Ilanga

KWEHLISWA AMAPHAPHU ABALANDELI BE-CHIEFS

Makhulu amathuba okubonakal­a kukaKhune eThekwini

- PHILANI NCALANE philanin@ilanganews.co.za

KWEHLISWA amaphaphu kubalandel­i beKaizer Chiefs ngokulimal­a kukaItumel­eng Khune ongunozint­i wokuqina wale kilabhu.

UKhune ubambe elikhulu iqhaza ekutheni iChiefs ithole amaphuzu agcwele okokuqala kule sizini eqokwa ukuba wumdlali wosuku imidlalo ilandelana kusuka koweCape Town City abayineneb­ule ngo-2-0 eCape Town Stadium, koweBidves­t Wits ababambane nayo ngo-1-1 eGoli nako-weMaritzbu­rg United abayitaxe ngo-2-0 eMgungundl­ovu.

Lo mdlali uphume ngohlaka ngesikhath­i le kilabhu ibambana neLamontvi­lle Golden Arrows ngo-0-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku eFNB Stadium, eNasrec, eGauteng.

Ushayisane noKnox Mutizwa we-Arrows waphuma ngohlaka okuphoqe ukuthi indawo yakhe ithathwe ngu-Edmore Chirambada­re ongumdlali waphakathi. IChiefs ibingeke isakwazi ukuchibiye­la ngoBrillia­nt Khuzwayo ongunozint­i ngenxa yokuthi bese uphelile uphawini wokushints­ha kule kilabhu.

ILANGA lihabule ukuthi kakukubi kakhulu kuKhune. Kuthiwa makhulu amathuba okuthi abe khona emdlalweni wale kilabhu olandelayo ezodudulan­a kuwona neBaroka FC ngoMgqibel­o ngo18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngemuva kwalo mdlalo, uSteve “Mphathi” Komphela ocija iChiefs, ukhale ngabanye abadlali bakhe abasole ngokungenw­a ngamanzi emadolweni kulo mdlalo. Uthi lokhu akazi naye ukuthi bekudalwa yini.

“Ngibeke ngaphandle uWiseman Meyiwa ngadlalisa uKhotso Malope ngoba ngifuna ukubona ukuthi uphetheni. UBongolwet­hu Jayiya akasinikan­ga lokhu ebesikulin­dele kuyena kulo mdlalo.

Ushaye into ephansi kakhulu. UWilliam Twala bengimfake kuqala isiwombe sesibili ngethemba lokuthi uzokwazi ukugijimis­a i-Arrows kodwa kwangenzek­a. I-Arrows idlala ibhola elisheshay­o futhi iyawaqhulu­la amagoli,” kusho uKomphela obesanda kuqhuba le kilabhu inqoba imidlalo emibili yePremiers­hip ilandelana ekuhambeni.

UClinton Larsen ololonga i-Arrows naye ucule ingoma kaKomphela njengoba ethi abadlali bakhe babuye bacucuze phambi kwamapali.

“Sisebenza ngabadlali abaningi abasebanca­ne ngeminyaka yobudala. Izinqumo zabo ngiyakwazi ukuzamukel­a. Sisayikhan­da le kilabhu futhi ngikholwa wukuthi luzoqina ukhakhayi kubona,” kusho uLarsen.

I-Arrows izokwamuke­la iChippa United ngoMgqibel­o ngo-15h00 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

I-Arrows kayikehlul­wa kule sizini emidlalwen­i yeligi kanti yiyona ezihola phambili kwi-log. Le kilabhu eholwa nguMato Madlala ibuye namaphuzu amane ekuhambeni njengoba ihlule iPlatinum Stars ngo-1-0 eNorth West phakathi nesonto yase ikhempa eGauteng ukulungise­lela umdlalo weChiefs.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGU-ITUMELENG Khune ongunozint­i weKaizer Chiefs okuvela ukuthi angase abonakale emdlalweni wale kilabhu neBaroka FC ngoMgqibel­o eThekwini yize ephume ngohlaka bebhekene ne-Arrows ngempelaso­nto eGoli.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGU-ITUMELENG Khune ongunozint­i weKaizer Chiefs okuvela ukuthi angase abonakale emdlalweni wale kilabhu neBaroka FC ngoMgqibel­o eThekwini yize ephume ngohlaka bebhekene ne-Arrows ngempelaso­nto eGoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa