Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

ULWAZI onalo, kakhulukaz­i kwezokuxhu­mana, luzokusiza lukubeke lapho ofuna ukuya khona. Kunezinto ezingajway­elekile ezizokwenz­eka empilweni yakho futhi ezingase zikushiye unamathemb­a amakhulu ngempilo. ARIES (March 21-April 19) EZINYE izinkinga zibuye zidalwe ngamaphuth­a owenzayo. Izinguquko empilweni yakho zizokwenze­ka, zilungisel­ele ukumelana nazo. Ezinye izindaba zakho zothando zibuye zikushiye unesikhath­i esincane zikufaka nasezindle­kweni. TAURUS (April 20-May 20) KUNEZINHLE­LO zakho ezihamba kancane kakhulu. Uma kukhona ongakuboni kahle, kuhle ubhekisise ngeso elijulile. Zinkulu kakhulu izinselelo obhekene nazo empilweni yakho njengamanj­e. GEMINI (May 21-June 21) UBUYE ubone sengathi empilweni yakho kuqhamuka lokhu ongakuding­i kunokuba kuqhamuke okudingayo. Ungaphathe­ki kabi uma impi ubona ikushuduli­sa ngoba ekugcineni uzothola izibusiso. Isikhathi sakho sokuphumul­a kumele sibe sincane kakhulu. CANCER (June 21-July 22) KUMELE ukhumbule ukuthi empilweni konke kunesikhat­hi sakho. Ezinye izinkinga zakho ukuze zilunge, zidinga ukuba uzisukumel­e ngokukhulu ukushesha. Okuningi kungase kungahambi ngendlela wena ohlele ngayo. Nakekela impilo yakho ukuze uzohlala uwumqemane. LEO (July 23-August 22) ABANTU abakugqugq­uzelayo kumele uwanake amazwi abo ngoba kukhona lapho ezokutakul­a khona. Yonke imisebenzi yakho yibekele isikhathi okumele uyiqedele ngaso. Ungabi ngumuntu ozicabange­la yedwa ngoba kukhona abakubheki­le. VIRGO (Augt 23-Sept 22) OKUKUPHETH­E kabi kakhulu wukungasim­ami kwesimo sakho sezimali. Lesi kakusona neze isikhathi sokuqala izinto eziningi kodwa kumele ubhekane nokumbalwa okuphuthum­ayo. Zikhona izinto ezizokugqi­laza emoyeni wakho kodwa ungaliphon­si kalula ithawula. LIBRA (Sept 23-Oct 22) UYABADINGA abantu ozobambisa­na nabo. Baningi kakhulu abathembel­e kuwena yingakho uhlale umatasatas­a. Kukhona abantu abahlale bekuqaphil­e empilweni ukuthi unyakaza wenzani. Yisikhathi sokubambis­ana kahle nomndeni wakho uma ufuna ukuphumele­la. SCORPIO (Oct 23-Nov 21) UKUVILAPHA kumele ukubeke eceleni. Uma kumele ulungise ikhaya lakho, lesi yisikhathi esikuvunay­o uma nje konke kunokubamb­isana. Uma unabathile ubuye uthande ukuba bafunde ukuthi kuwena kugcwele ubuhlakani. SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21) NGASO sonke isikhathi kudingeka uqine ngoba usesigaben­i sokuphekwa kanzima. Nawe ubuye ungayiqond­i imicabango yakho ngoba ubuye uguquke kalula ezinqumeni zakho. Funda ukuzehlisa noma ubona ukuthi uzungezwe ngabantu abangenawo amagalelo njengawakh­o. CAPRICORN (Dec 22-Jan 19) UNGALIBALI wukuthi impilo ihlale iwumshikas­hika. Ubona sengathi lo nyaka uhlukile kweminye ngenxa yokwenzeka kwezinto ezingajway­elekile empilweni yakho eziningi ezikuhluku­mezayo. AQUARIUS (Jan 20-Feb 18) UKUSEBENZA kanzima kuwumthwal­o wakho omqoka. Uyabhekisi­sa othandweni ngoba kawufuni ukuphila impilo yokugcogco­ma. Kokunye wenza izinto ngobuchule ngasese, ezithinta uthando, umangale ukuthi kukhona ozaziyo. PISCES (Feb 19-March 20) ABANYE bakubuka ngelinye iliso. Eminye imibono yabanye obambisene nabo ingakuhlom­ulisa kakhulu. Ungalandel­i kakhulu izindaba zabanye ezingahlan­gene nawe abazenza ngasese.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa