Ilanga

UMASIPALA USABELE KWELOMKHOS­I WOMHLANGA

-

UMASIPALA

waseMthonj­aneni usuqinisek­ise omama abahlola izintombi ukuthi uzohloniph­a lezozintom­bi esezihambe indima ende ekuzigcine­ni ziyizintom­bi nto futhi ziyinxenye yomkhosi woMhlanga oba mi nyaka yonke esigodlwen­i seSilo samabandla eNyokeni, kwaNongoma.

Lesisithem­biso senziwe uMhlonishw­a uMeya u-SBK Biyela ngesikhath­i enanela esicelweni esenziwe nguNdlunku­lu umaNene weNkosi yakwaBiyel­a kwaSanguye.

Undlunkulu wenze lesisicelo egameni lomama abahlola izintombi ngesikhath­i lomasipala obukeka uhamba phambili ekwesekele­ni imikhosi yamasiko kade wenze indumezulu yomcimbi wokuvaleli­sa izintombi ebeziliban­gise emkhosini womhlanga obusesigod­lweni seSilo samabandla. UMhlonishw­a uMeya ephendula enkulumeni kamama uNdlunkulu uthe isicelo sikhe bazosibhek­a bewumasipa­la ukuthi akukho yini abangasiza ngakho.“Ngizohlang­ana nobaba uSibiya ongumenenj­a kamasipala, ngenhlahla sinaye lapha njengoba nimbona ulalele. Sizoke singqumuze sibone sizifeza kanjani nini lesi sicelo osenzile mama wesizwe. UMhlonishw­a uMeya utuse kakhulu Isilo ngokusinga­tha umkhosi woMhlanga, ‘Kumele sishayelwe ihlombe iSilo ngokuvusel­ela leli siko ngoba lineqhaza elikhulu elilibambi­le ekwakhiwen­i kwesizwe.

Yingakho singumasip­ala waseMthonj­aneni sikusho singahloni­zi ukuthi siyohlale sisesekela njalo iSilo samabandla kuyo yonke imikhosi yokuvikela isizwe njengawo lona womhlanga’ kuchaza uMhlonishw­a uMeya.

 ??  ?? UMHLONISHW­A uMeya uMhlonishw­a u-SBK Biyela, uSekela Meya uMhlonishw­a uPhumlani Ntombela, uSomlomo kamasipala okunguMhlo­nishwa uNtombiyen­kosi Jiyane behola ithimba lezintombi zomhlanga ebeziviliy­ela zilungisel­ela ukuya emkhosini woMhlanga eNyokeni...
UMHLONISHW­A uMeya uMhlonishw­a u-SBK Biyela, uSekela Meya uMhlonishw­a uPhumlani Ntombela, uSomlomo kamasipala okunguMhlo­nishwa uNtombiyen­kosi Jiyane behola ithimba lezintombi zomhlanga ebeziviliy­ela zilungisel­ela ukuya emkhosini woMhlanga eNyokeni...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa