KUNZIMA KUMFANA OZALWE ENEZILONDA UMZIMBA WONKE
INZIMA impilo yomfana waseMabhanoyini KwaNondabuya, eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal, onenkinga yomzimba ogcwele izilonda ezilumayo.
UCebolenkosi Sibiya (15) selokhu wazalwa uphila kanzima ngenxa yalezi zilonda nokulunywa okuyizinto ezimenza angakwazi ngisho ukuphumela egcekeni.
Leli phephandaba lithole ukuthi okunye okwenza kube nzima ukuphuma endlini wukuthi kunabamhlekayo ngenxa yalesi simo abhekene naso.
Ngokusho kukanina kaCebolenkosi, uNkk Bonakele Sibiya (53), selokhu wamzala uphila le mpilo. Uthi usehambe kwaze kwaguga izicathulo ezama ukutholela ingane yakhe usizo.
Utshele ILANGA ukuthi ingane yakhe isingadla noma yini enikezwa yona yikhona izolapheka. Uthi kwesinye isikhathi uyaye ezwe kuthiwa bakhona odokotela abangamsiza kodwa inkinga enkulu kube wukungabikhona kwezimali. Nakwabamanga usebuya khona kodwa lutho ukuthola usizo.
“Ngikhathazekile ngempilo ephilwa ngumfana wami, uphila ngokuzwa ubuhlungu. Uyazenwaya njalo, emuva kwalokho kuvele amathumba aphuma amanzi nezilonda ezimenza angakwazi nokuhamba.
“Kumanje usephila impilo yokuhlala phansi, kudingeka athole isihlalo esinamasondo. Ngicela noma ngubani ongaba nosizo elule isandla kusizakale umfana wami,” kusho yena.
Uthi kakuyona eyokuqala ingane ayizala inale nkinga.
“Ngonyaka we-1988 ngithole umfana owayenayo le nkinga, ngeshwa-ke waphetha ngokwedlula emhlabeni. Namanje nginovalo lokuthi angasho- na nalona enginaye kumanje, kakuhlukene nokuthi ukhubazekile. Yena uyakwazi ukukhuluma kodwa kunzima ukuphimisa amagama.