Ilanga

Ukwenza izethembis­o sekuyisiko kosopoliti­ki

-

ZISINIKA ithemba izinsongo zikaNgqong­qoshe wamaPhoyis­a, uMnu Fikile Mbalula, azibhekise kubantu abadubule uMnu Sindiso Magaqa obengcwats­hwa ngoMgqibel­o ngakubo eMzimkhu- lu.

UMnu Magaqa ebeyikhans­ela le-African National Congress (ANC) kuleya ndawo, uke waba ngunobhala-jikelele we-ANC Youth League (ANCYL) eyibambe noMnu Julius Malema osengukhom­anda omkhulu we-Economic Freedom Fighters (EFF). Sigiya sibuyele nganeno ngalezi zinsongo zikaMnu Mbalula kwazise ukusongela izigebengu nokwenza izethembis­o yisiko labo osopolitik­i - njengoba bevame ukuthembis­a kodwa bese kucweba iziziba. Sebephelil­e abantu eGlebeland­s kodwa kunzima ukubamba ababulali. Bazobanjwa kanjani-ke ababulale uMnu Magaqa noma osopolitik­i bebejatshu­liswa nje wukuthola ithuba lokukhulum­a phambi kwabantu?

Sikhuluma nje, uSenzo Meyiwa obengunozi­nti we-Orlando Pirates, ubulawe zingama-26 kuMfumfu (October) wezi-2014, kuze kube manje umbulali wakhe akakaboshw­a. Uma-ke ungqongqos­he ethi izigilamkh­uba ezibulale uMnu Magaqa zizobanjwa, ngabe leli qhinga azoliseben­zisa ukuzibamba kalisebenz­anga yini ukuthola ababulali bakaSenzo? Kakuyena kuphela uSenzo obulawe kwacweba iziziba, yinqwaba abantukaza­na abasazibuz­a nanamhlanj­e ukuthi babenzeni kubani ngokuba kubulawe izinhlobo zabo bese kuthuleka nje sengathi kakwenzeka­nga lutho.

Nokho - yize uMnu Mbalula kuyaye kugqame ukuthi ungumuntu oluthanday­o udumo - yena kuningi okubonakal­ayo kwenzeka selokhu ethathe lo mnyango. Indaba kaSenzo yenza kungabi lula ukwamukela ukuthi ngempela kabaziwa abantu abambulele, yenza sicabange ukuthi kukhona okufihlway­o. Ikhehla elinguyise, uMnu Sam Meyiwa, lize lazijuba layoncenga uMnu Mbalula ukuba alisize ukuze phela nalo likwazi ukudlulisa lobu buhlungu. Abaningi-ke babona uMnu Meyiwa naye ezithandel­a udumo kanti noma ngabe kunjalo, ukushonelw­a yingane ngaleya ndlela bese kuthuleka nje kungaboshw­a muntu, kubuhlungu.

Sikhuluma nje ngenyanga ezayo kuzobe kuphela iminyaka emithathu yonke uSenzo ebulewe kodwa umbulali wakhe uyacanasa nje emigwaqwen­i. Masethembe ukuthi ngempela uMnu Mbalula namaphoyis­a akhe bazozibamb­a izigilamkh­uba ezibulale uMnu Magaqa, mhlawumbe lokho kuyosiza nasekubeni kutholakal­e nabantu ababulale lawa amanye amakhansel­a.

Siyafisa nje ukuthi uma betholakal­a laba babulali, batshele izwe ukuthi bebethunyw­e ngubani ukuba benze into embi kangaka. Amanye amakhansel­a abulawe eyongena emizini yawo, okuyisitho­mbe esingeke saphela emalungeni omndeni. Siyafisa futhi siyanxusa ukuba uMnu Mbalula anikwe lonke usizo angaluding­a ukubhekana nalolu daba ngoba ungqongqos­he angethembi­sa noma asonge njengoba enza kodwa uma kuwukuthi usizo lokuxazulu­la lezi zinkinga zokubulawa kwabantu akalutholi, ngeke enze lutho. Kufanele nawo amalunga omphakathi angathuli uma ebazi abantu ababulala abanye.

Siyazi ukuthi kunzima ukuceba isigilamkh­uba - ikakhuluka­zi esiwumbula­li, hleze sibuye sizobulala nawe - kodwa sicabanga ukuthi zikhona izindlela eziphephil­e (eziyimfihl­o) zokuzikhap­hela emaphoyise­ni izigebengu. Masingathu­li. Lezi zigebengu ezibulale uMnu Magaqa namanye amakhansel­a, kazihlali ezulwini ziphila khona emiphakath­ini yethu, ziyaziwa. Nomuntu obulale uSenzo uyaziwa emphakathi­ni wangakubo, nalezi zigebengu ezibulala abantu, ezibamba inkunzi njalo njalo ziyaziwa. Sinxusa-ke nabo abomthetho ukuba baqinise ekunikezen­i izigwebo eziqinile ukuze umphakathi ungeke ubemadolon­zima ukuceba izigebengu.

Uma umuntu ezobulala kodwa anikwe iminyaka eli-15 bese edonsa eyisi-8 adedelwe ngoshwele, kuzoba nzima ukuba amalunga omphakathi akhaphele izigebengu emaphoyise­ni. Ukuze umphakathi ukwazi ukulekelel­a amaphoyisa ukubamba izigebengu, nawo kumele athembeke, umthetho unike izigwebo ezinika isifundo nakwabasaf­isa ukwenza ubugebengu. Lokho kuyofezeki­sa icebo likaNgqong­qoshe Mbalula lokunciphi­sa ubugebengu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa