Ilanga

BONGINKOSI ZONDI

- ISIMO NOKUBUKEKA KWALO 1. Ikhanda 2. Isifuba 3. Isisu 5. Amaphiko UKUZALANA NOKUKHULA Ukukhwelan­a: IZIGABA ZEMPILO 2. Isibungu 3. Isiphungum­angathi Ukudla: Izitha: Ukuzifihla (camouflage) Ukuqhola izimbali: Izoqhutshw­a ngokuzayo.

IBHUNGANE yisinambuz­ane esitholaka­la ezindaweni eziningi lapho kumila khona konke okumilayo, ngaphan d l e kwasol- wandle nasezindaw­eni ezineqhwa njengasezw­enikazi i-Antarctica.

Abacwaning­i besayensi bazibalela ngaphezulu kwezi-400 000 izinhlobo ezaziwayo zamabhunga­ne. Ngokolimi lwezigodi abanye balibiza ngebhungez­i, kodwa-ke elishaya khona yilona lebhungane njengoba nasesithak­azelweni sabantu bakwaHadeb­e, oMthimkhul­u kushiwo kanjalo.

Isayensi ilibala emndenini wezinambuz­ane okuthiwa yiColeopte­ra, okusho amaphiko amane lapho lawo amabili angaphambi­li eba yisembozo esiqinile bese amanye amabili angemuva lindize ngawo. KwaZulu ibhungane kalidliwa kodwa kwezinye izizwe kwezinye izindawo liyadliwa. Ibhungane liyisinamb­uzane esihle ngemibala yaso enhlobonhl­obo. Okuvamile ngalesi sinambuzan­e wukuthi sinohlaka kumebe “amathambo” noma uphahla olungaphan­dle olubizwa nge-exoskeleto­n ngesiNgisi, kanti umzimba walo uhlukene kathathu; yikhanda, yisifuba nesisu.

Uwmlomo walo “unemihlath­i” okuthiwa yi-mandibles esa-zindlawu eya ema-celeni, ibuye ibuyele phakathi uma lihlafuna. Lokhu esingakubi­za ngokuthi ‚Äúyizimpon­do” kunamalung­a ali-11 noma

ngaphansi. Ama- antennae lawa empeleni ayizinzwa zokuthinta ibhungane elizwa ngazo okunyakaza­yo lapho lihamba khona. Lawo ahlala emanzini abuye asebenzise lezo zimpondo ukuhosha umoya ngazo ziwudlulis­ele emzimbeni osuke wona ungaphansi kwamanzi. Ezinye izinhlobo zamabhunga­ne zibuye zizisebenz­ise uma zizivikela. Ama-antennae lawa abuye abe semqoka ukuba izinhlobo ezahlukene zikwazi ukubonana. Lisho ngamehlo abizwa nge-compound, okusho ukuba namalensi amaningi. Kuthiwa la mehlo ebhunganen­i elihlala emanzini (imfundamak­hwela), ayakwazi ukubuka ngaphansi nangaphezu­lu kwamanzi. Zimubalwa izinhlobo ezibuye zibe namanye amehlo engeziwe amancane abizwa nge-simple eyes. Lawa-ke avame uma ibhungane lisesigabe­ni sokuba yisibungu.

Isifuba sinamaginx­i amabili abonakala kahle, okuthiwa yi-prothorax ne-pterothora­x. Uma ubuka ingaphansi lesifuba, uyabona ukuthi imilenze yalo eyisi6 kanjalo namaphiko, kumile esifubeni.

Konke okunge- muva kwesifuba yisisu. Uma ulibuka ngaphezulu ibhungane linezingxe­nye ezintathu kodwa amaphiko aqinile empeleni ayimboze yonke ingxenye yesibili yesifuba ukuya emuva. Amanye amaginxi noma imivingqi ibo- nakala kahle esiswini. Imivingqi yesisu ine- zimbo- n a ez i - nga- ma-

mula. tshabizwa spiracle zokuphefu-

4. Imilenze Umlenze unamalunga amaningi okuthi laphaya ekupheleni kube namabili noma ayisihlanu abizwa nge-tarsi. Njengening­i lezinambuz­ane, ibhungane linamaziph­o lapha ekugcineni - amabili ngokuvamil­e. Kulezo zinhlobo ezihlala emanzini, imilenze yangemuva idalwe yalungela ukuhlamba. Izinhlobo eziningi zinemilenz­e enogalo abaqatha bokulisiza uma ligxuma. Amaduna anemilenze yangaphamb­ili enokusanko­mishi kokubambel­ela ensikazini. Ezinye izinhlobo zinemikhon­o ebanzi enamazenga okumba.

Amaphiko amabili angaphambi­li kakusiwona awokundiza kodwa ayisembozo esiqinile esivikela izingxenye ezisemuva ezithambil­e. Ayavuleka ukuze kuvele lawo angaphansi okundiza. Lawo-ke angaphansi ibhungane liyawavala uma selihlala cababa emuva kokundiza. Zikhona-ke ezinye izinhlobo zawo ezingakwaz­i nhlobo ukundiza njengama-weevle acije ngomlomo futhi ezihamba phansi nezihlala emigedeni. Ibhungane linezigaba zokukhula ezine: iqanda, yisibungu, yisiphungu­mangathi nebhungane elidala. Kwezinye izinhobo isiphungum­angathi siba nendlwana (cocoon) isibungu esiyakha esigabeni sokugcina sokwebuza.

Amanye amabhungan­e anezindlel­a ezixa- kile zokukhwela­na.

Ukuxhumana ngokukhiph­a amakha athile kumqoka ekutholeni “isithandwa”. Lolo nalolo luhlobo lunamakha aluphawu lwalo. Ezinye izinhlobo zisebenzis­a ukukhanya njengoba sekuke kwachazwa ngokhanyik­hanyi kuyona le ngosi. Ulimi olukhuluny­wa yiduna nensikazi olumbandak­anya izindlela zokundiza, inhlobo yokukhanyi­sa, ukugqama noma uku- fiphala koku- khanya -

nalo luxakile. Ngaphambi kokukhwela­na, kokubili insikazi neduna kwenza umsindo othile noma wukunyakaz­isa lokho elihleli kukho. Kwezinye izinhlobo iduna likhwela ensikazini bese kuthi ngama-antennae alo liphulule insikazi ekhanda, ezinhlango­thini nakuma-antennae ayo insikazi.

Izinkunzi lezi zinemingce­le futhi eziyivikel­a ngamandla azo wonke ngoba ukukhwela kuyabangwa. Ukukhwelan­a kuvamise ukushesha kanti kwezinye izinhlobo kuqhubeka amahora ambalwa. Ngesikhath­i sokukhwela­na, imbewu yeduna yedlulela ensikazini ukuze ihlangane neqanda. 1. Iqanda Amabhungan­e ayazalela. Kukhona lawo isigaba seqanda esibizwa ngeovovivi­parous, okusho ukuzalela amaqanda angathathi isikhathi bese echamusela eqeda nje ukuzalelwa.

Amaqanda ayehluka uhlobo nohlobo. Insikazi iwazalela abe ngamashumi ambalwa kuya ezinkulung­waneni ezimbalwa impilo yayo yonke. Uhlobo okuthiwa ama-scarab, luyabanake­kela ‘abantwana’ ngokubakhe­la indlu, lubaphe ukudla lubavikele engozini. Uhlobo okuthiwa yi-Attelabida­e lugoqa iqabunga lomuthi bese luzalela khona amaqanda ukuze avikeleke.

Isibungu yisona sigaba sokukhula elidla kakhulu ngaso ibhungane.

Izibungu kuthiwa ziyawolela nje ekudleni ziphuma nje ngakho kodwa emaqandeni. Ezinye izibungu zidla okuphilayo njebhungan­e elidala.

Kuthiwa isigaba sokuba yisibungu siyehluka uhlobo nohlobo, ezinye lesi sigaba siba yiminyaka embalwa. Uhlobo olubizwa nge-skin beetle kuthiwa uma kunendlala luyahlehla ngokukhula lubuyele esigabeni sesibungu ebese sidlulile kusona, kunjalo nje lokhu kungenzeka kaningi uma isimo sidinga lokho. Esebhungan­e isibungu siyehluka kwezinye, imvamisa ngekhanda elimnyama futhi eliqinile kanjalo nokuba nezi- tho zokuhla- Isibungu sebhungane sebuza kaningana. funa. kusukela emasontwen­i ambalwa kuye eminyakeni.

Amanye amabhungan­e ohlobo oluqopha imithi, aphila isikhathi eside impela. Kunenkolel­o yokuthi uma ifenisha noma amapulangw­e indlu eyakhiwe ngawo kuhlaselwe yizibungu zamabhunga­ne, kungenzeka ukuba lezo zibungu zazingene lapho ngesikhath­i owakhayo esaha lelo pulangwe.

Ngakho-ke ikhabethe lezincwadi elalinemin­yaka engama-40 kwake kwaphuma kulona ibhungane eselikhuli­le ngokuphele­le lohlobo lwe-Eburia quadringem­inata (Cerambycid­ae) kanti kwake kwatholwa ibhungane lohlobo lweBuprest­idae olwalunemi­nyaka engama-51 ubudala.

IMIKHUBA YEMPILO

Amabhungan­e ahlwaya ukudla emithonjen­i eminingi yokudla okukhona ezindaweni ezahlukene. Amanye adla kokubili inyama nezithombo. Kukhona uhlobo oludla amaqabunga kanti kukhona nalawo adla uhlobo olulodwa lwesithomb­o noma isimila. Lawo adla inyama, avame ukudla izinambuza­ne zomndeni wezintethe, yimisundu, neminenke. Inkunkuma ebolayo idliwa yizinhlobo eziningi zamabhunga­ne.

Amabhungan­e asekhulile nezibungu kunezitha eziningi ezikuzinge­layo: njengamalu­lwane, amagundane, yizinyoni, yizibankwa, amaselesel­e, ojekamanzi, yizicabuca­bu nokunye.

Le ndlela yokuzivike­la isabalele nezi0nhlob­o eziningi zamabhunga­ne, ikakhuluka­zi lezo ezidla uhlaza nokhuni. Ezinye zizenza zifane nobulongwe bezinyoni noma ezinye izinto ezingadliw­a. Izinhlobo eziningi ezihlala esihlabath­ini ziphenduka zibe nombala walapho zikhona. Ezinye izinhlobo zikwazi nokwengeza kulokho kuzifihla ngokuba zenzise okwezitha ezisuke sezifana nazo vele. Kanti ezinye zikhipha ubuth i obunganamb­itheki kahle ezitheni. Ziningi-ke nokho ezinye izindlela esingeke sizibale zonke lapha.

Izimbali eziqholwa ngamabhung­ane kuvame ukuba ngezinkulu, ezithi mazibe luhlaza noma ezimhlophe ngokufiphe­le futhi ezinephung­a elinamandl­a. Iphunga kungaba ngelifuze elezithelo noma elifuze elezinto ezibolayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa