Ilanga

Iphoyisa livuthele impama kowesifaza­ne

EZOMPHAKAT­HI: Uvuma ukwamukela isinxephez­elo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

IGAYA izibozi inhliziyo yowesifaza­ne waseMkhuny­a, eHighflats, eningizimu yeKwaZulu-Natal othi uthelwe phansi ngempama yiphoyisa elisebenze­la esiteshini esiseHighf­lats mhla zingama-27 kuNcwaba (August) kodwa lisazicana­sela, kaliboshiw­e.

UNkk Thembi Mpanza (50), uthi leli phoyisa lesilisa limthele ngolabhabh­a wempama phambi kwezingane zakhe lithi ufihle umsolwa obefunwa ngamaphoyi­sa. Uze ahlengezel­e izinyembez­i uma elanda ngokuhlase­lwa yiphoyisa.

“Ngithe ngizihlale­le endlini yami ngabona amaphoyisa ngapheshey­a kwasekhaya kungathi kukhona lapho efuna khona. Kube sekungena ubaba omncane wezingane zami endlini waphinde waphuma kungakaphe­li sikhathi. Nakhona futhi kanginakan­ga ukuthi kwenzekani, ngiqhubeke nebengikwe­nza nje ngaleso sikhathi,” kusho yena.

Uthi ngemuva kwemizuzu engaphansa­na kweli-10, kutheleke amaphoyisa amabili endlini abuza uyise omncane wezingane zakhe - obekade engene endlini wabuye waphuma. “Ngiwatshel­ile ukuthi impela ungenile endlini waphuma, kangimazi ukuthi ubelibangi­sephi,” kusho yena.

La maphoyisa uthi ahambile abuya esehamba naye uyise omncane wezingane, abuza uNkk Mpanza ukuthi usifihlela­ni isigebengu, uwenzelani izilima. Uthi akakwazang­a ngisho ukuliphend­ula lelo phoyisa ngoba elinye - athi belingayif­akile into ekhombisa igama lalo - limthele phansi ngempama kwangaba ndaba zalutho.

“Ngikhihle isililo ngoba bengingazi ukuthi ngishayelw­ani ekubeni bengikhulu­ma iqiniso ukuthi kangimazi ukuthi uphi lo muntu abemfuna. Okungiphat­he kabi kakhulu wukuthi lingishaye phambi kwezingane zami ezimbili, ezigcine sezikhala ngoba zingazi ukuthi kwenzekani,” kusho yena.

Uthi unikele esiteshini samaphoyis­a eyobika ngokumehle­le. “Umphathi-siteshi ungitshele ukuthi nginelunge­lo lokuvula icala. Ngilivulil­e kodwa kuze kube yimanje kakukaze kwenzeke lutho njengoba ngingazi nokuthi kwenzekani ngalo,” kusho yena.

Uthi ngemuva kokulivula kufike elinye iphoyisa ebeliyotha­tha isitatimen­de kuyena nezingane zakhe ngoba lithi liphenya ngokushayw­a kwakhe.

Utshele ILANGA ukuthi izingane be-zingekho zisesikole­ni, okuthe uma sezibuya, indodakazi yakhe eneminyaka eli-17 ubudala (okungedala), yafika yamtshela ukuthi umseshi ufike esikoleni eyothatha isitatimen­de ngokwenzek­ile wabe esecela yona ukuba ikhulume naye (Nkk Mpanza), ukuba asule icala ngoba uzakwabo uzimisele ngokumnxep­hezela.

UNkk Mpanza uthi ugcine ebuzile ukuthi yimalini leli phoyisa elizimisel­e ngokuyikho­kha kodwa kuze kube yimanje akakayitho­li impendulo. “Bengifuna ukwazi ukuthi uma bekhuluma ngesinxeph­ezelo bakhuluma ngamalini ngoba nami ngingathan­di ukuba (iphoyisa) liphelelwe wumsebenzi njengoba uzakwabo ekhale ngalokho enganeni yami.

"Kuze kube yimanje, kalikaze lisho ukuthi yimalini elizimisel­e ngokungini­ka yona. Nalo icala ngeke ngilesule leli phoyisa linganginx­ephezeleli­le,” kusho uNkk Mpanza. Uthe imali uyithathis­wa wukuthi uxakekile, kodwa kumphathe kabi ukushaywa yiphoyisa engeyena nomsolwa futhi ngenyanga yabesifaza­ne.

“Ungehlise isithunzi ngalokhu akwenzile, ngoba ngixakekil­e, ngingayith­atha imali uma sivumelana bese ngiyalesul­a-ke icala,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uvumile ukuthi icala livuliwe wathi amaphoyisa ayaphenya kodwa bekungakab­oshwa muntu. UMnu Sipho Msimango wenhlangan­o elwela amalungelo omphakathi, iThokoza Organisati­on, osebenzisa­na nalo mndeni, uthi kuyaxaka ukuthi namanje umsolwa akaboshiwe futhi uyaqhubeka nokusebenz­a.

“Lo mndeni wenzelwa phansi ngoba bakhona ofakazi okwenzeke phambi kwabo lesi sigameko. Ngisho nalo leli phoyisa belingaham­bi lodwa. Kuyasixaka-ke thina njengenhla­ngano ukuthi kungani namanje umsolwa engaboshiw­e.

"Sengixhume­ne kaningi nanomphath­isiteshi ngimbuza lokho kodwa angakwazi ukungiphen­dula. Inhlangano yethu ikhonela ukuba abantu besifazane nezingane bangaxhash­azwa,” kusho yena.

 ??  ?? “Mangivale umlomo ngingezwa ngolabhabh­a!”
“Mangivale umlomo ngingezwa ngolabhabh­a!”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa