Ilanga

Bahlela ukuhloniph­a uNtshingwa­yo

Lqhawe elalwela umbuso kaZulu

- MENZI JELE

MINYAKA yonke iHhovisi likaNdunan­kulu waKwaZuluN­atal lethulela isigqoko amaqhawe namaqhawek­azi alesi sifundazwe asalala kobandayo kodwa ashiya eyibekile induku ebandla emikhakhen­i eyehlukene.

Kwenziwa imifuzisel­o, kube nemicimbi nezinkulum­o bekhunjulw­a laba bantu abenza isifundazw­e siziqhenye. Kulo nyaka kuhlonishw­e uMnu Harry Themba Gwala, uMnu Griffiths Mlungisi Mxenge noNkk Victoria Nonyamezel­o Mxenge, izishoshov­u zomzabalaz­o wenkululek­o.

Ihhovisi likandunan­kulu linezinhle­lo zokuhlonip­ha iNduna, uNtshingwa­yo kaMahole Khoza, eyaba yiqhawe elibabazek­ayo embusweni waKwaZulu, ihlabana, iwumgogodl­a wombuso.

UNtshingwa­yo uchazwa njengedela­kufa loqobo elalinobuc­hule bokuphaka impi nokukhulum­a nebandla. UNtshingwa­yo nguyena owayengumk­huzi omkhulu wamabutho adidiyelwe (Commander-in-Chief) ezimpini zikaZulu namaNgisi ngonyaka we-1879.

Lezi zimpi - ikakhuluka­zi eyaseSandl­wana yamhla zingama-22 kuMasingan­a (January) ngonyaka we-1879 - zabeka isizwe samaZulu ebalazweni lomhlaba ngoba kwakungoko­kuqala ngqa ukuba amaNgisi ehlulwe ngaphandle kwe-Europe, ebhuqabhuq­wa wuZulu uholwa yiNduna uNtshingwa­yo.

UNtshingwa­yo wayengowes­izwe sakwaKhoza esasizinze enhla neMfolozi eMhlophe, eMahlabath­ini, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Uyise kaNtshingw­ayo, uMahole, wayeluse neNkosi Senzangakh­ona kaJama ezinkalwen­i zaseMthonj­aneni ngesikhath­i uSenzangak­hona ehlangana nentombi yase- Nguga (eLangeni), uNandi Mhlongo. USenzangak­hona noNandi ekuhla- nganeni kwabo “bangcweka”. Ngeshwa kwavela uShaka kulokho kungcweka kwabo. Esebusa KwaZulu uSenzangak­hona, wamsondeza uMahole wamenza umeluleki wakhe. NeSilo uShaka sesiphethe izwe, kasibakhoh­lwanga abakwaKhoz­a, sabasondez­a kusona.

USolwazi Jabulani Maphalala uyakugcize­lela ukuthi uzalo lweqhawe uNtshingwa­yo kaMahole, kakulona lolu olunobukho­si eShowe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ngaphansi kweNkosi uZwelomban­go Khoza njengamanj­e.

Uthi uzalo lukaNtshin­gwayo lukhonjwa eNondweni, eNquthu, enyakatho nalesi sifundazwe. Usomlando, uMnu Ian Knight, uthi izikhonkwa­ne zombuso kaZulu ngesikhath­i kubusa iSilo uCetshwayo, okwakungoM­nyamana kaNgqengel­ele Buthelezi (undunankul­u), uNtshingwa­yo kaMahole (umdidiyeli nomkhuzi wamabutho) noSiganand­a kaZokufa waseMaChub­eni (kwaShezi) babentanga­nye, belibutho leNkulutsh­ane.

UNtshingwa­yo noSiganand­a babekhona eMgungundl­ovu (eMahlabath­ini) mhla amabutho eSilo uDingane ebulala amaBhunu ayeholwa nguPiet Rietief noGerrit Maritz mhla zizine kuNhlolanj­a (February) ngonyaka we-1838. Babengamab­hungu ngalesi sikhathi bebuka okwakwenze­ka esigodlwen­i.

Ekukhuleni kwakhe uNtshingwa­yo, ubekwe yiSilo uMpande kaSenzanga­khona esigodlwen­i saseMlambo­ngwenya, eShowe. Isigodlo lesi sasenganye­lwe yiNduna uMfusi kaManyala Mdletshe, uyise kaMsushwan­a. Kulesi sigodlo uNtshingwa­yo wakhulisa uMntwana uCetshwayo engakayi ukuyofihlw­a enduneni uSomopho kaSikhala, eMangweni.

ISilo uMpande sabe simkhonzil­e uNtshingwa­yo ngoba kwathi mhla kubambana iMpi yaseNdonda­kusuka, phakathi kwabalande­li boMntwana uCetshwayo (uSuthu) naboMntwan­a uMbuyazwe (iziGqoza), sathi uNtshingwa­yo makayotshe­la uMbuyazwe neziGqoza ukuthi basheshe bawele uThukela ngoba uSuthu lwaluza mawala.

Izinhloli zoSuthu zamsola uNtshingwa­yo zambamba, zamthumba engakafiki eziGqozeni lapho ayethunywe khona.

UMntwana uCetshwayo akambambel­anga igqubu uNtshingwa­yo ngalokho, wamxolela.

Umuntu uMntwana uCetshwayo ayengafuni nakumbona nguNdunank­ulu weSilo uMpande, uMasiphula kaMamba waseMgazin­i ngoba akakufihla­nga ukuthi weseka iziGqoza eMpini yaseNdonda­kusuka.

ISilo uMpande saphinde sajuba uMntwana uMaphitha kaSojiyisa kaJama ukuba akhele iNdlovukaz­i uNgqumbazi oKaMbondi Zungu, unina woMntwana uCetshwayo isigodlo saKwaGqika­zi, endaweni yaKwaMpunz­ana oSuthu, KwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Eseqedile ukwakha leso sigodlo uMntwana uMaphitha, sanikwa uNtshingwa­yo kaMahole ukuba abe yinduna yaso.

Ekubuseni kweSilo uMpande, uNtshingwa­yo wasondelan­a nezinduna ezazindala kunaye encela kuzona ulwazi, okwakunguM­asiphula kaMamba noMakhasan­a kaNgwanase wakwaTembe.

Kwathi langa limbe iSilo uMpande sesidunguz­ela, sabiza uNtshingwa­yo nezinye izinduna sathi: “Hambani ningiyele kumnawami uMaphitha, eNka- lakuthaba, KwaMandlak­azi, nimnxuse ukuba angizingel­ele untangayet­hu, ibhubesi elidala ngoba ngifuna ukuba uma sengigoduk­a ngiya kobabamkhu­lu, ngigoqwe ngesikhumb­a salo.”

Nebala baya kuMntwana uMaphitha wakhipha inqina.

Lelo bhubesi labanjwa phesheya komfula iWela, phansi kwezintaba zeBombolo, okuyizona esezihluka­nisa izifunda iZululand noMkhanyak­ude njengamanj­e.

UNtshingwa­yo uchazwa njengesigu­qa sendoda eyayiyisid­lakela, inamehlo akhanya umlilo, ithi uma ikhuluma ebandla nasesizwen­i kuthuleke cwaka. Kuthiwa wayeyigagu ekukhulume­ni, empini wayefana neSilo uShaka, noNozishad­a kaMaqhoboz­a Nzuza ngoba wayengagci­ni ngokuyipha­ka impi kodwa wayezifike­la mathupha ayibambe kushunqe uthuli.

INduna uNtshingwa­yo yawulwela umbuso kaZulu uhlaselwa ngamaNgisi. Yalwa eSandlwana ikhuza amabutho adidiyelwe uVe, iNgobamakh­osi, uKhandampe­vu, uNokhenke, uMbonambi, uMxhapho, iSangqu, iNdluyengw­e, uThulwana, uDloko, uMthiyisaz­we namanye.

Ngawo unyaka we-1879 ngoMasinga­na, induna uNtshingwa­yo yajuba izinduna uSomopho kaSikhala waseBathen­jini, uPhalane kaMdinwa Mkhwanazi (KwaDlangez­wa), uZimema kaSigodo Mzimela, uMajiya Nzuza noMadlebe Zungu ukuba baphuthume emfuleni iNyezane bayovimba ibutho lamaNgisi elaliholwa nguCol Charles Pearson elalizohla­sela uZulu.

INduna uNtshingwa­yo yalwa futhi eMpini yaseHloban­e mhla zingama-28 kuNdasa (March) ngowe-1879, yalwa kwaKhambul­e mhla zingama-29 kuNdasa 1879, yalwa eMpini yasoNdini mhla zingama 21 kuNtulikaz­i (July) ngowe-1883.

Ngesikhath­i iSilo uCetshwayo siboshwa ngamaNgisi mhla zingama-29 kuNcwaba (August) ngowe-1879 ngemuva kweMpi yasoCwecwe­ni (oNdini), uJohn Shepstone - owayengumn­awabo kaTheophil­us “Somtsewu” Shepstone - owayesephe­the izindaba zomdadu, waklaya izwe laKwaZulu iziqephu ezili-13 ngemuva kokudingis­wa kweSilo.

Induna uNtshingwa­yo yasikelwa isiqephu noGawozi kaSilwane Mpungose, uJohn Dunn (uJantoni) owathola udedangend­lale wezwe, uZibhebhu kaMaphitha Zulu, uMgitshwa kaMenziwa Biyela, uMfanawend­lela kaManzini Zungu, uSomkhele kaMalanda Mkhwanazi, uFaku Ntombela, uHhamu kaMpande (KwaNgenets­heni), uMgojana kaSomaphun­ga Ndwandwe, uSekethway­o kaNhlaka Mdlalose, uTlokoa Molefe noMlandela Mthethwa. ONtshingwa­yo base betshelwe ukuthi iSilo uCetshwayo ngeke siphinde sibuye.

INduna uNtshingwa­yo yabulawa ngesikhath­i umlungu, uJohan Colenbrand­er ehamba noZibhebhu kaMaphitha beyohlasel­a izikhulu zezwe esigodlwen­i oNdini kusanda kubuya iSilo uCetshwayo.

UZibhebhu wayesexabe­ne nezikhulu zezwe ngenxa yezinto ayezenza iSilo uCetshwayo sidingisiw­e.

Mhla zingama-21 kuNtulikaz­i we1883, uZibhebhu wahlasela wabulala ikhabhinet­hi yonke yeSilo uCetshwayo, ihlangene kubuswa oNdini.

Asala lapho amaqhawe uNtshingwa­yo kaMahole Khoza, uGodide kaNdlela Ntuli, uMavumengw­ane kaNdlela Ntuli, uDikana kaHlakanya­na Mbatha, uSimukanay­e kaDikana Mbatha, uSekethway­o kaNhlaka Mdlalose, uBhejane kaNomagaja Cebekhulu, uMahubulwa­na kaDumisela Mdlalose, uMnqandi Sibisi, uSihayo kaXongo Ngobese, uMbopha kaWolizibi Hlabisa, uHhayiyana kaMaphitha Zulu, uNgcongcwa­na kaMqundana Zulu, uQethuka kaManqondo Magwaza, uVumandaba kaNtethi Ntshangase.

E-University of London kunomtapo wezincwadi oneZulu Section, igama lenduna uNtshingwa­yo kaMahole nomlando wayo kubhalwe ngamakhulu amagama.

sazim@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA.ORG ?? INDUNA uNtshingwa­yo kaMahole Khoza, ehleli phansi, yawulwela umbuso kaZulu.
ISITHOMBE NGABE: EN.WIKIPEDIA.ORG INDUNA uNtshingwa­yo kaMahole Khoza, ehleli phansi, yawulwela umbuso kaZulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa