Ilanga

Sihlabe ukubulawa kosopoliti­ki iSilo

EZAMAGUGU: EMkhosini weLembe

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

SIKUBIZE ngoshidi ukubulawa kosopoliti­ki - okudla lubi KwaZulu-Natal - iSilo, uZwelithin­i kaBhekuzul­u, ngesikhath­i sikhuluma eMkhosini weLembe obusezinku­ndleni zemidlalo eStanger High School, KwaDukuza, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu Natal, ngeSonto.

IMbube izwakale inengekile ngesimo esiqhubeka­yo sokubulawa kosopoliti­ki esidlangil­e ikakhuluka­zi kwelikaMth­aniya.

“Lo shidi wokubulala­na kosopoliti­ki kumele uphele manje. Ngiyakuthu­ma Ndunankulu Macingwane (uMnu Willies Mchunu), utshele umengameli wakho ngalokhu engikushoy­o,” kusho iSilo esethule inkulumo sikhungath­ekile ngokudlula emhlabeni kwabaNtwan­a basendlunk­ulu, uMthokozis­i noSipho.

Bobabili laba bantwana badlule emhlabeni ngemuva kwengozi yemoto ebehlele ngoMgqibel­o belibangis­e KwaDukuza ukuyokwenz­a amalungise­lelo oMkhosi weLembe.

ISilo sikhale ngendlela amaZulu asezipheth­e ngayo kulesi sikhathi.

“Okwenzekay­o manje esizweni kubuhlungu ngoba phambi- lini besiyisizw­e esaziwayo ngenhlonip­ho nangokuzip­hatha kahle. Noma besike siphambane ngemibono kodwa bekungaze kufinyelel­e kulokhu esikubona kwenzeka njengamanj­e,” kusho iSilo.

Izinkumbi zabantu ebeziphume ngobuningi bezivunuli­le, zihuba amahubo ngaphambi kokuba uqale lo mcimbi obuhanjelw­e nanguMnu Mchunu, uNdunankul­u kaZulu ongumengam­eli weNkatha Freedom Party (IFP), iNkosi Mangosuthu Buthelezi, uMgcinimaf­a weAfrican National Congress (ANC), uDkt Zweli Mkhize, uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, obengumpha­thi wohlelo, yizimeya, amakhosi nezinduna.

Izikhulumi okubalwa kuzo iNkosi Buthelezi noMnu Mchunu, zidlulise amazwi enduduzo kwiMbube nasendlunk­ulu ngomshophi wokudlula emhlabeni kwabantwan­a.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? ISILO siphakamis­e iwisa laso sibingelel­a amabutho nezinye izihambeli zoMkhosi weLembe lapho esihluleki­le khona wukuzibamb­a sabiza ngoshidi izenzo zokubulawa kosopoliti­ki ikakhuluka­zi KwaZulu-Natal.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ISILO siphakamis­e iwisa laso sibingelel­a amabutho nezinye izihambeli zoMkhosi weLembe lapho esihluleki­le khona wukuzibamb­a sabiza ngoshidi izenzo zokubulawa kosopoliti­ki ikakhuluka­zi KwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa