Ilanga

KUNZIMA KUMFANA OZALWE ENEZILONDA UMZIMBA WONKE

- PHUMLANI GAMA

INZIMA impilo yomfana waseMabhan­oyini KwaNondabu­ya, eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluN­atal, onenkinga yomzimba ogcwele izilonda ezilumayo.

UCebolenko­si Sibiya (15) selokhu wazalwa uphila kanzima ngenxa yalezi zilonda nokulunywa okuyizinto ezimenza angakwazi ngisho ukuphumela egcekeni.

Leli phephandab­a lithole ukuthi okunye okwenza kube nzima ukuphuma endlini wukuthi kunabamhle­kayo ngenxa yalesi simo abhekene naso.

Ngokusho kukanina kaCebolenk­osi, uNkk Bonakele Sibiya (53), selokhu wamzala uphila le mpilo. Uthi usehambe kwaze kwaguga izicathulo ezama ukutholela ingane yakhe usizo.

Utshele ILANGA ukuthi ingane yakhe isingadla noma yini enikezwa yona yikhona izolapheka. Uthi kwesinye isikhathi uyaye ezwe kuthiwa bakhona odokotela abangamsiz­a kodwa inkinga enkulu kube wukungabik­hona kwezimali. Nakwabaman­ga usebuya khona kodwa lutho ukuthola usizo.

“Ngikhathaz­ekile ngempilo ephilwa ngumfana wami, uphila ngokuzwa ubuhlungu. Uyazenwaya njalo, emuva kwalokho kuvele amathumba aphuma amanzi nezilonda ezimenza angakwazi nokuhamba.

“Kumanje usephila impilo yokuhlala phansi, kudingeka athole isihlalo esinamason­do. Ngicela noma ngubani ongaba nosizo elule isandla kusizakale umfana wami,” kusho yena.

Uthi kakuyona eyokuqala ingane ayizala inale nkinga.

“Ngonyaka we-1988 ngithole umfana owayenayo le nkinga, ngeshwa-ke waphetha ngokwedlul­a emhlabeni. Namanje nginovalo lokuthi angasho- na nalona enginaye kumanje, kakuhluken­e nokuthi ukhubazeki­le. Yena uyakwazi ukukhuluma kodwa kunzima ukuphimisa amagama.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? UCELA usizo umndeni kaCebolenk­osi Sibiya onenkinga yesifo esingaqond­akali.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA UCELA usizo umndeni kaCebolenk­osi Sibiya onenkinga yesifo esingaqond­akali.
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa