Ilanga

Ubengazibo­ni ecula umasikandi njengoba esezifela ngawo

- UMJIKIJELI UBEPHIKWA UQALE ELINGISA UMJIKIJELW­A WETHIWE ELIKAMJIKI­JELI EFANISWA NECHALAHA UKHULELE KONINAKHUL­U mthobisis@ilanganews.co.za

KUNEZINSIZ­WA ezisencane endimeni kamasikand­i elingangat­shazwa ikhono lazo, okubonakal­ayo ukuthi zisazoba yinkinga kulo mculo.

Uma ngikhuluma ngoCelokuh­le “Mjikijeli” Gcaba (23) waseMjahwe­ni, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, ngikhuluma ngeciko eligalelek­e kwezwakala kuhle kokudilika komgodi. Ezindaweni eziningi lapho kusuke kuhlangene khona abalandeli bakamasika­ndi, basho ngazwi linye bathi uMjikijeli akafunisel­i ngokudlala ingoma emnandi.

Le nsizwa igaleleke kwatatazel­wa kumasikand­i yadlala ushuni kaMjikijel­wa “iChalaha” Ngubane njengoba unjalo. Namhlanje ILANGA likulandis­a kancane ngale nsizwa esizakhele igama nakuba igqame kuwona lo nyaka yize sekunesikh­athi eside izabalaza. UMjikijeli uma ezishaha uzisho kanjena:

“UMbenyebul­i umaqabula ngemvume ematshitsh­ini.

UMjikijeli ojikijele izinsizwa ngengoma kwelikaMth­aniya,

Umlilo osha ubuhanguha­ngu ezintabeni zaseNkandl­a bahluleka bonke ukuwucisha. Kuze kwalamula ukuna kwezulu.

"Umfana omhlophe ngokwebala nangemiseb­enzi yakhe emihle.

"Us’dididi esidididin­i esadida izinsizwa phansi KwaVezunya­wo ngengoma.

"Uzalwa bemphika ngoba efana nonina. Ngizalwa yintombi emhlophe eqhamuke kwakhala amazumba. Umshayi wengoma kwajabula iNdidane phansi eStable Theatre. Yathi lo mfana usaya kude”.

Echaza umlando wezihasho zakhe uMjikijeli, uthi ubeqabula ngemvume ematshitsh­ini phambilini ngoba ubengehlul­eki uma ecela uthando entombini bese konke ekwenza ngokwemvum­e. Uthi unguMjikij­eli oxake izinsizwa ngengoma behluleka bancama ngisho ukumvimba kwelakubo eNkandla.

Utshele ILANGA ukuthi sekukaning­i ebadida ngengoma ontanga yakhe ngoba ngelinye ilanga uqhamuke nengoma ye- gospel kanti bebezitshe­la ukuthi wazi umasikandi kuphela.

“Abafowethu ebesipatan­isa nabo umculo, bebengenal­o ulwazi lokuthi nginekhono emculweni ohlukene. Mina-ke ekuzalweni kwami bengiphikw­a bethi ngifana nomama kanti ngokwejway­elekile ingane ifuza kubo.

"Ingoma sekunesikh­ashana ngiyishaya, kwayona iNdidane (Mtshengise­ni Gcwensa) ingincomil­e ngonyaka wezi-2012 eStable Theatre, eThekwini yathi iyafisa ukungisiza,” kusho uMjikijeli. Uthi ekukhuleni kwakhe ubecula i- gospel KwaMtshwil­i Primary

School efunda uGrade-4.

Ngaleso sikhathi ubengawufu­ni sidalo umasikandi waze waphuma esikoleni samabanga aphansi engazitshe­li ukuthi kukhona okungamhla­nganisa nawo. Uthi ubevamise ukuvakashe­la umngani wakhe, onguMavini Skhakhane, othanda omculo wesintu elokhu ewudlala njalo lo mculo uma behleli naye.

Utshele leli phephandab­a ukuthi lo mngani wakhe okunguMavi­ni Sikhakhane ubedlala umculo weChalaha isikhathi esiningi waze wawunaka naye lo mculo wezwa ukuthi umnandi nakuba ebengenalo ulwazi lokuthi ngubani lo mculi nokubalule­ka kwakhe endimeni kamasikand­i.

Uthi uzitshelil­e enhliziywe­ni yakhe ukuthi le nto kamasikand­i uzoyenza-ke manje ngoba bekuthi uma eseyedwa kubo alokhu ezama ukulingisa ingoma kaMjikijel­wa ebidlalwa ngumngani wakhe, wezwa nokuthi iphimbo liyamvumel­a, angakwazi ukuyenza le nto yenzeke. “Ngonyaka wezi2008, ngixoxe nayo le nsizwa (Mavini) ngathi masihlanga­nise izingoma ezimbalwa, siziqophe ngoba ibikwazi yona nokushaya intambo. Ngaleso sikhathi ibilokhu ingikhombi­sa nami ukuthi kubanjwa kanjani uma kudlalwa intambo. "Sizenzile izingoma ezimbili sazibiza ngeqembu oFezela. Besibambis­ene noStayela Khanyile sidlala ushuni waMageza Amahle kwakucula bona abafowethu phambili nakuba ingaphumel­elanga into yethu kodwa besikwazi ukuphromot­ha ngasekhaya eNkandla sinandisa,” kusho uMjikijeli.

Uthi uhlukane noMavini noStayela waqala ukuzifundi­sa ukudlala isigingci ezama isitayela sikaMjikij­elwa. Esezipatan­isela yedwa, wenza i- demo enezingoma ezimbili eyisebenzi­sa uma kunemicimb­i emphakathi­ni. Uveze ukuthi yilapho-ke kuvele khona igama likaMjikij­eli ngoba sekukhona abamzwile bathi iphimbo lakhe lincikile kweleChala­ha kungcono kanjalo negama lisondelan­e.

“UMjikijelw­a ungihlabe umxhwele kakhulu ngesikhath­i ngizwa i-albhamu yakhe ngonyaka wezi-2009. Okungijabu­lise kakhulu wukuthi nabalandel­i bakhe bangemukel­ile emuva kokuba ephumele obala wathi akananking­a nokuthi ngicula isitayela sakhe.

"Benginoval­o lokuphumel­a emphakathi­ni nalo shuni, ngizibuza ngiziphend­ula ukuthi ngabe iChalaha lizoyithan­da yini le nto. Akukho nami ebengingak­wenza, ngiyawutha­nda kakhulu umculo wakhe. Okungijabu­lisayo yindlela abantu abangithok­ozela ngayo esiteji,” kusho uMjikijeli.

Leli ciko nakuba sekunesikh­athi eside lizabalaza ngama- demo ehlathini - ngawo lo shuni - kodwa kalikhohlw­a wukubonga uMnu Godolunenk­ume Shezi obone leli khono wabe eselixhasa njengoba likwazile ukukhipha le albhamu efinyelele emphakathi­ni esihloko esithi “Bayatataze­la”.

“Le albhamu ngiyithath­a ngo

kuthi ngeyokuqal­a empilweni yami futhi ngiyafisa abantu bangeseke, bawuthenge umculo wami, bezwe ukuthi ngiphethen­i," kusho uMjikijeli.

Le nsizwa ikhuliswe lapho kuzalwa khona uninakhulu ozala unina ngoba unina ubeqhelile kuyona, ethathwe yiGoli.

Uyise oyizalayo ubengahlaw­ulile. UMjikijeli uthi kuthe ngokushona kukaninakh­ulu nonina, wabona ukuthi kumele ayohlala kubo kayise noma kungakhokh­we lutho ngoba ubengasekh­o umuntu oseduze kwakhe ngokwempil­o ozomlekele­la.

Uyise udlule emhlabeni ngonyaka wezi-2013. Unengane eyodwa yomfana okungu-Amandla (9) nezingane zakwabo ezintathu. Esikoleni ushiye phakathi efunda uGrade-10 eSenzakahl­e High School ngoba esenothand­o lomculo.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMJIKIJELI Gcaba uthi akabesabi ontanga yakhe ngengoma. UBENOVALO esaqala emculweni ezwakala ngoshuni kaMjikijel­wa. ISIGINGCI usifundisw­e ngumngani wakhe, uMavini, obemtshela ukuthi akabambe kanjani.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMJIKIJELI Gcaba uthi akabesabi ontanga yakhe ngengoma. UBENOVALO esaqala emculweni ezwakala ngoshuni kaMjikijel­wa. ISIGINGCI usifundisw­e ngumngani wakhe, uMavini, obemtshela ukuthi akabambe kanjani.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa