UKhune udalula izinkinga zeChiefs
Ibophele nabadlali abangabazi ubumqoka bebheji
UNOZINTI weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune uveza izinkinga zale kilabhu akholwa wukuthi yizona ezidala ukuba kuhlukumezeke abalandeli bayo.
IChiefs izongqubuzana neMaritzburg United kowe-Absa Premiership ngoLwesithathu ngo19h30 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.
IChiefs iya kulo mdlalo nje, idumaze abalandeli bayo ibamba- na neBidvest Wits ngo-1-1 koweligi ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto.
Okudumaze abalandeli wukuthi iWits igijime isikhathi eside ingasaphelele njengoba kukhishwe ngekhadi elibomvu uNazier Allie ngesiwombe sokuqala.
Kunokuthi iChiefs igadulise le kilabhu kuvele kwabhudubezwa yona kwangathi yiyona eshodayo.
UKhune uveza izinkinga athi yizona eziholela ekutheni le kilabhu ingenzi kahle.
“Kangiphathekanga kahle neze ngendlela esidlale ngayo. Siphisane ngegoli umdlalo usuphelile.
"Kodwa-ke into edala izinkinga wukuthi kunabanye bethu abangazinikele ngokuphelele, abangakuqondi ukubaluleka kwenjabulo yabalandeli bethu nobumqoka bokugqoka leli bheji.
“Nangaphandle nje kwalokho, sinenkinga yokushayelela isipikili. Umdlalo sifike siwuphathe bese sikhavwa ngemizuzu yokugcina. Kuzofanele sishintshe ukwenza uma sesibhekene neMaritzburg ekuhambeni.
"Kuzokuba nzima ukuyehlulela eHarry Gwala.
“Kuzofanele sisebenze ngokwengeziwe uma sifuna ukunqoba lo mdlalo ukuze singeke siphoxe abalandeli bethu engingangabazi ukuthi bazophuma ngobuningi babo ukuzoseseka yize sisenezinkinga,” kusho uKhune owenze umsebenzi oncomekayo evimba amabhola amaningi ayingozi kulo mdlalo weWits.
URichard Ofori (23) ovimbela iMaritzburg, uthi iChiefs ibafice kahle besefomini.
“Okuzokwenza lo mdlalo ube mnandi wukuthi womabili la makilabhu asefomini. Kuzosisiza ukudlala nala makilabhu okuthiwa makhulu kulandelana ngoba kwenza imimoya yethu ihlale iphezulu. Engifuna ukukuqinisekisa wukuthi iChiefs ngeke iphume naphuzu kulo mdlalo, izogoduka ilambatha.
“Ngikulangazelele ukugijima umdlalo wami wokuqala nayo. Iyikilabhu enkulu, nangasekhaya eGhana inabalandeli abaningi, wonke umuntu ukhuluma ngayo. Empeleni intsha eningi eGhana iyafisa ukuyidlalela ngendlela ethandwa ngayo. Njengoba ngizovimba kulo mdlalo nje, ngizokube ngibhekiwe ekhaya ngakho ngifuna ukwenza kahle ngibhekene nayo kangifuni ukuyinika igoli,” kusho u-Ofori.
Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiership ehlelelwe ukugijinywa phakathi nesonto imi ngalolu hlobo:KUSASA NGOLWESIBILI E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Free State Stars 19h30.
ELucas Moripe Stadium: SuperSport United vs Chippa United 19h30 (SS11).
EFNB Stadium: Orlando Pirates vs Cape Town City FC 19h30 (SS4). NGOLWESITHATHU EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Kaizer Chiefs 19h30 (SS4).
EFree State Stadium: Bloemfontein Celtic vs Baroka FC 19h30.
EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Bidvest Wits 19h30 (SS11).
ERoyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Golden Arrows 19h30.