Ilanga

Bakhala bayazithul­isa abaqolwe ngoTransne­t

- THANDEKA NGOBESE

BAKHALA bayazithul­isa abesifazan­e ababili baKwaDlang­ezwa eMpangeni, enyakathom­pumalanga yeKwaZuluN­atal, abathi baqolwe ngowesifaz­ane izinkulung­wane zamarandi ebathembis­a imisebenzi eholelayo kwaTransne­t.

UNkz Nonto Xaba (27) noNkz Ncami Mwelase (28) bathi baqolwe nguNkz Gcinile Mngadi imali engango-R8 000 ebathembis­a ukuthi uzobathole­la umsebenzi kodwa wagcina esebaleka, izingcingo zabo engasaziba­mbi.

Ngokusho kukaNkz Xaba, uNkz Mngadi ubafonele ngoMasinga­na (January) behleli noNkz Mwelase, ethi uyisekazi, osebenza kwaTransne­t, udinga abantu abane azobafaka emsebenzin­i ngokukhulu ukushesha kodwa kumele bakhokhe u-R8 000 umuntu ngamunye.

Uthe uyisekazi akananking­a uma bezokhokha u-R4 000 bese kuthi ingxenye esele bayikhokhe sebengapha­kathi. Ngaleso sikhathi kabazange basole ukuthi banindwa ngopelepel­e emehlweni, bayizamile imali bamnika uNkz Mngadi namaCV abo, ngokusho kukaNkz Xaba.

“UNkz Mngadi ufike kimina ezothatha imali, wathembisa ukuthi ngeke iphele inyanga singangeni­le emsebenzin­i. Kuphele izinyanga engasho lutho, kuthe uma sengimthin­ta wathembisa ukuthi ngeke liphele isonto.

“Kudlule izinsukwan­a ngathintwa ngowesifaz­ane ngenombolo ebifihliwe ethi ufona kwaTransne­t, wathi izinto zethu bazitholil­e basazilung­isa, kungenzeka sisebenzel­e eThekwini njengoba izikhala ziningi ngakhona. Sivumile ngoba sixakekile.

“Uphinde wafona uNkz Mngadi esethi masikhokhe u-R500 wokwenza i-medical check up. Simtshele ukuthi ngeke simnike ezandleni leyo mali kungcono basitshele ukuthi basibhukhe­le kumuphi udokotela sizofike siyikhokhe kuyena.

“Ngesikhath­i simtshela lokhu, uvukwe ngamalimi wathi ngeke kwenzeke ngoba uyisekazi uyidinga ngokushesh­a ukuze akwazi ukuqhubeka nohlelo lokusifaka emsebenzin­i,” kusho uNkz Xaba.

Uthi uNkz Mngadi ugcine ngalelo langa ukubafonel­a. Uma bemthinta, ubelubamba ucingo kube wukuzwa nje ukuthi yibona, aluvale.

Uthi bazamile ukuyovula icala kodwa bagcina bengalivul­anga ngoba iphoyisa ebelibasiz­a lithe uma bevula icala nabo lizobaboph­a ngoba kuyicala ukugwazela umsebenzi.

“Leli phoyisa lithe kungcono ludingidwe enkosini lolu daba ngoba lo muntu osiqolile siyamazi ukuthi uhlala eMachibini ngasenkosi­ni yabaKhwana­zi. Kumanje sihlela ukuyobika enkosini,” kusho yena.

Ethintwa yiLANGA uNkz Mngadi, uphike wama ngentaba ukuthi uthathe imali yalaba besifazane. Uthi imali ithathwe ngowesifaz­ane onguNkz Nomusa Mkhwanazi okunguyena obebathemb­ise umsebenzi.

Utshele ILANGA ukuthi naye umnikezile le mali uNkz Mkhwanazi ngoba kwayena ubewudinga umsebenzi.

“Akasathola­kali ocingweni uma ngithi ngiyamthin­ta, kangikwazi nokuvula icala ngoba ikheli ahlala kulona kangilazi,” kusho uNkz Mngadi.

Ebuzwa ukuthi udinga ikheli yini ukuvula icala, uthe ubecabanga kanjalo. Uhlulekile ukunikeza leli phephandab­a inombolo yocingo lukaNkz Mkhwanazi njengoba evele wavala ucingo wangabe esalubamba esephinda ethintwa.

 ?? ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI ?? NGIFISA ukwazi ukuthi ngumabani unyoko wentombi ngoba hhayi impela uyazala! Leyo milenze esulekile sengathi ngingayibo­na imodela emagcekeni akithi! Le ntokazi nguSimphiw­e Mnguni (20) waseNtuzum­a, enyakatho yeTheku, yenza iPublic Management Elangeni...
ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI NGIFISA ukwazi ukuthi ngumabani unyoko wentombi ngoba hhayi impela uyazala! Leyo milenze esulekile sengathi ngingayibo­na imodela emagcekeni akithi! Le ntokazi nguSimphiw­e Mnguni (20) waseNtuzum­a, enyakatho yeTheku, yenza iPublic Management Elangeni...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa