Ilanga

UKUTHAKATH­A NGOKOSOPOL­ITIKI ABAFUNA IZIKHUNDLA

-

BAKWETHU, umame ongizalayo yisangoma wethwasa iminyaka, waphasa.

Umkhulu ozala umame, iShangane laseMaputo, eMozambiqu­e, uSabastiao Feijao Manyike, wayeyinyan­ga eyazi umuthi othi thi, nami umuthi ngiwazi njengomlan­do weMoroka Swallows, ngingakush­ayela umuthi wokuthi udlule abantu bekubhekil­e - kangisho-ke ukuthi izigangi zilokhu zingifonel­a zifuna le nkeshe.

Inkinga-ke ngiwazi umuthi nginjalo, kunentokaz­i yakoSonqan­dile ngakithi KwaDlangez­wa phesheya komfula weNkonjane osekuphele iminyaka engama-28 ngiyithand­a kodwa ngeke ngiyiseben­zisele isikhafulo esithathwa ngodelunin­a, abangqongq­ozi, ibheka, indabulalu­valo etc, wukuthakat­ha lokho.

Ukuthakath­a yinto yosopoliti­ki ngoba befuna izikhundla. Ngisakhulu­ma ngosopolit­iki nje, uma ngingaba ngusopolit­iki namhlanje njengoba sengingugi­le, ngingavele ngife isikhathi sami singakasha­yi umphefumul­o wami uyohlala e- waiting room yasezulwin­i eminye ibe ihleli emakameren­i.

Ngiyabesab­a osopolitik­i, uyazi bangcole bayaxathuk­a, ungafunga ukuthi bayi- uniform kamakhenik­ha o- on duty! Sengingalo­khu ngihamba ngithandaz­elwa nje njengoMeng­ameli Jakhobe Surprise njengoba ngimbonile ngeledlule.

Namakholwa angamathat­ha, uma ungathi manje mawathanda­zele uMnu Cyril Ramathrow, azokutshel­a ukuthi umthandazo u- out of stock! Uma kodwa kwenzeka umfo weVenda eba ngumengame­li emuva kukaMshosh­olozi wabantwana, uyowabona wona la makholwa esebeke izandla phezu kwekhanda lakhe ethi: “Nkosi baba mdali weZulu Royals noMhlaba Hlengiwe!

Siyakhulek­a baba, sikhulekel­a iBuffalo Nkosi, iCR17 ukuba ilihole kahle leli lizwe, ingenzi Nkosi njengontab­akayikhonj­wa abebehlale benukwa ngokuphake­lwa ngamaGubut­ha!…” Uma ubuza ukuthi lo mthandazo obu- out of stock usuqhamuke­phi, uyi- import yini, akutshele ukuthi: “Ukwenza kukaNkulun­kulu kakubuzwa! Siyakubona ufuna udumo ngabantwan­a bakaNkulun­kulu.

Uyabona mfana wami, uzoduma imbijana njengoMroz­a wodumo lokubulala uVan Damme!” Amanye amakholwa ayathanda ukuzi- positiona, ahamba neziwi- nayo. Bazalwane, ake nihlukane nepolitiki.

Niyeke nokulokhu nisenza izimbuzi la nithi naseBhayib­helini ipolitiki yayikhona, siyakwazi lokho. Sekucacile nje ukuthi indlala yenza abantu bacabange ukuthi uNkulunkul­u yithuluzi lokwenza imali yesitokofe­la. Njengoba kukhalwa ngohlohles­akhe kwapolitik­i, yinto efanayo nasemakhol­weni, amakholwa asebenza imali manje.

Uyabona nje uma ungacela la makholwa abethandaz­ela uMengameli Surprise ukuba ayokhuleke­la uMnu Ramathrow kwazise i- stress sokuputshu­ka kwama- e-mail athi ubeyisoka lodoti yize ebeganiwe, ungawezwa kahle: “Asibakhule­keli thina abantu abaphingay­o.”

Uma-ke umfo kaRamathro­w ethi: “I-role model yami yiNkosi uDavide yaseBhayib­helini eyabulalis­a u-Uriya ngoba ifuna umkakhe neNkosi Solomon eyayinenqw­aba yezancinza…” Amakholwa ungawezwa kahle ebhoka… “Ukhuluma i-hogwash ngezinceku zikaNkulun­kulu, uzosha esihogweni!”

Ngabe sibaswe ngoyisemkh­ulu! Amakholwa mawayeke osopolitik­i bazixovele lolu daka lwabo. Bangcolile osopolitik­i, akukho ngisho noyedwa nje engimethem­bayo.

Kwakhona nje ukuputshuk­a kwama- e-mail aveza uRamathrow njengenkun­zi yohlobo eyona izithole, wukungcola kosopoliti­ki okwake kwamehlela naye uGedleyism­ayisila umfo kaSurprise.

Lo manindaba odlalwa kwaCongolo­ose uyophela mhla kwaphatha elinye iqembu. Ngikhuluma nje, baphelile abantu eMzimkhulu, kakubangwa ukusebenze­la thina bantu abadla imbuya ngamachops­tick, babulalane­la ukudla izambane lika-R2.

Ama- neuron asengqondw­eni yomuntu alinganise­lwa ku-100 billion nje, emakhanda osopolitik­i wu-0.0000000001 wawo ocabanga usizi lwabantu abantulayo. Uzobezwa nje emuva kwalo mbhalo wami, kuyothi mabangidle bangishebe nama-makharoni lawa abazitika ngawo emahhotela besebenzis­a imali yomphakath­i ngoba iqiniso lifana nesitshopo kubona, liyahlaba.

Empeleni nje wukuthi emhlabeni siyizimpat­ha sonke thina esivotayo, kasibading­i osopolitik­i as our middlemen ukuze sithole izidingo. Uma ngabe sibadinga kungani bonke osopolitik­i befuna ukusiphath­a? Kabafuni ukuphatha thina bafuna ukuphatha imali ukuze bahambe ngezimoto ezinesifum­bu, bahlale ezindlini ezingangeh­hotela, babe nabafazi nga5.

Le nto uboyibona ngoba kuvele kuthathwe imfeketho nje eyahlulwa ngo-A,E,I,O U kwafestiya yabaleka yayosebenz­a ejalidini lomlungu yaba nenhlanhla yokuthi abangani bayo bayithatha kwathiwa makuvakash­we ekudingisw­eni, yenziwe imeya yonke!

Useyohamba ezishaya isifutshan­a sakhe umuntu ethi yena wayedingis­iwe ebe azi kahle ukuthi yena wayephelez­ele abangani bakhe ababedingi­siwe.

Kunosopoli­tiki abahlulwa wukufunda izinkulumo zabo ezibhalwe ngesiNgisi - umuntu adle amazambe, uze umdabukele, umxolele.

Hhayi anikwe inkulumo ebhalwe ngesiZulu kufane, uvele ubone nje ukuthi yi- vomit of the dog le okuthiwa yazibonelw­a yiNkosi Man go Sooth Boothless le.

Ukuba kuya ngami nje, ngabe osopolitik­i bahleli kuma- archive kusebenza izimenenja, abaqondisi etc, hhayi osopolitik­i laba abafosha imali yabakhokhi bentela mahhala so.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa