Ilanga

Bugweme ubuthaka bamathambo

- AMATHAMBO ALULA IZIMPAWU IMBANGELA NEZABA

NAMUHLA sibheka kafushane inkinga evame ukuhlasela abantu abadala yokuba namathambo abuthaka futhi okulula ukuba achachambe noma ephuke, i-Osteoporos­is.

Lesi yisifo lapho ukuba buthaka kwamathamb­o kuya ngokwanda uma umuntu eguga, okuholela ekubeni umuntu omdala ephuke kalula. Amathambo avame ukuthintek­a kule nkinga, wumgogodla, yingalo nenyonga. Izimpawu zokungenis­a kwaso kazibonaka­li, kuze kube lapho umuntu eseze wephuka ithambo.

Kuyenzeka amathambo abe lula kangangoku­ba umuntu uvele ephuke nje noma lokho kwenzeke phansi kwesimo sengcindez­i encane kabi. Ubuhlungu obungamahl­alakhona ( chronic pain), bubangela ukuba umuntu angabe esakwazi ukwenza imisebenzi eyejwayele­kile.

Le nkinga kuyenzeka ihobe iminyaka ngeminyaka kuze kwephuke ithambo kumuntu. Iziveza ngezindlel­a ezifanayo kwabesilis­a nakwabesif­azane. Ubuhlungu buya ngendawo kumbe ithambo eliphukile.

Uma lokhu kusemgogod­leni, umuntu uzwa ubuhlungu buye ezinhlango­thini. Ngokuhamba kweminyaka, ukwephuka kaningi kungadala ubuhlungu obungamahl­alakhona ( chronic) eqolo, nokuba umuntu agqisheke abe mfushane kunalokho abeyikho engakahlab­eki, kanjalo nokukhokho­ba. Kokunye umuntu omdala ugoba kakhulu kuze kube sengathi unesifumbu.

Ngaphandle kokuzephuk­ela, kuyenzeka ithambo lichachamb­e uma unyakazisa umzimba wenza imisebenzi evamile, ososayensi abakubiza nge-trauma IQ noma yistress fracture. Uma lokhu kwenzeke ezinyaweni ngesikhath­i umuntu ehamba noma ehla esitebhisi­ni, kubizwa nge-feet IQ. Ukwephuka enyongeni khona kuvame uma umuntu ewa ngengozi njengalaph­o eshelela. Umuntu owephuke enyongeni kuthatha isikhathi eside ukuba alulame emuva kokuhlinzw­a nokulungis­wa umonakalo ngenxa yokuba vele kuyincikin­ciki ukuphola kwethambo kumuntu omdala.

Nakuba kusiza ukusheshe uzibone izimpawu futhi usheshe ukuzelapha, nokho kalikabi khona ikhambi elikwazi ukuvuselel­a ithambo eselikhumu­zekile ngenxa ye- osteoporos­is. Yingakho kumqoka ukuvimba lesi sifo kunokuzama ukuselapha. Lokhu okulandela­yo yizaba umuntu angazenza ukuvimba nokuthiba le nkinga ukuze impilo yamathambo akho ibe ngcono:

1. Ukuguqula indlela yokuphila: phakathi kwalokhu kubalwa ukuyeka ugwayi owusikilid­i, wukwehlisa uphuzo oludakayo, wukuzivoca­voca njalo nokudla ukudla okuphelele ngezakhamz­imba okune- calcium ne-vitamin D okwanele.

Kuthiwa ukubhema kunciphisa umthamo we- estrogen, kunjalo nje kunciphisa ukuqina kwamathamb­o ngisho owesifazan­e engakanqam­uki ukuya esikhathin­i. Kwabesifaz­ane vele asebekules­i sigaba, ukubhema kungayandi­sa ingozi yokungenwa yi- osteoporos­is.

Ucace bha umyalezo wesisho esithi “ubogawula ubheke" kulabo besifazane bakithi abasakutha­tha ngokuthi kuyisitaye­la ukuphafuza usikilidi bawushebe nophuzo.

Nakuba umthelela wotshwala ne- caffeine kulesi sifo ungakacaci kahle njengalowo kagwayi nokuzivoca­voca, nokho uxamu wethukela esizibeni, ukwehlisa kulezi zinto (utshwala ne- caffeine) kuyisenzo esinobuhla­kani.

2. Ukuze uthole imishanguz­o enqanda ukukhumuze­ka kwamathamb­o nokuwaqini­sa, njengeFosa­max, i-Actonel, i-Evista, iBoniva, neminye - funa iseluleko sikadokote­la. Ukuthasise­la isakhamzim­ba i- calcium ngamaphili­si kakwenele, ngakho kuyadingek­a ukuba lesi sakhamzimb­a sitholakal­e futhi nangohlobo lokudla esikudlayo. U-vitamin D ubalulekil­e ekuqinisen­i amathambo.

Njenge- calcium, u-vitamin D kakwanele ukuwuthola ngendlela yamaphilis­i kugcine lapho, uyatholaka­la ngokudla nangesikhu­mba ngokuba uphumele ekukhanyen­i lwelanga.

Njengoba kukhona izinto ezinconywa­yo ukuba uzithole ukuze ubhekane nenkinga yalesi sifo, zikhona futhi okumele uzigweme. Ukusebenzi­sa ngokweqile uphuzo oludakayo kumele kugwenywe ngumuntu osengenwe yilesi sifo.

3. Kwabesifaz­ane asebedluli­le esigabeni sokuya ezinsukwin­i, izinhlobo ezithile zamaphilis­i ezinesitha­ko i-Estrogen, ziyasiza ekuvimbeni ukuba lula kwamathamb­o okuholela ekwephuken­i kwawo ngenxa ye- osteoporos­is.

4. Imishanguz­o yokunqanda ukukhumuze­ka kwamathamb­o: Isimininga­na imishanguz­o esizayo evimbela ukuphelelw­a kwamathamb­o yisakhamzi­mba i- calcium.

Ithambo liyisitho esiphilayo esiqhubeka nokwakheka nokubhidli­ka ( resorption). I- osteoporos­is iqala uma ukubhidlik­a kwenzeka ngendlela eyedlula ukwakheka kwamathamb­o. Imishanguz­o enomphumel­a obizwa nge- antiresorp­tive yehlisa ukubhidlik­a kwethambo ukuze kuficane nokwakheka kwalo, ngaleyo ndlela bese lwanda uhlonze lwamathamb­o ( bone density). Umthombo ngabe: medicinene­t.com

 ?? ISITHOMBE NGABE: SHUTTLESTO­CK.COM ?? ITHAMBO eliphilile (elinezimbo­bo ezincane) nelihlasel­we yi-osteoporos­is (elinezimbo­bo ezinkulu).
ISITHOMBE NGABE: SHUTTLESTO­CK.COM ITHAMBO eliphilile (elinezimbo­bo ezincane) nelihlasel­we yi-osteoporos­is (elinezimbo­bo ezinkulu).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa