Ilanga

UFUNA UKUQOPHA UMLANDO UNXUMALO

- MFANAFUTHI NDLOVU

UZIMISELE ngokuqopha umlando omusha uPrince Nxumalo ( osesithomb­eni) wokuba ngumdlali wokuqala we-Ajax Cape Town ukuhlohla amagoli angaphezul­u kwangama-20 kule sizini kwiPremier Soccer League (PSL).

Uzwakalise ukuthi lokhu kuzomsiza ukubuyela naseqenjin­i lesizwe likanobhut­shuzwayo laseNingiz­imu Afrika, iBafana Bafana, elintula umgadli ongalibhek­i ipali. Lo mdlali uqobele amagoli amabili ezakhe zinquma iPolokwane City ngo-2-0 koweligi ngoLwesihl­anu ebusuku eCape Town.

“Ngiyazi ukuthi wonke umdlali unesifiso sakhe kule sizini kwiPSL. Esami ngesokuhlo­hla amagoli angaphezul­u kwangama-20 kule sizini. Ngiqashelw­e ukuhlohla amagoli vele. Nginezinhl­oso ezinkulu kule sizini njengoba ngifuna nokubuyela eqenjini lesizwe,” kusho uNxumalo odabuka eMlazi eningizimu yeTheku.

Uthi ikhefu abazolitho­la njengoba bengenawo umdlalo phakathi nesonto lizobasiza kakhulu ukulula amamasela ngaphambi komdlalo wangempela­sonto abazowugij­ima neBaroka FC. I-Ajax bekufanele idlale neMamelodi Sundowns ematasa namalungis­elelo omdlalo womlenze wesibili wama- quarter-final eCaf Champions League ezowugijim­a neWydad Casablanca yaseMorocc­o ekuhambeni. IPlatinum Stars isinabapha­thi abasha njengoba kuvele ukuthi seyithengw­e nguThabo Makgatle ongesinye sezinjinga zaseRusten­burg. Kulindele-ke ukuba izikhulu ezintsha zethulwe ngokusemth­ethweni ngoLwesith­athu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kuvelile ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi iPlatinum Stars isikaza ukungena endalini.

Imiphumela yemidlalo yangempela­sonto yeMultiCho­ice Diski Challenge (MDC) imi kanjena: Orlando Pirates Reserves 1, Bloemfonte­in Celtic Reserves 2; Maritzburg United Reserves 2, Mamelodi Sundowns Reserves 0; Free State Stars Reserves 2, Ajax Cape Town Reserves 1; AmaZulu Reserves 1, Platinum Stars Reserves 1; Polokwane City Reserves 1, Bidvest Wits Reserves 2; Kaizer Chiefs Reserves 0, Baroka FC Reserves 1; Cape Town City FC Reserves 2, Golden Arrows Reserves 2; Chippa United Reserves 2, SuperSport United Reserves 0.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa