Usizi luzwa olunye esalukazini (92)
Silala sibala izinkanyezi
UKUHLUPHEKA kuzwa okunye emndenini wesalukazi saseMathayini eBhambanana, enyakatho-mpumalanga yeKwaZuluNatal, esishelwe wumuzi waso singenamandla okubhula umlilo obusha ubuhanguhangu ngeledlule.
UNkk Nokukhanya Ndlovu (92) uphoqeleke ukulala ebala izinkanyezi emuva kokuba omunye wabazukulu bakhe edlale ngekhandlela elishe maqede kwasha indlu ahlala kuyona nomndeni wakhe.
Le ndlu enamagumbi amabili isha nje ibivele ingekho esimeni esihle. UNkk Ndlovu uhlala kule ndlu nendodana yakhe, uMnu Jabulani Ndlovu, nomkakhe nabazukulu bakaNkk Ndlovu abayisihlanu.
Ngokuthola kweLANGA, uMnu Ndlovu nokusebenza yinkukhu nempaka, ulokhu egade imali kanina yempesheni neyeqolo eholelwa izingane zakhe ezishiyana ngonyaka.
Ngokusho komunye womakhelwane - ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa - babone kuqubuka intuthu emnyama kwaNdlovu baphuthuma khona bathola ukuthi indlu isiyaphela.
“UMnu Ndlovu lona ufanelwe wukuboshwa ngenxa yokuthi uhlukumeza umuntu omdala. Sinikele ngemizi yethu ukuba izingane nogogo bahlale okwesikhashana kusalungiswa indawo yabo kodwa yena washaya phansi ngonyawo ethi bazolala egcekeni.
“Iwukuhlukumeza le nto ngoba enjalo nje akezwani nomsebenzi, uhamba namuhla kusasa uyabuya. Ngiswele amandla okuba ngimqondanise nengalo yomthetho, akukwazi ukuba kungalaliswa izingane nomuntu omdala kangaka ngaphansi kwesihlahla.
“Ufike washaya phansi wathi kayikho ingane ezolala emzini womuntu futhi nonina ngeke alale emzini womuntu ashiye umuzi wakhe,” kusho lo makhelwane.
Echaza ngokwenzekile uMnu Ndlovu, uthe akanawo amade ngaphandle kokuthi akazi uzothathani ahlanganise nani ukuze akhe indlu entsha.
“Kuningi okushile lapha kuhlanganisa imifaniswano yesikole, izitifiketi namapasi nokunye okuningi obekuphakathi. Kangidinge kuphendula imibuzo ngokuthi kungani ngingavumelanga izingane nomama ukuba bayolala kwamakhelwane,” kusho uMnu Ndlovu.
ILANGA lixhumane nekhansela lendawo, uMnu Qedusizi Gumede, elithe liwutholile umbiko ngamalunga omphakathi waseMathayini ngokwehlele abakwaNdlovu.