Ukwenza izethembiso sekuyisiko kosopolitiki
ZISINIKA ithemba izinsongo zikaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Fikile Mbalula, azibhekise kubantu abadubule uMnu Sindiso Magaqa obengcwatshwa ngoMgqibelo ngakubo eMzimkhu- lu.
UMnu Magaqa ebeyikhansela le-African National Congress (ANC) kuleya ndawo, uke waba ngunobhala-jikelele we-ANC Youth League (ANCYL) eyibambe noMnu Julius Malema osengukhomanda omkhulu we-Economic Freedom Fighters (EFF). Sigiya sibuyele nganeno ngalezi zinsongo zikaMnu Mbalula kwazise ukusongela izigebengu nokwenza izethembiso yisiko labo osopolitiki - njengoba bevame ukuthembisa kodwa bese kucweba iziziba. Sebephelile abantu eGlebelands kodwa kunzima ukubamba ababulali. Bazobanjwa kanjani-ke ababulale uMnu Magaqa noma osopolitiki bebejatshuliswa nje wukuthola ithuba lokukhuluma phambi kwabantu?
Sikhuluma nje, uSenzo Meyiwa obengunozinti we-Orlando Pirates, ubulawe zingama-26 kuMfumfu (October) wezi-2014, kuze kube manje umbulali wakhe akakaboshwa. Uma-ke ungqongqoshe ethi izigilamkhuba ezibulale uMnu Magaqa zizobanjwa, ngabe leli qhinga azolisebenzisa ukuzibamba kalisebenzanga yini ukuthola ababulali bakaSenzo? Kakuyena kuphela uSenzo obulawe kwacweba iziziba, yinqwaba abantukazana abasazibuza nanamhlanje ukuthi babenzeni kubani ngokuba kubulawe izinhlobo zabo bese kuthuleka nje sengathi kakwenzekanga lutho.
Nokho - yize uMnu Mbalula kuyaye kugqame ukuthi ungumuntu oluthandayo udumo - yena kuningi okubonakalayo kwenzeka selokhu ethathe lo mnyango. Indaba kaSenzo yenza kungabi lula ukwamukela ukuthi ngempela kabaziwa abantu abambulele, yenza sicabange ukuthi kukhona okufihlwayo. Ikhehla elinguyise, uMnu Sam Meyiwa, lize lazijuba layoncenga uMnu Mbalula ukuba alisize ukuze phela nalo likwazi ukudlulisa lobu buhlungu. Abaningi-ke babona uMnu Meyiwa naye ezithandela udumo kanti noma ngabe kunjalo, ukushonelwa yingane ngaleya ndlela bese kuthuleka nje kungaboshwa muntu, kubuhlungu.
Sikhuluma nje ngenyanga ezayo kuzobe kuphela iminyaka emithathu yonke uSenzo ebulewe kodwa umbulali wakhe uyacanasa nje emigwaqweni. Masethembe ukuthi ngempela uMnu Mbalula namaphoyisa akhe bazozibamba izigilamkhuba ezibulale uMnu Magaqa, mhlawumbe lokho kuyosiza nasekubeni kutholakale nabantu ababulale lawa amanye amakhansela.
Siyafisa nje ukuthi uma betholakala laba babulali, batshele izwe ukuthi bebethunywe ngubani ukuba benze into embi kangaka. Amanye amakhansela abulawe eyongena emizini yawo, okuyisithombe esingeke saphela emalungeni omndeni. Siyafisa futhi siyanxusa ukuba uMnu Mbalula anikwe lonke usizo angaludinga ukubhekana nalolu daba ngoba ungqongqoshe angethembisa noma asonge njengoba enza kodwa uma kuwukuthi usizo lokuxazulula lezi zinkinga zokubulawa kwabantu akalutholi, ngeke enze lutho. Kufanele nawo amalunga omphakathi angathuli uma ebazi abantu ababulala abanye.
Siyazi ukuthi kunzima ukuceba isigilamkhuba - ikakhulukazi esiwumbulali, hleze sibuye sizobulala nawe - kodwa sicabanga ukuthi zikhona izindlela eziphephile (eziyimfihlo) zokuzikhaphela emaphoyiseni izigebengu. Masingathuli. Lezi zigebengu ezibulale uMnu Magaqa namanye amakhansela, kazihlali ezulwini ziphila khona emiphakathini yethu, ziyaziwa. Nomuntu obulale uSenzo uyaziwa emphakathini wangakubo, nalezi zigebengu ezibulala abantu, ezibamba inkunzi njalo njalo ziyaziwa. Sinxusa-ke nabo abomthetho ukuba baqinise ekunikezeni izigwebo eziqinile ukuze umphakathi ungeke ubemadolonzima ukuceba izigebengu.
Uma umuntu ezobulala kodwa anikwe iminyaka eli-15 bese edonsa eyisi-8 adedelwe ngoshwele, kuzoba nzima ukuba amalunga omphakathi akhaphele izigebengu emaphoyiseni. Ukuze umphakathi ukwazi ukulekelela amaphoyisa ukubamba izigebengu, nawo kumele athembeke, umthetho unike izigwebo ezinika isifundo nakwabasafisa ukwenza ubugebengu. Lokho kuyofezekisa icebo likaNgqongqoshe Mbalula lokunciphisa ubugebengu.