Ilanga

Isililo ethola igilosa

Lfike nobecula noNcwane

- THANDEKA NGOBESE

KUVUKE iminjunju wadinda isililo unina kaSfiso Ncwane (ongasekho) obeyisihla­bani somculo we- gospel ngesikhath­i enikelelwa ngegilosa ngumculi obeyibambe noSfiso, uNkosi Nhlumayo, waseMgabab­a, eningizimu yeTheku.

UNkz Fikile Ncwane waseMthwal­ume, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal, wehluleke nawukuziba­mba ngoLwesihl­anu, washo phezulu ngengila ebona igilosa igcwele imoto.

Ekhuluma neLANGA , uthe inhliziyo yakhe ivele ibe buhlungu uma ebona ukuthi kukhona abasamkhat­halele kulokhu kuhlukumez­eka okungaka akutholile eshiywa yindodana yakhe ngokukhulu ukuzuma. “Selokhu wahamba uSfiso, ngiphila kanzima ngemali yempesheni.

"Ngisho ngiphukelw­e yisicabha ngilala kunjalo ngoba akasekho ebengikhal­a kuyena ngibone esefika nalokho engikuceli­le. Kwesinye isikhathi ngize ngifise ukuthi ngabe kungcono ukuba kwafa mina ngoba yena wayengeke ahluleke wukunakeke­la izingane zakwabo.

"Okungizwis­a kakhulu ubuhlungu wukuthi nale gilosa ngiyitheng­elwe ngumuntu obephila noSfiso, okusho ukuthi indodana yami ibingelona usizo lapha ekhaya kuphela, kodwa ibiwusizo emhlabeni wonke.

"Lokhu kudla kufike ngesikhath­i engikuding­a ngaso kakhulu, ngiyabonga, ngiswele imilomo eyizinkulu­ngwane. Ukhule Nkosi mfana wami, ngikufisel­a impumelelo yodwa nasemculwe­ni wakho,” kusho uNkz Ncwane.

UNkosi uthi uNkz Ncwane usefana nonina kuyena kwazise uSfiso ubesefana nomfowabo.

“Ngiqala ukuhlangan­a noNcwane, bengisafik­a emculweni ngowezi-2004 ngicula nekhwaya yangakithi, i-Ukukhanya Gospel Group. Besisemcim­bini wokuvumbul­ula amakhono ehholo lase-Adams.

"UNcwane ubengeliny­e lamajaji kulo mcimbi okuthe uma sesiqedile ukucula, sekuyisikh­athi sekhefu, wangibizel­a eceleni wathi ‘hheyi wena akufanele ngabe ula ngendlela onekhono ngayo’. Siqalile sasebenza ngakhipha i-albhamu yami yokuqala. Ungihlanga­nise nabantu, wahamba nami uma eyocula.

"EBotswana naseSwazin­i ngikwazi nje, kungenxa kaNcwane. Ungifundis­e izinto eziningi emculweni, wukuhlonip­ha abantu, wukuhlonip­ha umsebenzi esiwenzayo nokugqoka kahle imbala ngikufundi­swe nguyena.

"Ngilapha nje, ngizobona umama wethu, naye uNcwane esaphila ubehlale engitshela ukuthi noma ngingaphum­elela kanjani kodwa ngingakhoh­lwa yimuva lami. Kulokhu okuncane engikuthol­ile ngibone kungcono ngiphe isalukazi sami,” kusho uNkosi.

Lo mculi usekhiphe amaalbhamu amathathu, kumanje umatasa upheka eyesine estudiyo okulindele­ke ukuba iphume ekuqaleni konyaka ozayo.

Uthi abantu bazobhema bakholwe kule albhamu njengoba ezokwenza nengoma ezobe ikhuluma ngoNcwane. Upotshozel­e leli phephandab­a ukuthi usezinhlel­weni zokubopha ifindo noMaMzulwi­ni naye ongumculi.

Kokuncane engikuthol­ayo ngibone kungcono ukuba ngiphe isalukazi sami.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? UKHALE mi izinyembez­i uNkz Fikile Ncwane ongunina kaSfiso Ncwane (ongasekho) enikelelwa ngegilosa nguNkosi Nhlumayo ongumculi we-gospel obeyibambe nendodana yakhe, uSfiso, emculweni.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU UKHALE mi izinyembez­i uNkz Fikile Ncwane ongunina kaSfiso Ncwane (ongasekho) enikelelwa ngegilosa nguNkosi Nhlumayo ongumculi we-gospel obeyibambe nendodana yakhe, uSfiso, emculweni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa