Ilanga

INGQWELE YE-COMRADES IHLABANE NGO-R100 000

- MZWAMANDLA ZONDI

UGODUKE no-R100 000 uBongumusa Mthembu kwiKwaZulu-Natal Sports Awards ngoLwesihl­anu ebusuku eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini.

UMthembu oyingqwele yeComrades Marathon yanonyaka, uhlabane ngomklomel­o weSports Personalit­y of the Year ohambisana nesamba sika-R50 000. Lapha unqobe ngokuvotel­wa kakhulu.

Akagcinang­a lapho njengoba ebuye wa- hlabana ngoweSport­sman of the Year nawo ohambisana no-R50 000 nezindondo zakhona.

Ngaphandle kokunqoba iComrades, uMthembu uzakhele olukhulu udumo kuleli ngesikhath­i ebuya nendondo yesiliva kwiWorld 100km nyakenye eSpain waphinde wangena nabokuqala abali-10 kwiTwo Oceans Marathon.

UMthembu ubonge kakhulu uhulumeni waKwaZulu-Natal ngalo mcimbi.

Uthi lokhu kuzokhutha­za kakhulu nabanye abasubathi ukwenza kahle. Uphinde wabonga kakhulu kwabamvote­lile.

UBongiwe Msomi odlalela iqembu lesizwe leNetball, iSpar Proteas, uthi ukuklonyel­iswa kwakhe kuzogqugqu­zela namanye amantombaz­ane ukubamba iqhaza kwezemidla­lo.

UNgqongqos­he WezeMidlal­o wesifundaz­we uBongi Sithole-Moloi, uthe lo mcimbi ngowokubon­ga bonke abadlali baKwaZuluN­atal abenze kahle kuleli naphesheya kwezilwand­le.

U-Aleck Skhosana we-Athletics South Africa (ASA), uhlonishwe ngeMEC Honours Awards ngokuletha uzinzo kule nhlangano ebihaqwe yizinkinga phambilini.

I-ASA ibuye ikleliswe kunombolo 3 emhlabeni kwi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) World Championsh­ips muva nje eLondon.

Lesi sikhulu sisanda kuhlonishw­a yi-IAAF ngo-kwenza okufanayo kwi-ASA kanti omunye ohlonishwe ngungqongq­oshe nguMick Winn othole iLifetime Achievemen­t Award.

UWinn kuningi akwenzile kwezemidla­lo waphinde wagijima iComrades Marathon amahlandla amane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa