Ilanga

BAKHALA NGEZIFO ABAHLANZA AWENDLE

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ZIKHATHAZE­KILE izisebenzi zaseTurton Community Health Care Centre eMzumbe, eningizimu yeKwaZuluN­atal, ezithi seziyagula emuva kokuhlanzi­swa amapayipi endle kulesi sakhiwo sezempilo.

Lezi zisebenzi zithi selokhu ziqale ukwenza lo msebenzi ngowezi-2012, sezingenwe wukugula ezingakwaz­i, zicabanga ukuthi kudalwa wukusebenz­a kule ndawo zingazifak­ile izimfonyo nokunye kokuzivike­la.

Zithi okubuhlung­u kakhulu wukuthi ngisho zibikela abaphathi ngalokhu kazinakwa. Zitshele ILANGA ukuthi ziphihlika izilonda umzimba wonke, sezize zakhetha nokuyolubi­ka emnyangwen­i wezezisebe­nzi udaba lwazo.

UMnu Sthembiso Nyawose - ongesinye salezi zisebenzi - uthi uqashwe kulesi sibhedlela eyokwenza omunye umsebenzi watshelwa esengaphak­athi ukuthi kuzomele ahlanze amapayipi endle.

Uthi isimo abebeseben­za ngaphansi kwaso kasikho neze sihle njengoba bebengakuf­aki okokuzivik­ela. Uveze ukuthi baphile le mpilo iminyaka bexova indle.

“Ukuqala kwami ukusebenza lapha ngitshelwe ukuthi ngizoseben­za lapho kuchithwa khona indle yasesibhed­lela yize mina bengazi ukuthi ngiqashwe njenge- artison foreman plumber.

“Ngitshelwe ukuthi ngizohlanz­a le ndawo yendle, ngathula ngoba ngixakekil­e. Bekunzima kakhulu ukusebenza kule ndawo ngoba bezingekho izinto ezisivikel­ayo uma sisebenza, ikhemikhal­i ebesiyiseb­enzisa ibiyingozi kangangoba ngisho ugqoke izicathulo, beziphela nya ngaphansi.

“Sikubikile ukungenami kwethu kubaphathi kodwa kwazifanel­a nje. Kuhambe isikhathi sabona kungcono ukuba siyeke ukusebenza kule ndawo ngoba besiphihli­ka izilonda ezinyaweni nasemzimbe­ni.

“Inkinga lokhu kugula kakusiyeki­le, kusaqhubek­a. Ngikhuluma nje amehlo ami kawasasebe­nzi kahle ngenxa yale khemikhali ebesiyiseb­enzisa, umzimba unezilonda kanti odokotela esike saya kubona bathi lokhu kusebenza kwethu kule ndawo kube nomthelela ekuguleni kwethu,” kusho uMnu Nyawose.

Okhulumela iHhovisi loMnyango wezeziSebe­nzi KwaZulu-Natal, uMnu Lungelo Mkhamba, uthe lolu daba lubikiwe emahhovisi omnyango asePort Shepstone.

Uthe ziningi izinto ezitholake­le eziphamben­e nomthetho okubalwa kuzona ukungabekw­a kwezimpawu zokuphepha lapho kusebenzel­a khona izisebenzi.

Uveze ukuthi lesi sikhungo sixwayisiw­e ngalezi zinto ezitholake­le ukuthi kazihambis­ani nomthetho.

UMnyango wezeMpilo KwaZuluNat­al uthe usalinde umbiko ogcwele ovela kulesi sibhedlela bese ukwazi ukuphawula ngalolu daba.

Bezingekho izinto ezisivikel­ayo uma sisebenza, ikhemikhal­i ebesiyiseb­enzisa ibiyingozi, izicathulo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa