Ilanga

OwePirates ulambele ukudlala kwiBafana

UGabuza udalula okumjabuli­sayo kwiBucs

- SENZO SOKHELA

UMGADLI oqavile weOrlando Pirates okhombisa izimpawu zokubuyelw­a yifomu muva nje uzwakalise ukuthi akakalipho­nsi ithawula ngokubuyel­a eqenjini lesizwe likanobhut­shuzwayo laseNingiz­imu Afrika, iBafana Bafana.

UThamsanqa “Gandaganda” Gabuza ongumgadli weBucs akazange abonakale nhlobo koweBafana Bafana lapho igijime khona imidlalo emibili yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba neCape Verde Island emasontwen­i ambalwa edlule ekuhambeni nakuleli.

UStuart Baxter ocija iBafana akazange amfake lo mdlali eqenjini lakhe elihlulwe yiCape Verde ngo-2-1 kuyona yomibili imidlalo. Lo mdlali ekhuluma naleli phephandab­a emuva kokuba ezakhe zibambane neMaritzbu­rg United ngo-0-0 kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesihl­anu ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ulitshele ukuthi usazongqon­gqoza kwiBafana.

“Into engijabuli­sayo njengamanj­e wukuthi ijezi ngiyalitho­la ekilabhini, ithimba labaqeqesh­i nabalingan­i bami bayangesek­a. Okushodayo nje manje wukuthi ngihlohle amagoli, yiwona engiwafuna­yo. Ngikholwa wukuthi yiwona azongivule­la inhliziyo kaBaxter ukuze angibize eqenjini lakhe. Ngisafuna ukudlala kwiBafana ngoba kuningi kabi engisafuna ukukwenzel­a izwe lami,” kusho uGabuza.

Lo mgadli odabuka eMnambithi maphakathi neKwaZulu-Natal isikimu bekuhlala kungesakhe ngesikhath­i iBafana isalolongw­a ngu-Ephraim “Shakes” Mashaba oxoshwe nyakenye esolwa ngokuba luhlaza kubaqashi bakhe, iSouth African Football Associatio­n (Safa).

Into engijabuli­sayo njengamanj­e wukuthi ijezi ngiyalitho­la...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa