UMICHO UVEZA UKUKHATHAZEKA NGOBENNI
UMILUTIN “Micho” Sredojevic ongumqeqeshi we-Orlando Pirates ukhathazekile ngokungaqondi nqindi nasibhakela ngebhola eligijinywa yiCape Town City abazobhekana nayo kowe-Absa Premiership kusasa ngoLwesibili ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto.
ICity izobhekana nenkunzi yesibili yaseSoweto ezinsukwini eziyisi-7, kwazise ngeledlule ibuyiselwe kwamhlaba iguqiswa okokuqala kule sizini yiKaizer Chiefs kuba ngu-2-0 koweligi eCape Town Stadium. IChiefs ingenye yezinkunzi zaseSoweto.
ICity izotholana neBucs esibukeka isiwalungisile amaphutha ebinawo emuva njengoba isidlala into ehlangene. Nakuba kunjalo kodwa uSredojevic uthi ubona ingozi engase ibhekane nezakhe kulo mdlalo.
“Umqeqeshi weCity, uBenni McCarthy, usemusha ekulolongeni kodwa indlela angenisa ngayo iyathusa. Ngizizwa nginovalo njengo- ba sizodlala naye. Kunzima ukudlala nomqeqeshi osemusha ngoba awuwaqondi kahle amasu eza nawo. NoMcCarthy nje angikaliqondi kahle ibhola lakhe.
“Ngakho-ke kunzima nokwenza ucwaningo ngaye ngoba unezinyanga ezimbalwa esekuqeqesheni kangikholwa nokuthi useyihlanganisile imidlalo eli-10 elolonga. Nokho ngiyamuhlonipha kakhulu futhi siyazi ukuthi uzokuba yingozi nezakhe kodwa nathi siyakudinga ukunqoba lo mdlalo. Sizozama ukuwathatha wonke amaphuzu,” kusho uSredojevic.
UMcCarthy uthi kuduma ikhanda njengoba eya kulo mdlalo.
“Ngendlela imidlalo esondelene ngayo kuvele kuzule ikhanda ukuthi uzoqala ngobani. Kunzima ukubhekana namakilabhu amakhulu esikhathini esifushane kangaka.
"Besisalwa nokususa isithombe sokuhlulwa yiChiefs sekuza iPirates. Kodwa-ke sazikhethela lo msebenzi kufanele siwenze,” kusho uMcCarthy.