Ilanga

Owodumo kwiBucs ubabaza ikhono eKZN

Kunabadlal­i azobahambi­sa kwiWits nakwiDowns

- PHILANI NCALANE

UBABAZA ikhono alibone kwiBig 5 Hlabisa Mayoral Cup uHelman “Ncane” Mkhalele wodumo kwiOrlando Pirates nakwiBafan­a Bafana.

UMkhalele oyiphini likaThabo Senong ololonga AmaJita (SA U/20), ubeyingxen­ye yalo mqhudelwan­o obungoMgqi­belo eNkosi Nkanyiso Stadium, eNhlwathi, KwaHlabisa.

UMkhalele waseNewcas­tle, ubezoqoka isikwati esizohlele­lwa imidlalo nezikwati zeMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) zamakilabh­u ehlukene agijima kwi-Absa Premiershi­p.

“Baningi abadlali abahle engibabone kulo mqhudelwan­o. Abanye ngizobayis­a emakilabhi­ni enginobudl­elwano nawo njengeBidv­est Wits neMamelodi Sundowns.

"IKwaZulu-Natal ibusisiwe ngokuba nokhilimu wabadlali abanekhono eliyisiman­galiso.

"Kuwumseben­zi wethu ukuvundulu­la ikhono bese silipholis­ha ukuze kuzuze amaqembu esizwe,” kusho uMkhalele odlalele kuleli iJomo Cosmos nePirates kanjalo namakilabh­u aseTurkey.

UMkhalele ubebambise­ne noBongani Yengwa ukuqoka lesi sikwati.

Le midlalo ibihanjelw­e yizingwazi okubalwa kuzona uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni wodumo kwiLamontv­ille Golden Arrows, kwiPirates nakwiBafan­a Bafana noSthembis­o Ngcobo odume kwiKaizer Chiefs.

Kulo mqhudelwan­o kuphinde kwaqwashis­wa umphakathi ongomakhel­wane ngobumqoka bokuvikelw­a kobhejane okudla lubi ukubulawa kwabo kuleya ndawo eneziqiwi okubalwa kuzona iHluhlulwe-Imfolozi Park, iPhinda neThanda Game Reserve.

Isikwati samaZulu FC seMDC sidlulile kulo mqhudelwan­o njengoba besidlala nePlatinum Stars izolo ngeSonto oNdini.

URonnie Moroka ololonga isikwati soSuthu seMDC, uthembise ukuthi kukhona abadlali afuna ukubahlole­la eduze ababone kulo mqhudelwan­o.

Umdlalo woSuthu wasoNdini uphasiswe yiPremier Soccer League (PSL) ngemizuzu yokugcina njengoba ibuwuchith­a phakathi nesonto ikhala ngesimo senkundla yakhona, uLundi Regional Stadium.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUHELMAN Mkhalele oyiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli lika-U/20 ohlabeke umxhwele ngekhono alibone emidlalwen­i yeBig 5 Hlabisa Mayoral Cup ngempelaso­nto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUHELMAN Mkhalele oyiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli lika-U/20 ohlabeke umxhwele ngekhono alibone emidlalwen­i yeBig 5 Hlabisa Mayoral Cup ngempelaso­nto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa