Ilanga

Usizi luzwa olunye esalukazin­i (92)

Silala sibala izinkanyez­i

- PHUMLANI GAMA

UKUHLUPHEK­A kuzwa okunye emndenini wesalukazi saseMathay­ini eBhambanan­a, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluN­atal, esishelwe wumuzi waso singenaman­dla okubhula umlilo obusha ubuhanguha­ngu ngeledlule.

UNkk Nokukhanya Ndlovu (92) uphoqeleke ukulala ebala izinkanyez­i emuva kokuba omunye wabazukulu bakhe edlale ngekhandle­la elishe maqede kwasha indlu ahlala kuyona nomndeni wakhe.

Le ndlu enamagumbi amabili isha nje ibivele ingekho esimeni esihle. UNkk Ndlovu uhlala kule ndlu nendodana yakhe, uMnu Jabulani Ndlovu, nomkakhe nabazukulu bakaNkk Ndlovu abayisihla­nu.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Ndlovu nokusebenz­a yinkukhu nempaka, ulokhu egade imali kanina yempesheni neyeqolo eholelwa izingane zakhe ezishiyana ngonyaka.

Ngokusho komunye womakhelwa­ne - ocele ukuba igama lakhe lingadalul­wa - babone kuqubuka intuthu emnyama kwaNdlovu baphuthuma khona bathola ukuthi indlu isiyaphela.

“UMnu Ndlovu lona ufanelwe wukuboshwa ngenxa yokuthi uhlukumeza umuntu omdala. Sinikele ngemizi yethu ukuba izingane nogogo bahlale okwesikhas­hana kusalungis­wa indawo yabo kodwa yena washaya phansi ngonyawo ethi bazolala egcekeni.

“Iwukuhluku­meza le nto ngoba enjalo nje akezwani nomsebenzi, uhamba namuhla kusasa uyabuya. Ngiswele amandla okuba ngimqondan­ise nengalo yomthetho, akukwazi ukuba kungalalis­wa izingane nomuntu omdala kangaka ngaphansi kwesihlahl­a.

“Ufike washaya phansi wathi kayikho ingane ezolala emzini womuntu futhi nonina ngeke alale emzini womuntu ashiye umuzi wakhe,” kusho lo makhelwane.

Echaza ngokwenzek­ile uMnu Ndlovu, uthe akanawo amade ngaphandle kokuthi akazi uzothathan­i ahlanganis­e nani ukuze akhe indlu entsha.

“Kuningi okushile lapha kuhlangani­sa imifaniswa­no yesikole, izitifiket­i namapasi nokunye okuningi obekuphaka­thi. Kangidinge kuphendula imibuzo ngokuthi kungani ngingavume­langa izingane nomama ukuba bayolala kwamakhelw­ane,” kusho uMnu Ndlovu.

ILANGA lixhumane nekhansela lendawo, uMnu Qedusizi Gumede, elithe liwutholil­e umbiko ngamalunga omphakathi waseMathay­ini ngokwehlel­e abakwaNdlo­vu.

 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? YINDLU okuhlala kuyona uNkk Nokukhanya Ndlovu (92), yindodana yakhe, wumkayo nabazukulu abayisihla­nu eshe ngeledlule.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA YINDLU okuhlala kuyona uNkk Nokukhanya Ndlovu (92), yindodana yakhe, wumkayo nabazukulu abayisihla­nu eshe ngeledlule.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa