Imbaxambili inkulum
MHLELI: Ngiphawula esihlokweni sikaMvangeli Nduli waseNkandla kwiLANGA lomhla ziyisi-7-9 Ntulikazi (July) ebesithi; “Sinxuselwa yizingelosi kuNkulunkulu ngemithandazo yethu.”
UMvangeli Nduli iyangikhathaza into ayenzile yokusebenzisa ivangeli lebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu (NCG) ngaphansi kobuholi bukaMfundisi Mthandeni Mpanza ( osesithombeni) - elimelene nokuhlabela abantu abangasekho kodwa inkulumo yakhe yangacaca. Isikhalo esikhulu wukuthi uMfu Mpanza wabhala kule ngosi kodwa wavalwa, sezwa sekuthiwa wavalwa ngenxa yezikhalo okwathiwa ziqhamuka kubavangeli abathile.
Sekuyacaca ukuthi uMfu Mpanza wayevalwa nje ngoba laba bavangeli befuna ukuthatha izimfundiso zakhe eziphikisana nezomholi wabo. UMvangeli Nduli uma esethanda ukuhlubuka eBuhleni, kungaba kuhle angasebenzisi izimfundiso zikaMfu Mpanza ngoba ukwenza kanjalo ebe eseBuhleni, kusho ukuhlubuka ezimfundisweni zomholi wakhe.
Ingqikithi yakhe ibisekutheni “Ithini inkolo yobuNazaretha maqondana nokuhlaba.” Ube esecaphuna izincwadi eBhayibhelini esekela inkulumo yakhe, waqala ngencwadi kaMatewu 22:30 lapho iNkosi uJesu ithi: “Ekuvukeni kabaganwa, kabendiswa kodwa banjengezingelosi ezulwini.” Ngale ncwadi kasazi noma umvangeli ubezama ukuphikisa amazwi engisanda kuwezwa ngenyanga edlule ekhu- lunywa yiNkosi uNyazilwezulu (iNkosi Mduduzi Shembe) yini mayelana nokuthi yona iyakuvumela ukushadiswa komuntu ongasekho.
INkosi uNyazi yakhuluma ngensizwa eyashonelwa yingoduso yayo yabe isicela kumkhwekazi wayo ukuba iqhubeke nomshado khona ingasekho ingoduso. Lolu daba umkhwekazi waluyisa oNyazini lwafika lwawuvumela lo mshado, lwaphinde lwayincoma futhi le nsizwa lwathi yaba neqiniso ngokwenza lokho.
Le ncwadi kaMatewu kaMvangeli Nduli, siyithola isiphikisa lesi senzo. Uthe esuka umvangeli wangenela indaba yokuhlaba ngokwesintu, wacaphuna incwadi yabaLevi 17:7 “Abaseyukuhlabela amadimoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuyophinga. Lokhu kuyokuba isimo esiphakade kubona ezizukulwaneni zabo.” Uthe uma eqeda ukubhala le ncwadi wabe esethi: “Umbango omkhulu-ke usekutheni abahlabayo bahlabelani, abangahlabi bathi kuhlatshelwa amadimoni – lokho okuyisinengiso kuNkulunkulu.
Abahlabayo bathi bahlabela abadala babo ngoba bayaphila kwelomoya, yibona abacela kubo izinto bazithole.”
Kuliphutha ukuthi abangabahlabeli abangasekho bathi kabahlabi ngoba ukuhlaba kuwukuhlabela amadimoni. Ukungabahlabeli abangasekho sikuthatha encwadini ka-Eksodus 22:20 ethi; “Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.”
Uthi umvangeli abenza kahle la emhlabeni kuyaye kuthi uma befika ezulwini babe njengezingelosi (Mat.22:30).
Uma abantu befe base bengena ezulwini bathatha isimo sezingelosi ngeke sakwazi ukubahlabela ngoba izingelosi kazihlatshelwa. Abahluli 13:16; ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Noma ungilibazisa angiyukudla ukudla kwakho, uma ulungisa umnikelo wokushiswa uyakunikela ngawo kuJehova.” Le ngelosi eyabe ikhuluma noManowa yabe igcina umthetho oku-Eksodus 22:20 othi kuhlatshelwa uJehova yedwa. Uma abantu abangasekho bethatha isimo sezingelosi ezulwini, pho bahlatshelwa kanjani?
Uthi umvangeli, “labo abangafunyaniswanga encwadini yokuphila bemukeliswa umqhele wamadimoni. Manje-ke ekuvukeni umuntu angaba yidimoni noma ingelosi ngokwemisebenzi yakhe esaphila emhlabeni.”
Le nkulumo iyawakhipha amaNazaretha ekuhlabeleni abantu abangasekho ngoba wonke akholwa wukuthi abantu basemakubo abangasekho basezulwini.
Umvangeli uze athi imithandazo ithathwa yizingelosi bese ziyosinxusela kuJehova. Manje uma abantu abangasekho beba yizingelosi bahlatshelwa kanjani? Indaba yakhe uyiphethe ngokuthi athi; “Manje-ke enkolweni uma uthanda ukuhlaba nokungahlabi kusekuzikhetheleni komuntu…”
La mazwi kamvangeli ayaphambana nakusho ngesikhathi eqala lesi sihloko sakhe lapho ethe khona, “Ithini inkolo yobuNazaretha ngokuhlaba.” Akakwazi-ke ukuthi athi enkolweni ukuhlaba nokungahlabi kusekuzikhetheleni komuntu.
Uma umvangeli ethi umuntu uyazikhethela ukuthi uyahlaba noma akahlabi, bekungafanele athi uma eqala udaba lwakhe athi uzosichazela ukuthi ithini inkolo yobuNazaretha mayelana nokuhlaba.
Inkinga kaMvangeli Nduli wukuthi indaba yakhe uyibeke yaba mbaxambili ukuze amalunga ebandla akulo engeke amsole, yingakho evala ngokuthi ukuhlaba nokungahlabi kusekuzikhetheleni komuntu. Akukho mbhalo kaShembe awucaphunile kule nkulumo yakhe umvangeli. Thabo Sambothi, uMkhulumeli waseNCG