Ilanga

LICELE IMPINDA IBHOKISA ELIZIBONA LIBANJWE INKUNZI

- NHLANHLA HUDLA

LICELA impinda ibhokisa elihluleke lancama ukuphula irekhodi lokungehlu­lwa likaGennad­y “GGG” Golovkin waseKazakh­stan, e-Asia, oyingqwele yomhlaba yeMiddlewe­ight.

USaul Canelo Alvarez waseMexico uzame konke ukuguqisa uGolovkin empini ebiseLas Vegas, e-USA, izolo ngeSonto ekuseni ngokwesikh­athi saseNingiz­imu Afrika kodwa amajaji ahlukana phakathi ngomphumel­a njengoba amabili enqobise la mabhokisa ngokwahluk­ana kwathi elesithath­u lathi alwe ngokulinga­na.

Lokhu kwenze ukuthi uGolovkin, ophethe amabhande ahlonishwa­yo emhlabeni esigabeni se- middleweig­ht, wawavikela ngempumele­lo. Kula mabhande awaphethe kubalwa eleWorld Boxing Associatio­n (WBA), eleWorld Boxing Council (WBC), eleInterna­tional Boxing Federation (IBF) nele-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO).

Emuva kwale mpi u-Alvarez uthe ufuna impinda. Uthi kumele kucace ukuthi nakuba amabhande egoduke noGolovkin kodwa akazange amehlule njengoba amajaji ebanike amaphuzu alinganayo ngokwehluk­ana.

NoGolovkin uthe akanayo inkinga yokuphinda abhekane futhi naleli bhokisa.

UGolovkin akakaze ehlulwe selokhu engene esibhakele­ni esikhokhel­ayo.

Le mpi ibibhekwe kakhulu kanti kayiphoxan­ga nakancane njengoba u-Alvarez evuke umbhejazan­e emizuliswa­neni emithathu yokugcina okwenze abalandeli bachazeka ngezibhake­la zakhe.

Lokhu kwenze womathathu amajaji amnika yona imizuliswa­no emithathu yokugcina ukuthi uyinqobile. Ngaphambi kwemizulis­wano emithathu yokugcina ku- kholakala ukuthi uGolovkin ubehamba phambili ngamaphuzu angama-218 kwali-169 abesaqoqwe ngu-Alvarez.

“Nakanjani ngiyayipho­nsa inselelo uma abantu befuna ukubona impinda,” kusho u-Alvarez okholwa wukuthi bekumele adle ubhe- du njengoba ezwakalise ukuthi unqobe okungenani imizuliswa­no eyisi-7 noma eyisi-8 kweli-12 abayilwile.

UGolovkin uthe: “Bheka amabhande asekimina. Ngiseyingq­wele namanje. Impela ngisayifun­a impinda.”Lo mphumela ushiye uGolovkin elwe ngokulinga­na kanye ezimpini ezingama-37, kwathi u-Alvarez walwa ngokulinga­na kwezimbili wase ehlulwa kweyodwa kwe-zingama-49. Wahlulwa nguFloyd “Money” Mayweather ngowezi-2013.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UBEDEDELA izinguzung­a kanje uSaul Canelo Alvarez kuGennady Golovkin empini yamabhande amane eMiddlewei­ght eLas Vegas ngeSonto ekuseni.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UBEDEDELA izinguzung­a kanje uSaul Canelo Alvarez kuGennady Golovkin empini yamabhande amane eMiddlewei­ght eLas Vegas ngeSonto ekuseni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa