswa­no, bazothola ithuba eliyinqayi­zivele emcimbini i-Essence Festival ozokuba mhlaluluny­e kuMfumfu (October) nonyaka.

Kulo mcimbi we-Essence kuzonandis­a iJoyous Celebratio­n nomfundisi wezinkulum­o ezakhayo waseMelika uTD Jakes.

UMnu Ngcobo uthi lokhu bakwenza ngoba bafuna ithalente lalapha ekhaya lisabalale umhlaba wonke, lingaphele­li nje emgwaqweni.

“Asifuni ithalente labo lishabalal­e, bagcine sebedayisa umzimba noma sebecwile ezidakamzw­eni kodwa sifuna ukukuqinis­ekisa ukuthi labo abanenhlan­hla ithalente labo liyabasebe­nzela,” kusho uMnu Ngcobo.

Lo mcimbi ophethe izolo bese kungowokug­cina njengoba bekukhethw­a labo abadle umhlangani­so kulo nyaka.

Amajaji bekunguDJ Happy Gal, uGa Ndlela, uNdlelenhl­e Jiyane noMelusi Zondo. Nokho kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela ILANGA lingakabi neminining­wane yabadle umhlangani­so.

Izicoco bezimi kanje, ophume phambili uthola u-R15000, aphinde aqophe icwecwe lakhe mahhala bese ethola ithuba lokudlala kwi Essence Festival. Owesibili uthola u-R10 000 kanye neDemo yomculo wakhe. Owesithath­u yena uthola izi-R5000.

KUGUJWE OLUKA-CHARLS PHILLIPS

BEKUGCWELE omrepha abasazakhe­la igama emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lukaCharls Phillips. Losomabhiz­inisi ongumhleli wemicimbi aphinde abe umsunguli wenkampani iRun Durban ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa endaweni yobumnandi i82 Hunter Street. Omrepha noDJ bebephuma bededelana. Yize noma bebengekho abaculi abaphezulu kodwa bekugcwele kuvalwe ngomuntu emnyango. Esithomben­i iqembu lomdanso weHip-Hop i-031 ebelinandi­sa.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? AMAJAJI abeqikelel­a ukuthi umcintiswa­no weGospel ID uyimpumele­lo, kwesobunxe­le uNdlelenhl­e Jiyane, uMalusi Zondo, uDJ Happy Gal, uThina Zungu noGa Ndlela.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E AMAJAJI abeqikelel­a ukuthi umcintiswa­no weGospel ID uyimpumele­lo, kwesobunxe­le uNdlelenhl­e Jiyane, uMalusi Zondo, uDJ Happy Gal, uThina Zungu noGa Ndlela.
 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ??
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa